YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 26

26
Umkhuleko Wohlushwa Engenacala
ElikaDavide
1Ngahlulele, Simakade,
ngokuba ngihamba ngobuqotho,
ngethembele kuwe
angaze ngangabaza.
2Ngivivinye, Simakade,
ungihlolisise,
hlola izizindlo zenhliziyo yami,
nengqondo yami.
3Ngokuba isihawu sakho siphambi kwami,
ngihamba ngeqiniso lakho.
4Angihlali nabantu bamanga,
angihambelani nezimbulu.
5Ngiyawuzonda umgwamanda
wabenza okubi,
futhi ngeke ngihlale nezikhohlakali.
6Ngigeza izandla zami ngingenacala,
ukuze ngizungeze i-althare lakho, Simakade,
7ngimemezele ihubo lokubonga,
ngilandise ngazo zonke
izimangaliso zakho.
8Simakade, ngiyithanda kakhulu
indlu ohlala kuyo,
nendawo lapho kuhlala
khona inkazimulo yakho.
9Ungangilahli kanye nezoni,
nomphefumulo wami kanye nabantu
abalambele igazi,
10abazandla zabo zingamathuluzi enkohlakalo,
esokunene sabo sigcwele imifumbathiso.
11Kepha mina ngihamba ngobuqotho;
ngikhulule, ube nomusa kimi.
12Unyawo lwami lumi endaweni ehlelembekile;
ngisebandleni, ngizomdumisa uSimakade.

Currently Selected:

AMahubo 26: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in