YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 108

108
Umkhuleko Wokunqoba Izitha
Ihubo likaDavide
1Inhliziyo yami yethabile,
Nkulunkulu, ngizohlabelela,
ngihube ngakho konke okwami.
2Vukani, lugubhu nehabhu!
Ngizakuvusa ukusa.
3Simakade ngizokubonga phakathi kwabantu,
ngikudumise phakathi kwezizwe,
4ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwamazulu,
ukwethembeka kwakho kufinyelela emafini.
5Phakama Nkulunkulu, phezu kwamazulu!
Mayibe phezu komhlaba wonke
inkazimulo yakho.
6Abathandekayo bakho mabakhululwe,
sindisa ngesandla sakho sokunene, ungiphendule.
7UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi:
“Ngiyakwethaba,
ngiyakulidabula iShekhemi,
ngisilinganise isigodi iSukhothi.
8Ngowami uGileyadi,
ngowami uManase,
u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami,
uJuda uyintonga yami yokubusa.
9UMowabi uyisitsha sami sokugezela;
phezu kuka-Edomi
ngiphonsa isicathulo sami;
phezu kweFilistiya,
ngimemeza ngokunqoba.”
10Ngubani oyakungiyisa emzini oyinqaba na?
Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na?
11Akunguwe yini Nkulunkulu osilahlileyo na?
Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.
12Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni,
ngokuba ukusiza komuntu kuyize.
13NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla,
Yena uyofihliza izitha zethu.

Currently Selected:

AMahubo 108: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in