YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMakhu 7

7
Inkambiso Yabadala Nomyalo KaNkulunkulu
(Mat. 15:1)
1Kwabuthana kuJesu abaFarisi nezazimthetho, bevela eJerusalema. 2 Babona abanye babafundi bakhe bedla izinkwa ngezandla ezingcolileyo, okungukuthi ezingageziwe. 3Ngokuba abaFarisi nabaJuda bonke abadli bengazigezanga izandla, belandela isiko lokhokho; 4nalapho bebuya endalini kabadli bengazihlambile izandla. Kukhona nokunye okuningi abakwemukelayo futhi ababambelele kukho; njengokugeza izinkomishi, izinkamba, nezitsha zethusi. 5AbaFarisi nezazimthetho bambuza bathi: “Kungani abafundi bakho bengaqhubi ngokwenkambiso yabadala na?”
6 UJesu wayesethi kubo: “U-Izaya waphrofetha kahle ngani, nina bazenzisi, njengokuba kulotshiwe ukuthi:
“ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo,
kodwa inhliziyo yaso ikude nami;
7bangikhonza ngeze,
bafundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’
8“Niyeka umyalo kaNkulunkulu, nibambelele esikweni labantu.”
9Wayesethi kubo: “Yebo, nilahla umyalo kaNkulunkulu ukuze nigcine isiko lenu. 10 Ngokuba uMose wathi: ‘Hlonipha uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Noma ngubani othuka uyise noma unina, makafe nokufa.’ 11Kepha nina nithi: ‘Uma umuntu ethi kuyise noma kunina: Lokhu kungumnikelo engethembise ukuwunikela kuNkulunkulu, esho isipho abebengasizakala ngaso,’ 12lowo muntu anisamvumeli ukuba asize uyise noma unina. 13Nilenza ize izwi likaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu enalamukelayo, nokunye okuningi okunjalo enikwenzayo.”
Okungcolisa Umuntu
14UJesu wabuye wabiza isixuku, wathi kuso: “Ngilaleleni, nina nonke, niqonde. 15 Akukho lutho olungaphandle komuntu olungangena kuye lumngcolise, kuphela lokho okuphuma kuye, yikho okumngcolisayo. 16Onezindlebe zokuzwa, makezwe.”
17Kuthe esengene endlini, esuka esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalo mzekeliso. 18Wayesethi kubo: “Kanti nani aninakuqonda na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle uma kungena kumuntu akunakumngcolisa na? 19 Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kuya esiswini, kuphumele ngaphandle.”
Ngokusho kanjalo wayechaza ukuthi konke ukudla kuhlanzekile.
20Wayesethi: “Kepha okuphuma kumuntu, yikho okumngcolisayo. 21 Ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yomuntu kuvela imicabango emibi: ubufebe, ukweba, ukubulala, 22ukuphinga, umona, nabo bonke ububi, inkohliso, ukonakala okukhulu, iso elibi, ukuhlambalaza, ukuzidla, nobuwula. 23Zonke lezi zinto ezimbi zivela ngaphakathi, futhi ziyamngcolisa umuntu.”
Owesifazane WaseSirofenike
(Mat. 15:21)
24UJesu wasuka lapho, waya ezifundeni eThire. Wangena endlini, nokho wayengathandi ukuba kube khona owaziyo ngalokho, kodwa akwenzakalanga ukuba akwazi ukuzifihla. 25Kwathi masinyane owesifazane owayenendodakazi encane eyayinomoya ongcolileyo, esezwile ngaye, wafika waziphonsa ngasezinyaweni zikaJesu. 26Kepha lo wesifazane wayengumGriki owayezalelwe eSirofenike, wamnxusa uJesu ukuba akhiphe idimoni endodakazini yakhe.
27UJesu wayesethi kuye: “Ake kusuthe abantwana kuqala, ngokuba akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.”
28Kepha owesifazane waphendula, wathi kuye: “Yebo, Nkosi, kodwa nezinjana zidla imvuthuluka yabantwana phansi kwetafula.”
29Wayesethi kuye: “Ngenxa yaleli lizwi, hamba; idimoni seliphumile endodakazini yakho.”
30Esehambile wabuyela endlini yakhe owesifazane, wafica umntwana elele embhedeni, idimoni seliphumile.
UJesu Uphilisa Isithulu Esinamalimi
(Mat. 15:29)
31UJesu esephumile futhi ezifundeni eThire, wadabula eSidoni, waya ngasolwandle iGalile, enqamula eDekhapholi. 32Baletha kuye isithulu esinamalimi, bamncenga ukuba abeke isandla sakhe phezu kwaso. 33UJesu wagudluka naso esixukwini, baba bodwa, wayesefaka iminwe yakhe ezindlebeni zaso, wafela amathe, wathinta ulimi lwaso, 34wabheka ngasezulwini, wabubula, wathi kuso: “Efatha!” okungukuthi: “Vuleka!” 35Izindlebe zaso zavuleka ngokushesha, lwaqaqululeka nolimi lwaso, sakhuluma kahle. 36Wabadonsa ngendlebe ukuba bangatsheli muntu. Kepha kwathi noma ebayalisisa kwaba sengathi uyababhebhezela, bayisabalalisa kakhulu indaba. 37Bamangala ngokwedlulele, bathi: “Wenze konke kahle; izithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.”

Currently Selected:

NgokukaMakhu 7: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in