YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMakhu 16

16
Ukuvuka KukaJesu
(Mat. 28:1; Luk. 24:1; Joh. 20:1)
1Seledlule isabatha, uMariya Magdalena, uMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuze bahambe bamgcobe ngawo. 2Ekuseni kakhulu ngosuku lokuqala lweviki, bafika ethuneni ekuphumeni kwelanga. 3Bakhuluma bodwa, bethi: “Ngubani oyakusigingqela itshe, lisuke emnyango wethuna na?”
4Kwathi lapho bebheka, babona ukuthi itshe ligingqiwe, ngokuba lalilikhulu kakhulu. 5Kuthe sebengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene, yembethe ingubo emhlophe; bethuka. 6Kepha yathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni. Uvukile; kakho lapha; bonani nansi indawo lapho bebembeke khona. 7 Kepha hambani nibikele abafundi bakhe noPhethro ukuthi uzakunandulela ukuya eGalile. Kulapho-ke nizakumbona khona, njengalokhu ayenitshelile.”
8Baphuma, babaleka ethuneni, ngokuba behlelwa ngukuthuthumela nokumangala, kabatshelanga muntu ngalokho, ngokuba babesaba.
UJesu Uzibonakalisa KuMariya Magdalena
9 UJesu esevukile ekuseni ngosuku lokuqala lweviki, wabonakala kuqala kuMariya Magdalena ayekhiphe kuye amadimoni ayisikhombisa. 10Yena wahamba wayobabikela bonke labo ababehamba noJesu, ababelila, bekhala. 11Kwathi sebezwile ukuthi uyaphila nokuthi uMariya umbonile, abazange bakholwe.
12 Emveni kwalokho wabonakala engesinye isimo kwababili babo ababehamba beya emzaneni. 13Nabo bahamba bayobikela abanye; nalabo abakholwanga.
UJesu Uzibonakalisa Kwabalishumi Nanye
14 Kamuva wabonakala kwabali-11, behlezi bedla. Wabasola ngokungakholwa kwabo, nangobulukhuni bezinhliziyo zabo, ngokuba bengabakholwanga labo ababembonile esevukile.
15 Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo. 16Okholwayo abhabhadiswe uyakusindiswa, kodwa ongakholwayo uyakulahlwa. 17 Lezi zibonakaliso ziyakubonakala kwabakholwayo: Bayakukhipha amadimoni ngegama lami, bakhulume ngezilimi ezintsha. 18 Bayakubamba izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akuyukuba nangozi kubo, bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.”
UJesu Ukhushulelwa Ezulwini
19 Kwathi lapho iNkosi uJesu isibatshelile konke lokho, yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu. 20 Baphuma bashumayela ezindaweni zonke; iNkosi yayisebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezazibalandela.

Currently Selected:

NgokukaMakhu 16: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in