YouVersion Logo
Search Icon

INumeri 27

27
Amadodakazi KaZelofehadi Nomndeni KaManase
1 Kwase kusondela amadodakazi kaZelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakhiri emndenini kaManase, indodana kaJosefa. Nanka amagama amadodakazi akhe: kwakunguMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThiriza. 2Ama ngasemnyango wethende lokuhlangana phambi koMose, u-Eleyazare umphristi, abaholi, nayo yonke inhlangano, athi: 3 “Ubaba wafela ehlane, wayengekho phakathi kweviyo labavukela uSimakade, iviyo likaKhora. Kepha wafela esakhe isono engenandodana. 4Kungani igama likababa likhishiwe emndenini wakhe, yingoba engenandodana na? Sabeleni nathi ifa phakathi kwabafowabo bakababa.”
5 UMose walwethula udaba lwawo kuSimakade. 6USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 7 “Amadodakazi kaZelofehadi akhulume kahle. Uyakuwabela nokuwabela izwe eliyifa lawo kubafowabo bakayise, uledlulisele kuwo.
8“Abantu bakwa-Israyeli uyobatshela, uthi: ‘Uma umuntu efa engenandodana, ifa lakhe liyodluliselwa endodakazini yakhe. 9Uma engenandodakazi, niyakulabela abafowabo. 10Uma engenabafowabo, niyakulabela abafowabo bakayise. 11Uma uyise engenabafowabo, niyakulabela isihlobo sakhe esisondelene naye emndenini, silidle. Lokhu kuyakuba yisimiso sobulungiswa kwabakwa-Israyeli, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.’ ”
UJoshuwa Ubekwa Ukuhola Abakwa-Israyeli
12 USimakade wathi kuMose: “Khuphukela entabeni i-Abharimi, ubone izwe engilabele abantu bakwa-Israyeli. 13 Uma usulibonile, nawe uyakuyiswa koyihlomkhulu njengomfowenu u-Aroni. 14 Okwathi phela, lapho inhlangano ingihlubuka ehlane iSini imelana nami, nani nangangihlonipha, nangabukhombisa ubungcwele bami phambi kwayo ngasemanzini.”
Lawo ngamanzi eMeribha eseKadeshi ehlane iSini.
15UMose wayesethi kuSimakade: 16 “USimakade, uNkulunkulu wemimoya yonke, makamise umuntu phezu kwenhlangano, 17 ozophuma angene phambi kwayo, abakhiphe, abafake, ukuze inhlangano kaSimakade ingabi njengezimvu ezingenamelusi.”
18 USimakade wathi kuMose: “Thatha uJoshuwa, indodana kaNuni, umuntu onoMoya wami, ubeke isandla sakho phezu kwakhe, 19 ummise phambi kuka-Eleyazare, umphristi, naphambi kwenhlangano yonke, umgunyaze phambi kwayo ibuka. 20Uyobeka udumo lwakho phezu kwakhe ukuze yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli imhloniphe. 21 Uyakuma phambi kuka-Eleyazare, umphristi, oyombuzela ngokunquma kwe-Urimi phambi kukaSimakade; ngezwi lakhe bayakuphuma nangezwi lakhe bayakungena, yena nabo bonke abakwa-Israyeli, yebo, nayo yonke inhlangano.”
22UMose wenza njengalokhu uSimakade ayemyalile; wamthatha uJoshuwa, wammisa phambi kuka-Eleyazare, umphristi, naphambi kwenhlangano yonke. 23 Wabeka izandla zakhe phezu kwakhe, wamgunyaza, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.

Currently Selected:

INumeri 27: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in