YouVersion Logo
Search Icon

IZaga 12

12
Indlela Yokulunga Nendlela Yobubi (3)
1 Othanda ukuyalwa uthanda ulwazi,
kodwa ozonda ukusolwa uyisiwula.
2 Umuntu owenza kahle uthola umusa kuSimakade,
kepha onamacebo amabi uyamlahla.
3 Umuntu akanakuma ngenkohlakalo,
kepha impande yabalungileyo ayiyukunyakaziswa.
4 Owesifazane okhutheleyo ungumqhele kumyeni wakhe,
kepha ohlazisayo ufana nokubola
emathanjeni omyeni wakhe.
5Amacebo abalungileyo angubulungiswa,
kepha izeluleko zababi ziyinkohliso.
6 Amazwi ezikhohlakali aqamekela ukuchitha igazi,
kepha umlomo wabaqotho uyabahlenga.
7 Izikhohlakali ziyobhujiswa, ziphele nya,
kodwa indlu yabalungileyo iyokuma njalo.
8Umuntu utuswa ngokuhlakanipha kwakhe,
kepha onhliziyo iphambene uyadelelwa.
9Kungcono ukuba ngodelelekile
kodwa ube nenceku,
kunokuba ngoziqhakambisayo ube weswele ukudla.
10 Olungileyo uyayinakekela impilo yesilwane sakhe,
kepha isihe sezikhohlakali siwulunya.
11 Olima insimu yakhe uyodla asuthe,
kodwa olandela amayiyane akanangqondo.
12 Isikhohlakali silangazelela impango yababi,
kepha impande yabalungileyo iyathela.
13 Omubi ubanjwa ukuphambuka kwakhe
kwakusho ngomlomo wakhe,
kodwa olungileyo uyaphuma enkathazweni.
14 Umuntu uyasutha ngokuhle okuyisithelo somlomo wakhe,
nemisebenzi yezandla zakhe imlethela inzuzo.
15 Indlela yesiwula ibukeka ilungile emehlweni aso,
kepha lowo olalela iseluleko uhlakaniphile.
16 Isiwula sikukhombisa masinyane
ukuthukuthela kwaso,
kodwa onengqondo uyalifihla ihlazo.
17 Okhuluma ukwethembeka umemezela ukulunga,
kepha ufakazi wamanga ukhuluma inkohliso.
18 Ukukhuluma kwabanye ngokuhlaphaza
kufana nokuhlaba kwenkemba,
kodwa ulimi lwabahlakaniphileyo luyaphilisa.
19 Izindebe ezikhuluma iqiniso
ziyakuma kuze kube phakade,
kepha ulimi lwamanga lungolomzuzwana nje.
20Kunokukhohlisa ezinhliziyweni zabaceba okubi,
kepha ukuthula nenjabulo kukubaluleki beqiniso.
21 Olungileyo akayukwehlelwa nangokukodwa okubi,
kepha izikhohlakali zigcwele ukukhathazeka.
22 Izindebe ezikhuluma amanga
ziyisinengiso kuSimakade,
kodwa abenza iqiniso bayintokozo yakhe.
23 Umuntu ohlakaniphileyo uyalufihla ulwazi,
kepha izinhliziyo zeziwula ziphafuza ubuwula.
24 Isandla sabakhuthele siyobusa,
kodwa amavila ayophoqwa ukusebenza.
25 Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayidangalisa,
kepha izwi elihle liyayithokozisa.
26Olungileyo ungumholi womngani wakhe,
kepha indlela yezikhohlakali iyazidukisa.
27 Ivila aliyosi inyamazane yalo,
kodwa okhuthele unengcebo eningi.
28Endleleni yokulunga kunokuphila,
emikhondweni yakho akukho ukufa.

Currently Selected:

IZaga 12: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in