YouVersion Logo
Search Icon

INumeri 23

23
Umbiko Wokuqala Owethulwa NguBhileyamu
1UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Ngakhele lapha ama-althare ayisikhombisa, bese ungilungisela izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.”
2UBhalaki wenza njengalokhu uBhileyamu eshilo. UBhalaki noBhileyamu banikela ngenkunzi nangenqama e-althare ngalinye.
3UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Yima maqondana nomnikelo wakho wokushiswa, mina ngizohamba, mhlawumbe uSimakade uyohlangana nami, angikhombise izwi nanoma yikuphi engifanele ukuba ngikusho kuwe.”
Wayesenyukela egqumeni eliyiqwaqwasi.
4UNkulunkulu wahlangana noBhileyamu, uBhileyamu wathi kuye: “Sengiwalungisile ama-althare ayisikhombisa, nganikela ngenkunzi nenqama phezu kwalelo nalelo althare.”
5 USimakade wamnika uBhileyamu okwakufanele akusho kuBhalaki, wathi: “Buyela kuBhalaki ukhulume uthi.”
6Waphindela kuBhalaki, wamfica emile eceleni komnikelo wakhe wokushiswa, yena nazo zonke izikhulu zakwaMowabi. 7 UBhileyamu wayesewethula umbiko wakhe, wathi:
“UBhalaki ungisuse e-Aramu wangiletha lapha,
inkosi yakwaMowabi ngasezintabeni empumalanga.
Yathi: ‘Woza, ungiqalekisele uJakobe;
woza uzojivaza u-Israyeli.’
8 Ngingamqalekisa kanjani lowo uNkulunkulu
angamqalekisanga na?
Ngingamjivaza kanjani lowo uSimakade
angamjivazanga na?
9 Ngiyambona ngiseziqongweni zamadwala,
ngisemagqumeni, ngiyambona.
Bheka, ngibona abantu abahlala bodwa
abazibona beyisizwe esehlukile kwezinye izizwe.
10 Ngubani ongabala uthuli lukaJakobe,
abale okwesine kuka-Israyeli na?
Mangife ukufa kwabaqotho,
isiphetho sami masifane nesakhe.”
11UBhalaki wathi kuBhileyamu: “Wenzani kimi na? Ngikulethe lapha ukuba uqalekise izitha zami, kunalokho, bheka uzibusisile.”
12 UBhileyamu waphendula, wathi: “Akufanele yini ngiqikelele ukuba ngikutshele lokho uSimakade athe angikusho na?”
Umbiko Wesibili Owethulwa NguBhileyamu
13UBhalaki wathi kuye: “Woza sihambe, siye kwenye indawo lapho uzobabona khona; uzobona ingxenye yabo kuphela, hhayi bonke. Uma usulapho ungiqalekisele bona.”
14Wamsusa lapho waya naye ensimini eZofimu, esiqongweni sentaba iPhisiga. Wakha ama-althare ayisikhombisa, kwathi kulelo nalelo althare wenza umnikelo ngenkunzi nenqama.
15UBhileyamu wathi: “Mana lapha maqondana nomnikelo wakho wokushiswa; mina ngizoyohlangana noNkulunkulu.”
16USimakade wahlangana noBhileyamu, wabeka izwi emlonyeni wakhe, wathi: “Buyela kuBhalaki ukhulume naye.”
17Wabuyela kuye wamfica emi eceleni komnikelo wakhe wokushiswa ekanye nezikhulu zakwaMowabi. UBhalaki wathi kuye: “Utheni uSimakade na?”
18UBhileyamu wayesewethula umbiko wakhe, wathi:
“Sukuma Bhalaki, ubeke indlebe;
ungilalele, wena ndodana kaZiphori.
19 UNkulunkulu akasiye umuntu,
ukuba angaqamba amanga,
futhi akasiyo indodana yomuntu
ukuthi angaguquka kwakushilo.
Ushilo, kanakukwenza akushilo na?
Ukhulumile, kanakukufeza akushilo na?
20 Bheka, unginike umyalo
wokuba ngibusise;
Yena ubusisile,
mina angikwazi
ukukuguqula lokho.
21 Akayibonanga inhlekelele
engehlela uJakobe,
akabonanga nankathazo kwa-Israyeli.
USimakade uNkulunkulu wabo unabo,
inhlokomo yenkosi yabo
iphakathi kwabo.
22 UNkulunkulu owabakhipha eGibhithe;
unjengezimpondo zenyathi kubo.
23Akukho mlingo
ongamelana noJakobe,
nakubhula okungamelana no-Israyeli.
Manje sekuzothiwa ngoJakobe nango-Israyeli:
‘Bukani okwenziwe nguNkulunkulu!’
24 Laba bantu banjengengonyama;
baziphakamisisa okwengonyama engaphumuli
ingakayisobozeli inyamazane,
iphuze igazi layo.”
25 UBhalaki wathi kuBhileyamu: “Ungalokothi ubaqalekise abakwa-Israyeli, futhi ungalokothi ubabusise!”
26UBhileyamu waphendula, wathi kuBhalaki: “Angikutshelanga yini ukuthi konke akushoyo uSimakade ngizokwenza na?”
Umbiko Wesithathu Owethulwa NguBhileyamu
27UBhalaki wathi kuBhileyamu: “Ngiyakuncenga woza, siye kwenye indawo, mhlawumbe uNkulunkulu uyakuthokoza ngayo bese ungiqalekisela bona lapho.”
28UBhalaki wamthatha uBhileyamu wamyisa esiqongweni iPheyori elibheke ngezansi ngasehlane.
29UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Ngakhele ama-althare ayisikhombisa lapha, bese ungilungisela izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.”
30UBhalaki wenza njengokusho kukaBhileyamu, wanikela ngenkunzi nenqama kulelo nalelo althare.

Currently Selected:

INumeri 23: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in