YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 50

50
Ukukhonza UNkulunkulu Ngeqiniso
Ihubo lika-Asafa
1UNkulunkulu uMninimandla wonke,
uSimakade uyakhuluma,
ubiza umhlaba kusukela
ekuphumeni kwelanga lize liyoshona.
2EseZiyoni, ekupheleleni kobuhle bakhe,
uSimakade uqhakazile.
3UNkulunkulu wethu uyeza, akayukuthula,
phambi kwakhe kunomlilo oqothulayo,
uphahlwe yisivunguvungu esinamandla.
4Ubiza izulu ngaphezulu nomhlaba,
ukuba ahlulele isizwe sakhe:
5“Buthelani kimi abathembekileyo bami,
abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.”
6Amazulu amemezela ngokulunga kwakhe,
ngokuba uNkulunkulu ungumehluleli. Sela
7“Lalelani, bantu bami, ngizokhuluma,
Israyeli, ngizomelana nani.
NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho.
8Ngenxa yemihlatshelo yakho, angiyukukujezisa,
ngokuba iminikelo yakho yokushiswa
iphambi kwami njalo.
9Angiyukuthatha nkunzi endlini yakho,
nampongo ezibayeni zakho,
10ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi,
nezinkomo eziyizinkulungwane ezisezintabeni.
11Ngizazi zonke izinyoni ezisezintabeni,
nezilwane zasendle zaziwa yimi.
12Ukuba bengilambile, bengingeke ngitshele wena,
ngokuba ungowami umhlaba wonke,
nakho konke okukuwo.
13Mina ngizokudla inyama yezinkunzi,
ngiphuze igazi lezimpongo na?
14Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga,
uzifeze izithembiso zakho kuye Ophezukonke,
15ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula,
wena uyakungidumisa.”
16Kepha komubi, uNkulunkulu uthi:
“Yini ukuba ushumayele ngezimiso zami,
ukhulume ngesivumelwano sami,
17ingani uyakuzonda ukuyalwa,
amazwi ami uwabukela phansi na?
18Uma ubona isela,
uvumelana nalo,
neziphingi uhlanganyela nazo.
19Umlomo wakho uwuyekela ebubini,
ulimi lwakho lubopha inkohliso.
20Uhlala ugxibha umfowenu,
unyevuza indodana kanyoko.
21Lokho ukwenzile, ngathula,
ushaye sengathi Mina nginjengawe;
ngizakukusola, ngikubeke icala.
22“Nina enikhohlwa nguNkulunkulu,
kuqapheleni lokho,
funa nginidwengudwengule,
kungabi bikho onisindisayo.
23Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa,
oqaphela indlela yakhe
ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”

Currently Selected:

AMahubo 50: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in