INumeri 7
7
Izipho Ezinikelwa Yizikhulu KuSimakade
1 Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa ithabanakeli, waligcoba, walingcwelisa nayo yonke impahla yalo; wagcoba, wangcwelisa i-althare, nazo zonke izitsha zalo. 2 Izikhulu zakwa-Israyeli, izinhloko zezindlu zawoyise nabaholi bezizwe ababebekwe phezu kwababalwayo, zenza umnikelo. 3 Zaletha iminikelo yazo kuSimakade: izinqola eziyisithupha ezazimboziwe nezinkabi ezili-12, inqola eyodwa yabaholi ngababili nenkabi kumholi ngamunye, zakwethula kuSimakade. 4USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 5“Zemukele kuzo lezo zipho, ukuze zenze umsebenzi wokukhonza ethendeni lokuhlangana, uyozinika abaLevi kube yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe.”
6UMose wathatha izinqola nezinkabi, wakunika abaLevi. 7 Izinqola ezimbili nezinkabi ezine wakunika abozalo lukaGereshoni ngokomsebenzi wabo. 8 Izinqola ezine nezinkabi eziyisishiyagalombili wakunika abozalo lukaMerari ngokomsebenzi wabo, ababephethwe ngu-Ithamari, indodana ka-Aroni, umphristi. 9 Abozalo lukaKhohathi abanikwanga lutho, ngokuba inkonzo yendlu engcwele yayingeyabo; isemahlombe abo.
10 Abaholi baletha futhi iminikelo yokungcweliswa kwe-althare ngosuku olwalumiselwe lokho. Abaholi bayiletha iminikelo yabo phambi kwe-althare, 11uSimakade wathi kuMose: “Yilowo nalowo mholi uyakunikela ngomnikelo wakhe ngosuku lwakhe, ube ngowehlukaniselwe ukubusiswa kwe-althare.”
12Ngosuku lokuqala uNaheshoni, indodana ka-Aminadaba wesizwana sakwaJuda, waletha umnikelo wakhe.
13Wanikela ngoqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu, 14isitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho, 15iduna, inqama, nemvu yeduna enonyaka, ukuze kube ngumnikelo wokushiswa, 16nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono. 17Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa nguNaheshoni, indodana ka-Aminadaba.
18Ngosuku lwesibili kwanikela uNethaneli, indodana kaZuwari, umholi wabozalo luka-Isakhare.
19Wanikela ngesitsha sesiliva, isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu, 20nesitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho, 21induna, inqama nemvu yeduna enonyaka ukuze kube ngumnikelo wokushiswa, 22nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono. 23Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa nguNethaneli, indodana kaZuwari.
24Ngosuku lwesithathu kwanikela u-Eliyabe, indodana kaHeloni, umholi wabozalo lukaZebuloni.
25Wanikela ngesitsha sesiliva, isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu, 26nesitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho, 27iduna, inqama, nemvu yeduna enonyaka ukuze kube ngumnikelo wokushiswa, 28nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono. 29Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa ngu-Eliyabe, indodana kaHeloni.
30Ngosuku lwesine kwakungu-Elizuri, indodana kaShedewuri, umholi wabozalo lukaRubeni.
31Wanikela ngesitsha sesiliva, isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu, 32nesitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho, 33iduna, inqama, nemvu yeduna enonyaka kungumnikelo wokushiswa, 34nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono. 35Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa ngu-Elizuri, indodana kaShedewuri.
36Ngosuku lwesihlanu kwakunguShelumiyeli, indodana kaZurishadayi, umholi wabozalo lukaSimeyoni.
37Wanikela ngesitsha sesiliva isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu, 38nesitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho, 39neduna, nenqama, nemvu yeduna enonyaka kungumnikelo wokushiswa, 40nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono. 41Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa nguShelumiyeli, indodana kaZurishadayi.
42Ngosuku lwesithupha kwakungu-Eliyasafa, indodana kaDehuweli, umholi wabozalo lukaGadi.
43Wanikela ngesitsha sesiliva isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu, 44nesitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho, 45iduna, inqama, nemvu yeduna enonyaka kungumnikelo wokushiswa, 46nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono. 47Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa ngu-Eliyasafa, indodana kaDehuweli.
