YouVersion Logo
Search Icon

IZaga 27

27
Amazwi Ezihlakaniphi: Isigaba Sesithathu (3)
1 Ungazigabisi ngekusasa,
ngoba awazi ukuthi usuku lukuphatheleni.
2 Mawutuswe ngomunye,
kungabi ngowakho umlomo;
kube ngumfokazi,
hhayi izindebe zakho.
3 Itshe liyasinda
nesihlabathi sinzima,
kodwa ukuchukuluza kwesiwula
kusinda ukwedlula kokubili.
4 Ulaka lungulunya
nentukuthelo iyisikhukhula,
kepha ngubani ongema phambi komhawu na?
5 Ukusola okusobala kungcono
kunothando olufihliweyo.
6 Amanxeba adalwe ngumngani anokwemukeleka
kunokwanga okuningi kwesitha.
7Umphefumulo osuthi uyacikwa wuju,
kodwa emphefumulweni olambileyo,
ngisho okubabayo imbala, kumnandi.
8 Njengenyoni esuka ibaleka esidlekeni sayo,
unjalo umuntu obalekele indawo yakhe.
9 Amafutha namakha kuyayithokozisa inhliziyo,
kodwa umphefumulo
udabukiswa yinhlupheko.
10 Ungamlahli umngani wakho noma okayihlo;
ungabalekeli endlini yomfowenu ngosuku lwenhlekelele.
Ungcono umakhelwane oseduze
kunesihlobo esihlala kude.
11 Ndodana yami, hlakanipha,
uthokozise inhliziyo yami
ukuze ngiphendule ongisolayo.
12 Ohlakaniphile uyabubona ububi, acashe,
kodwa abangenalwazi bayaqhubeka,
bese beyajeziswa.
13 Thatha ingubo yalowo oyisibambiso somfokazi,
umbambe abe yisibambiso omela abezizwe.
14Obusisa umakhelwane ngokubanga umsindo
evuka ekuseni,
kuyobalelwa kuye, kube yisiqalekiso.
15 Owesifazane obeleselayo ufana nemvula engumvimbi.
16Ukumvimba kufana nokuvimba umoya,
nokubamba amafutha.
17Insimbi ilola enye insimbi,
nomuntu usizwa ngabanye.
18 Olonda umkhiwane uyakudla izithelo zawo;
novikela inkosi yakhe, uyakuhlonishwa.
19Njengamanzi ekhombisa ubuso,
injalo nenhliziyo yomuntu komunye.
20 Indawo yabafileyo nokubhubha akusuthi,
namehlo omuntu awasuthi.
21 Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva,
nesithando somlilo singesegolide;
kanjalo umuntu unjengodumo lwakhe.
22 Noma ungasigqula esigqulweni isiwula,
usisile ngembokodo etsheni,
kepha ubuwula baso abuyukusuka kuso.
23 Yazi nokwazi ukuma kwezimvu zakho,
ubeke inhliziyo yakho emihlanjini yakho.
24 Ngokuba ingcebo ayiyukuhlala
kuze kube phakade;
nomqhele uyakuhlala yini
izizukulwane ngezizukulwane na?
25 Lapho utshani bushabalala, kuhluma obusha,
bese kukhiwa imifino ezintabeni,
26izimvu zingezokuba
wembathe, nezimbuzi ukuba
zibe yintengo yensimu.
27Kuyakuba khona ubisi lwezimbuzi olwanele,
ukuba lube ukudla kwakho
nokudla kwendlu yakho,
kwamantombazana akho.

Currently Selected:

IZaga 27: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in