YouVersion Logo
Search Icon

UNehemiya 11

11
Ukukhethwa Kwabantu Nezindawo Ababezohlala Kuzo
1 Abaholi babantu bahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza unkatho, bakhetha oyedwa kwabalishumi ukuba ayohlala eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye emizini yakubo. 2Abantu babusisa bonke abantu abazinikela ukuhlala eJerusalema.
3 Nazi izinhloko zezifundazwe ezazihlala eJerusalema, kodwa emizini yakwaJuda bonke babehlala ezindaweni zabo: abakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi, izisebenzi zasethempelini, nabozalo lwezinceku zikaSolomoni. 4 EJerusalema kwakuhlala abathile bakwaJuda nabakwaBhenjamini:
ozalweni lukaJuda: ngu-Athaya ka-Uziya, kaZakhariya, ka-Amariya, kaShefathiya, kaMahalalele wozalo lukaPherezi; 5noMahaseya kaBharukhi, kaKholi Hoze, kaHazaya, ka-Adaya, kaJoyaribhi, kaZakhariya, indodana yomShiloni. 6Bonke abozalo lukaPherezi ababehlala eJerusalema kwakungamadoda anamandla angama-468.
7Abozalo lukaBhenjamini:
nguSalu kaMeshulamu, kaJohedi, kaPhedaya, kaKolaya, kaMahaseya, ka-Ithiyeli, kaJeshaya.
8Emva kwakhe: nguGabhayi noSalayi, bengama-928. 9UJoweli, indodana kaZikhiri, wayengumphathi wabo, uJuda, indodana kaHasenuwa, wayephethe ingxenye entsha yomuzi.
10 Kubaphristi:
nguJedaya, indodana kaJoyaribhi, uJakhini, 11noSeraya kaHilikiya, kaMeshulamu, kaZadoki, kaMerayothi, ka-Ahithubi, umphathi wendlu kaNkulunkulu; 12nabafowabo abaqhubeka benza umsebenzi wasethempelini, bengamadoda angama-822, no-Adaya kaJerohamu, kaPhelaliya, ka-Amizi, kaZakhariya, kaPhashuri, kaMalikhiya; 13nabafowabo ababeyizinhloko zemindeni, bengamadoda angama-242, no-Amashisayi ka-Azareli, ka-Ahizayi, kaMeshilemothi, ka-Imeri; 14nabafowabo, amaqhawe anamandla ayeyi-128. Umphathi wabo omkhulu kwakunguZabhidiyeli, indodana kaHagedolimi.
15KubaLevi:
uShemaya kaHashubhi, ka-Azirikamu, kaHashabhiya, kaBhuni; 16uShabhethayi noJozabhadi beyizinhloko zabaLevi ababephethe umsebenzi wangaphandle wendlu kaNkulunkulu, 17noMathaniya kaMikha, kaZabhidi, ka-Asafa, induna yomkhuleko wokubonga, noBhakibhukiya, owesibili phakathi kwabafowabo, no-Abhida kaShamuwa kaGalali kaJeduthuni. 18Bonke abaLevi abasemzini ongcwele babengama-284.
19Abalindisango:
ngu-Akubhi, uThalimoni, nabafowabo ababelinda ngasemasangweni, babeyi-172.
20Abakwa-Israyeli abaseleyo, abaphristi nabaLevi, babekuyo yonke imizi yakwaJuda, yilowo endaweni eyifa lakhe.
21 Izisebenzi zasethempelini ezazihlala e-Ofeli, nguZiha noGishipha yibona ababeziphethe.
22 Umphathi wabaLevi eJerusalema kwakungu-Uzi kaBhani, kaHashabhiya, kaMathaniya, kaMikha wabozalo luka-Asafa, abaculi, ephethe umsebenzi wendlu kaNkulunkulu. 23 Abaculi babephethwe ngumyalelo wenkosi owawuqondisa abakwenzayo nsuku zonke.
24UPhethahiya, indodana kaMeshezabheli, wabozalo lukaZera, indodana kaJuda, wayemele inkosi ezindabeni zonke eziphathelene nabantu.
25 Maqondana nemizana namasimu ayo, kwahlala abanye abantu bakwaJuda: eKiriyathi Arbha nasemizaneni yalo, eDibhoni nasemizaneni yalo, eJekabhizeyeli nasemizaneni yalo, 26eJeshuwa, eMolada, eBhethi Phelethi, 27eHazari Shuwali, eBheri Sheba nasemizaneni yalo, 28eZikilagi, eMekhona nasemizaneni yalo, 29e-Eni Rimoni, eZora, eJarimuthi, 30eZanowa, e-Adulamu nasemizaneni yawo, eLakhishi namasimu alo, e-Azeka nasemizaneni yalo. Bamisa kusukela eBheri Sheba kuze kube sesigodini SikaHinomu.
31Abozalo lukaBhenjamini, kusukela eGebha, bahlala eMikhimashi, e-Ayi, eBhethele nasemizaneni yalo, 32e-Anathothi, eNobhi, e-Ananiya, 33eHazori, eRama, eGithayimi, 34eHadidi, eZebhoyimi, eNebhalathi, 35 eLodi nase-Ono, iSigodi Sababazi.
36Elinye iqembu labaLevi bakwaJuda lahlala kwaBhenjamini.

Currently Selected:

UNehemiya 11: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in