48Ngosuku lwesikhombisa kwakungu-Elishama, indodana ka-Amihudi, umholi wabozalo luka-Efrayimi.
49Wanikela ngesitsha sesiliva isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu, 50nesitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho, 51iduna, inqama, nemvu yeduna enonyaka kungumnikelo wokushiswa, 52nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono. 53Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa ngu-Eliyasafa, indodana kaDehuweli.
54Ngosuku lwesishiyagalombili kwakunguGamaliyeli, indodana kaPhedazuri, umholi wabozalo lukaManase.
55Wanikela ngesitsha sesiliva isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu, 56nesitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho, 57neduna, nenqama, nemvu yeduna enonyaka, kungumnikelo wokushiswa, 58nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono. 59Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa nguGamaliyeli, indodana kaPhedazuri.
60Ngosuku lwesishiyagalolunye kwakungu-Abhidani, indodana kaGideyoni, umholi wabozalo lukaBhenjamini.
61Wanikela ngesitsha sesiliva isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu, 62nesitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho, 63neduna, nenqama, nemvu yeduna enonyaka, kungumnikelo wokushiswa, 64nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono. 65Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa ngu-Abhidani, indodana kaGideyoni.
66Ngosuku lweshumi kwakungu-Ahiyezeri, indodana ka-Amishadayi, umholi wabozalo lukaDani.
67Wanikela ngesitsha sesiliva isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu, 68isitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho, 69iduna, inqama, imvu yeduna enonyaka, kungumnikelo wokushiswa, 70nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono. 71Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa ngu-Ahiyezeri, indodana ka-Amishadayi.
72Ngosuku lwe-11 kwakunguPhagiyeli, indodana ka-Okhirani, umholi wabozalo luka-Asheri.
73Wanikela ngesitsha sesiliva isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu, 74nesitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho, 75neduna, nenqama, nemvu yeduna enonyaka, kungumnikelo wokushiswa, 76nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono. 77Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa nguPhagiyeli, indodana ka-Okhirani.
78Ngosuku lwe-12 kwakungu-Ahira, indodana ka-Enani, umholi wabozalo lukaNafethali.
79Wanikela ngesitsha sesiliva isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu, 80isitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho, 81iduna, inqama, nemvu yeduna enonyaka, kungumnikelo wokushiswa, 82nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono. 83Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa ngu-Ahira, indodana ka-Enani.
84 Yilokhu-ke okwanikelwa ngabaholi bakwa-Israyeli ngosuku i-althare elangcweliswa ngalo lehlukaniselwa uSimakade: izitsha zesiliva ezili-12, izitsha zesiliva eziyimicengezi ezili-12, nezitsha zegolide ezili-12. 85Yileso naleso sitsha sesiliva sasingamashekeli ayi-130, isitsha sesiliva esingumcengezi ngasinye singamashekeli angama-70. Selilonke isiliva elenza izitsha laba yizi-2 400 ngokweshekeli lendawo engcwele. 86Izitsha zegolide zili-12 zigcwele impepho, yileso naleso singamashekeli ayishumi ngokweshekeli lendawo engcwele. Lonke igolide elenza izitsha lalingamashekeli ayi-120. 87Zonke izinkomo ezenza umnikelo wokushiswa kwakuyizinkunzi ezili-12, izinqama ezili-12, izimvu ezingamaduna ezinonyaka ezili-12 nomnikelo wazo wokusanhlamvu, nezimpongo zomnikelo wesono ezili-12. 88Sezizonke izinkomo ezenza umhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyizinkunzi ezingama-24, izinqama ezingama-60, izimpongo ezingama-60, nezimvu ezingamaduna ezingama-60. Lokhu kwakungumnikelo wokwehlukaniswa kwe-althare; mhla lingcweliswa.
89 Kwathi lapho uMose engena ethendeni lokuhlangana ukuyokhuluma noSimakade, wezwa izwi likhuluma naye livela phezu kwesihlalo somusa ngaphezu komphongolo wobufakazi phakathi kwamakherubhi amabili, wakhuluma naye.
Currently Selected:
INumeri 7: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.