YouVersion Logo
Search Icon

KuFilemoni 1

1
Isibingelelo
1 UPawula, isiboshwa sikaKhristu uJesu noThimothewu umzalwane, kuFilemoni isithandwa nesisebenzi kanye nathi, 2 naku-Afiya udadewethu no-Arkhiphu obutho linye nathi, nasebandleni elibuthanela emzini wakho: 3 makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu.
Uthando Nokukholwa KukaFilemoni
4 Ngiyambonga uNkulunkulu wami njalo lapho ngiphatha igama lakho emkhulekweni wami, 5ngokuba ngiyezwa ngothando nokukholwa onakho eNkosini uJesu, nakubo bonke abangcwele. 6 Ngikhulekela ukuba ukwabelana ngokholo lwakho kungaba nempumelelo lapho ubona konke okuhle esinakho kuKhristu. 7 Uthando lwakho lwangithokozisa kakhulu futhi lwangigqugquzela, ngokuba izinhliziyo zabangcwele zivuselelekile ngawe mfowethu.
UPawula Ukhulumela U-Onesimu
8 Ngakho-ke nanxa nginesibindi esikhulu kuKhristu ukukujuba ukuba wenze okufaneleyo, 9 nokho kungcono ukuba, ngenxa yothando, mina Pawula, osemdala futhi oyisiboshwa sikaKhristu uJesu, ngikuncenge. 10 Ngikuncenga ngomntanami u-Onesimu, engimzale njengoba ngiboshiwe. 11Wayekade engenamsebenzi walutho kuwe, kodwa manje uselusizo kithi sobabili. 12Ngimthumele kuwe, yena oyinhliziyo yami, 13 ebengifisa ukumgcina ahlale lapha ukuze angisize esikhundleni sakho, njengoba ngisaboshwe ngenxa yevangeli. 14 Kepha angithandanga ukwenza utho ngaphandle kwemvume yakho, ukuze okuhle okwenzayo kungabi ngokuphoqwa, kodwa kube ngokuthanda kwakho. 15 Mhlawumbe yingakho nehlukana okwesikhashana, ukuze abuyele kuwe, abe ngowakho kuze kube phakade, 16 engaseyiso isigqila, kodwa okungaphezu kwesigqila, esengumzalwane othandekayo kimi, kakhulu kangakanani kuwe, enyameni naseNkosini.
17 Ngakho-ke uma singababambisene, memukele yena kungathi wemukela mina. 18Kepha uma kukhona akone ngakho noma anecala kuwe ngakho, kubalele kimi lokho. 19 Mina, Pawula, ngikulobele ngesandla sami, ngiyakukubuyisela, ukuze ngingasho kuwe ukuthi unecala kimi ngoba oyikho, uyikho ngami. 20Yebo, mfowethu, sengathi ngingakufumana lokhu kuwe eNkosini. Hlumelela inhliziyo yami kuKhristu.
Isiphetho
21 Ngikulobela lokhu ngoba ngineqiniso lokuthi uzongilalela, ngiyazi futhi ukuthi engikushilo ngenhla uzokwenza. 22 Okunye-ke ngilungiseleni indawo lapho ngizogogobala khona, ngoba ngiyethemba ukuthi ngenxa yemikhuleko yenu, ngizobuyiselwa kini. 23 Uyakhonza u-Ephafra, engiyisiboshwa kanye naye ngenxa kaKhristu uJesu, 24 kanjalo noMakhu, u-Aristakhusi, uDema noLuka, esibambisene nabo emsebenzini.
25 Umusa weNkosi yethu uJesu Khristu mawube nomoya wenu.

Currently Selected:

KuFilemoni 1: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy