INumeri 11
11
Abakwa-Israyeli Bayakhononda EThabhehera
1 Abantu bakhononda, uSimakade wezwa, kwaba kubi ezindlebeni zakhe, ngakho-ke intukuthelo yakhe yavutha phakathi kwabo, umlilo kaSimakade washa ubuhanguhangu phakathi kwabo, wabhubhisa ngisho imikhawulo yenkambu. 2 Abantu bakhala kuMose. UMose wakhuleka kuSimakade, umlilo wabohla. 3 Leyo ndawo yaqanjwa ngokuthi yiThabhehera, ngokuba umlilo kaSimakade wavutha phakathi kwabo.
4 Ingxubevange eyayiphakathi kwabantu bakwa-Israyeli yaqala ukulangazelela izinto zaseGibhithe nabantu bakwa-Israyeli babuye bakhala, bathi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na? 5 Siyakhumbula izinhlanzi esasizidla eGibhithe ngesihle, namakhukhamba, amakhabe, amaliki, uhanyanisi neswela. 6 Kepha manje sekuphele nokulangazelela ukudla. Akukho lutho olunye esingaludla ngaphandle kwale mana esiyidla imihla namalanga.”
7 Imana yayifana nembewu yekhoriyanderi, isanhlamvana, ibukeka iphuzi, injengenhlaka yebheduliyamu. 8Abantu babephuma bayiqoqe, bayigaye ematsheni, noma bayigqule ezigqulweni, bayipheke emakhanzini, benze nangayo amaqebelengwane. Yayinambitheka okweqebelengwane elinamafutha. 9 Lapho amazolo ehlela enkanjini ebusuku nemana yayehla.
10UMose wezwa abantu bekhala emindenini yabo ngasemnyango wethende lakhe. Intukuthelo kaSimakade yavutha kakhulu, lokhu kwamdabukisa kakhulu uMose. 11 UMose wathi kuSimakade: “Ukwenzeleni okubi encekwini yakho na? Kungani ngingafumananga musa emehlweni akho ukuba ungethwese umthwalo wabo bonke laba bantu na? 12 Ngabe bonke laba bantu bakhulelwa yimi, futhi bazalwa yimi yini na? Kodwa uthi kimi: ‘Bagone wena esifubeni sakho njengomzanyana egone umntwana oncelayo, ubayise ezweni owalifungela oyise na?’ 13 Ngiyakuyithatha kuphi inyama engingabanika yona bonke laba bantu na? Bayangikhalela ukuba ngibanike inyama badle. 14 Mina ngokwami, angikwazi ukubathwala bonke laba bantu, ngokuba bayangisinda. 15 Vele wenza lokhu kimi ukuba ungibulale; ngiyakuncenga, ngibulale ngokushesha ukuze ngifumane umusa emehlweni akho, ungangivumeli ngibone usizi lwami.”
Amalunga Angamashumi Ayisikhombisa
16 USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Ngiqoqele amadoda angama-70 kumalunga akwa-Israyeli, owaziyo ukuthi angamalunga nezinduna zabantu. Uwalethe ethendeni lokuhlangana, ayoma lapho kanye nawe. 17 Ngiyokwehla ngikhulume nawe lapho. Ngiyothatha okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo. Ayowuthwalisana nawe umthwalo wabantu, awuyukuwuthwala wedwa.
18 “Yisho kubantu ukuthi: ‘Zingcweliseleni usuku lwakusasa, niyokudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaSimakade, nathi: “Ngubani oyosipha inyama yokuba sidle, ngokuba kwakukuhle kithi eGibhithe;” yingakho nje uSimakade ezoninika inyama ukuba niyidle. 19Aniyukuyidla nje usuku lube lunye, noma izinsuku ezimbili, noma izinsuku eziyisihlanu, noma izinsuku ezilishumi, noma izinsuku ezingama-20, 20 kodwa inyanga yonke, ize iphume ngamakhala, niyitshokoze, niyenyanye, ngokuba nimlahlile uSimakade ophakathi kwenu, nakhala phambi kwakhe, nathi: “Kungani kube nje, saphumelani eGibhithe na?” ’ ”
21 Wayesethi uMose: “Abantu engiphakathi kwabo abahamba ngezinyawo bayizi-600 000, wena uthi: ‘Ngiyakubanika inyama ukuba bayidle inyanga yonke.’ 22Bangahlatshelwa izimvu nezinkomo ukuba zibenele na? Ukhona yini oyakubalethela izinhlanzi zonke zolwandle ukuba zibenele na?”
23USimakade wathi kuMose: “Ngabe isandla sikaSimakade sifinyeziwe, asisenamandla na? Manje-ke nizakubona ukuthi izwi lami liyafezeka kini noma qha.”
24 UMose waphuma, wabatshela abantu amazwi kaSimakade; waqoqa amadoda angama-70 angamalunga abantu, wawamisa ethendeni nxazonke. 25 USimakade wehla ngefu, wakhuluma naye. Wathatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angama-70. Kwathi ukuba umoya uhlale kuwo, aphrofetha, kodwa awaphindanga akwenza lokho futhi.
26 Kepha kwakusele amadoda amabili enkanjini. Igama leyokuqala kwakungu-Elidadi, negama leyesibili kunguMedadi. Umoya wahlala phezu kwawo; ayephakathi kwalawo ayebhalisiwe, kodwa ayengayanga ethendeni, nawo aphrofetha enkanjini. 27Kwasuka insizwa yagijima yayobikela uMose, yathi: “U-Elidadi noMedadi bayaphrofetha enkanjini.”
28 UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaMose kwasebusheni bayo, waphendula wathi: “Nkosi yami, Mose, benqabele.”
29UMose wathi kuye: “Unomhawu ngenxa yami na? Sengathi ngabe bonke abantu bakaSimakade bangaba ngabaphrofethi, uSimakade abeke uMoya wakhe phezu kwabo.”
30UMose wangena enkanjini, yena namalunga abakwa-Israyeli.
Ukulethwa Kwezigwaca
31 Kwavuka umoya ovela kuSimakade, waletha izigwaca zivela ngasolwandle, waziwisa ngasenkanjini kungathi ibanga losuku ngalapha, nebanga losuku nangale kwenkambu, nxazonke. Ukuphakama kwazo phezu komhlaba kungathi ngamakhubhithi amabili. 32Abantu bavuka basebenza lonke lolo lusuku, nobusuku bonke, nangosuku olulandelayo, bebutha izigwaca. Okuncane abantu abakubuthayo kwakungamahomere alishumi; bazenekela zona zazungeza inkambu. 33 Kepha inyama isephakathi kwamazinyo abo, bengakayihlafuni, ulaka lukaSimakade lwabavuthela abantu. USimakade wabashaya abantu ngobhubhane olukhulu. 34 Igama laleyo ndawo kwathiwa yiKibhirothi Hathawa, ngokuba kwangcwatshwa lapho labo ababenenkwankwa.
35Abantu basuka eKibhirothi Hathava, baya eHazerothi; bahlala eHazerothi.
Currently Selected:
INumeri 11: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.