YouVersion Logo
Search Icon

U-Obhadiya 1

1
Isiphrofetho Ngo-Edomi
1Umbono ka-Obhadiya. Isho kanje iNkosi uSimakade ngo-Edomi, ithi: Sizwile umbiko ovela kuSimakade ngesithunywa esithunywe kwabezizwe ukuthi: “Vivani, masimhlasele.”
2Uyabonake, ngiyakukwenza ube mncane kwabezizwe;
ubukelwe phansi ngokwedlulele.
3Ukuqhosha kwenhliziyo yakho kukukhohlisile
wena ohlala emifantwini yamadwala,
ondawo yakho iphezulu,
othi enhliziyweni yakho:
Ngubani nje ongangehlisela phansi emhlabeni na?
4Noma ungaphakama njengokhozi,
noma ngabe isidleke sakho
singakhiwa phakathi kwezinkanyezi,
ngiyakukwehlisa khona lapho, kusho uSimakade.
5Uma uthelekelwa ngamasela,
nabaphangi ebusuku,
uyakuphundlwa kangakanani!
Abayukweba yini bazanelise bona na?
Uma abavuna izithelo zomvini begaleleka kuwe,
abayukuwushiya yini umkhothozo na?
6Maye, ngokuphundlwa kuka-Esawu,
nokuvundululwa komcebo wakhe obufihliwe!
7Bonke owenze isivumelwano nabo
bayakukuxoshela emingceleni;
abantu obuhleli nabo ngokuthula
bayakukukhohlisa,
bakunqobe;
labo obudla isinkwa sakho nabo
bayakubeka ugibe phansi kwakho;
akekho oluqondayo.
8Ngalolo lusuku, angiyubaqeda yini nya
abahlakaniphileyo kwa-Edomi,
nokuqonda entabeni yakwa-Esawu na? kusho uSimakade.
9Amaqhawe akho, Themani, ayakuthuthumela,
ukuze kube yilowo nalowo
abulawe ngokunqunywa entabeni yakwa-Esawu.
10Ngenxa yobudlova obenziwa kumfowenu uJakobe,
uyakuthelwa ngehlazo,
kuqedwe nya ngawe unomphelo.
11Phela ngosuku owamela kude ngalo,
mhla abafokazi bephanga umcebo wakhe,
nabezizwe betheleka emasagweni akhe,
benza unkatho ngeJerusalema,
nawe wawufana nomunye wabo.
12Kodwa kwakungafanele uthokoze ngosuku lomfowenu
mhla evelelwa yishwa.
Kwakungafanele ujabule mayelana nabantu bakwaJuda
ngosuku lokubhujiswa kwabo.
Kwakungafanele ubhuqe ngomlomo wakho
ngosuku losizi.
13Kwakungafanele ungene ngesango labantu bami
mhla bevelelwa yinhlekelele.
Kwakungafanele futhi ubuke nje usizi lwabo
mhla bevelelwa yisigemegeme,
Kwakungafanele welule isandla sakho
uthathe umcebo wakhe
mhla evelelwe yinhlekelele.
14Kwakungafanele ume ezimpambanweni zemigwaqo
ukuba unqume abakubo abaphunyukileyo.
Kwakungafanele ukhaphele abasindileyo bakubo
ngosuku losizi.
15Ngokuba usuku lukaSimakade selusondele
kuzo zonke izizwe;
njengoba wena wenze kanjalo
kuyakwenziwa kanjalo nakuwe.
Izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.
16Impela njengoba niphuzile
entabeni yami engcwele,
zonke izizwe ziyakuphuza zingaphezi,
ziphuze, zigwinye,
kube sengathi azizange zibe khona.
17Kepha entabeni iZiyoni kuyakuba ukuhlengwa,
iyakuba yindawo engcwele,
nabendlu yakwaJakobe
bayakudla ifa lababaphangileyo.
18Abendlu yakwaJakobe bayakuba ngumlilo,
abendlu kaJosefa babe yilangabi,
kuthi abendlu ka-Esawu babe ngamabibi,
bayakuwashisa, aphele nya;
akuyukusinda namunye kwabendlu ka-Esawu,
ngokuba uSimakade usekhulumile.
19Abantu baseNegevu bayakudla intaba ka-Esawu,
kuthi abaseShephela badle elamaFilisti,
elakwa-Efrayimi nelaseSamariya,
abakwaBhenjamini badle iGileyadi.
20Isigejana sabantu bakwa-Israyeli
esisekudingisweni eKhanani
kuze kube seZarefathi,
nabathunjwa baseJerusalema abaseSefaradi
bayakudla imizi eNegevu.
21Abahlengi bayakukhuphukela entabeni iZiyoni,
babuse elezintaba kwa-Esawu.
Umbuso uyakuba ngokaSimakade.

Currently Selected:

U-Obhadiya 1: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in