YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 35

35
Umkhuleko Wocela Ukusindiswa Ezitheni
ElikaDavide
1Phikisana, Simakade, nabangiphikisayo,
yilwa nabalwa nami.
2Thatha ihawu nesihlangu,
usukume ungisize.
3Hosha umkhonto wakho,
uvimbe endleleni yabangizingelayo,
yithi enhliziyweni yami:
“Mina ngiyinsindiso yakho.”
4Mabajabhe, balulazeke abazingela ukuphila kwami.
Mababuyiselwe emuva benxothozela
abaceba okubi ngami.
5Mababe njengamakhoba epheshulwa ngumoya;
ingelosi kaSimakade ibadudule.
6Indlela yabo mayibe mnyama, ishelele,
ingelosi kaSimakade ibahubhe.
7Ngokuba bangakhele ugobe ngaphandle kwesizathu,
bayimbele umgodi impilo yami
ngaphandle kwesisusa.
8Mabehlelwe yinhlekelele bengazelele,
ugibe abangigodlele lona
kukhalakathele bona kulo, babhujiswe.
9Khona umphefumulo wami
uzakwethaba kuSimakade,
uthokoze ngokusindisa kwakhe.
10Amathambo ami wonke athi:
“Simakade, ngubani onjengawe,
Wena ukhulula abantekenteke
kulabo abanamandla kunabo;
ohluphekayo nontulayo,
kulowo omphangayo.”
11Ofakazi abaningi abayizidlova bangivukele,
bangibuza ngezinto engingazaziyo.
12Okuhle engikwenzile bakubuyisela ngokubi,
inhliziyo yami bayiswabisile.
13Kepha mina ngesikhathi begula,
ngangembethe ingubo eyisaka,
ngazihlupha ngokuzila ukudla,
ngakhuleka ngigobodisile,
ngaqinisela ekubakhulekeleni.
14Ngangehla ngenyuka, kungathi ngizilele
umngani noma umfowethu,
ngakhothama, ngilila njengomuntu osebuhlubungwini
bokufelwa ngunina.
15Kepha ekukhubekeni kwami, babuthana,
bahlekisa ngami;
ophumasilwe engingabazi bangithelekela,
bangishaya bangayeka.
16Njengabantelayo abangakholwa,
bangigedlela amazinyo.
17Nkosi kuyoze kube nini ubukela na?
Sindisa impilo yami ebudloveni babo,
ukuphila kwami emabhubesini!
18Ngizokubonga ebandleni elikhulu,
ngikudumise phakathi kwabantu abaningi.
19Mazingajabuli ngami izitha zami
eziphafuza amanga ngami,
nalabo abangizondela ize bacife amehlo.
20Ngokuba abalukhulumi uxolo,
kepha baceba amacebo okukhohlisa,
babaqambele amanga abahleli ngokuthula emhlabeni.
21Banginkonkozela kakhulu, bethi:
“Ashila, ashila, besivele sibona!”
22Simakade, uyakubona;
mawungathuli, Nkosi,
mawungabi kude nami.
23Phakama, usukumele ukwehlulelwa kwami,
uyimele indaba yami,
Nkulunkulu wami, Nkosi yami!
24Simakade Nkulunkulu wami
ngahlulele ngokulunga kwakho,
mabangathabi ngami.
25Bangathi ezinhliziyweni zabo:
“Ehhe, kuye ngesifiso sethu!”
“Simgwinyile.”
26Makuthi bonke labo
abathabela okubi okungehlele,
bahlazeke, badumale.
Makuthi labo abazikhukhumeza ngami,
bathelwe ngehlazo,
bajabhe, balulazeke.
27Mabethabe, bajabule abathokoza
ngokulunga kwami;
mabathi njalo njalo:
“Makadunyiswe uSimakade othokoza ngenhlalakahle
yenceku yakhe.”
28Ulimi lwami luzoshumayela ngokulunga kwakho
nangodumo lwakho, usuku lonke.

Currently Selected:

AMahubo 35: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in