YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 142

142
Umkhuleko Wocela Ukuhlengwa Kwabamzingelayo
IMaskili likaDavide esemhumeni. Umkhuleko
1Ngezwi lami ngikhala kuSimakade,
ngezwi lami nginxusa uSimakade.
2Isikhalo sami ngisithulula phambi kwakhe,
ngimtshela ngenhlupheko yami.
3Lapho umphefumulo wami udangala,
Wena uyayazi indlela yami,
endleleni engihamba ngayo, bangithukusele ugibe.
4Bheka ngakwesokunene sami,
uyabona, akukho namunye onginakekelayo,
angisenasiphephelo,
akekho osawukhathalela umphefumulo wami.
5Ngikhala kuwe Simakade, ngithi:
“Wena uyisiphephelo sami
nesabelo sami ezweni labaphilayo.”
6Kulalele ukukhala kwami,
ngokuba ngicindezeleke kakhulu,
ungihlenge kwabangizingelayo,
ngoba banamandla kunami.
7Umphefumulo wami ukhulule ejele,
ukuze ngibonge iGama lakho.
Abalungileyo bayongizungeza,
ngoba uzongiphatha kahle.

Currently Selected:

AMahubo 142: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in