YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMakhu 10

10
Ukuhlalisana Kwabaganene
(Mat. 19:1; Luk. 16:18)
1UJesu wasuka lapho, waya ezifundeni eJudiya nangaphesheya kweJordani. Izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengasemihleni. 2Kwase kusondela abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo. Babemlinga. 3Kepha waphendula, wathi kubo: “Kanti uMose waniyala wathini na?”
4 Bathi: “UMose wavuma ukuba kulotshwe incwadi yesehlukaniso, alahlwe.”
5UJesu wayesethi kubo: “UMose wanibhalela lo myalo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu. 6 Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa, uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. 7 Ngenxa yalokho, indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo. 8Labo ababili bayakuba nyamanye, ngakho abasebabili, kepha sebenyamanye. 9Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, makungehlukaniswa ngumuntu.”
10Sebesendlini, abafundi babuye bambuza ngalokho. 11 Wathi kubo: “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, unecala lokuphinga kumkakhe. 12Nowesifazane uma elahla indoda yakhe, agane enye, uyaphinga.”
UJesu Ubusisa Abantwana
(Mat. 19:13; Luk. 18:15)
13Base beletha kuye abantwana abancane ukuba abaphathe, kodwa abafundi babakhuza. 14UJesu ekubona lokho wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. 15 Ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo ongawemukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana, kasoze angena kuwo.”
16Wayesebagona, wababusisa, ebeka izandla phezu kwabo.
Insizwa Enothileyo
(Mat. 19:16; Luk. 18:18)
17Ekuphumeni kwakhe, esendleleni, kweza kuye umuntu egijima, waguqa phambi kwakhe, wambuza wathi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzenjani ukuze ngizuze ifa lokuphila okuphakade na?”
18Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Akekho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. 19 Uyayazi imiyalelo ethi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungaqhwagi muntu, hlonipha uyihlo nonyoko.”
20Kepha yena wathi: “Mfundisi, ngikugcinile konke lokho kusukela ebusheni bami.”
21UJesu wambheka, wamthanda, wayesethi kuye: “Kunye vo okusakusilele; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona-ke uzakuba nengcebo ezulwini, bese uza, ungilandele.”
22Kepha lelo lizwi lamnyukubalisa, waphindela emuva ebhocobele, ngokuba wayecebe kakhulu.
23UJesu waqalaza, wayesethi kubafundi bakhe: “Maye, kulukhuni kuyitshe kwabanothileyo ukuba bangene embusweni kaNkulunkulu!”
24Abethusa abafundi lawo mazwi akhe. UJesu waqhubeka wathi: “Bantwana, kulukhuni kakhulu ukungena embusweni kaNkulunkulu. 25Kulula ukuba ikameli lingene ngembobo yosungulo, kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”
26Bamangala kakhulu, omunye wathi komunye: “Pho ngubani ongasindiswa na?”
27 UJesu wababuka, wayesethi kubo: “Lokho akunakwenzeka kubantu, kepha kuNkulunkulu akunjalo, ngokuba kuNkulunkulu konke kungenzeka.”
Umvuzo Wokuzidela
(Mat. 19:27; Luk. 18:28)
28UPhethro wayesethatha ethi kuye: “Uyabona, thina sikushiye konke, sakulandela.”
29UJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: akukho muntu oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amasimu ngenxa yami nangenxa yevangeli, 30ongayukwemukeliswa ngekhulu manje kulesi sikhathi: izindlu, abafowabo, odadewabo, onina, abantwana, amasimu, nokuhlushwa; esikhathini esizayo ukuphila okuphakade. 31 Kepha abaningi abangabokuqala bayakuba ngabokugcina, nabokugcina bayakuba ngabokuqala.”
UJesu Ukhuluma Okwesithathu Ngokuhlupheka Nokufa Kwakhe
(Mat. 20:17; Luk. 18:31)
32Besendleleni bekhuphukela eJerusalema, uJesu ehamba phambi kwabo, ababemlandela babemangele, benokwesaba. Waphinda futhi wathatha abali-12, wayeseqala ukubatshela ngokwakuzomehlela, ethi: 33“Manje sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubaphristi abakhulu nezazimthetho. Bazakuyigweba ukuba ife, bayikhaphele kwabezizwe, 34bayiklolodele, bayikhafulele ngamathe, bayishaye, bayibulale, kepha emva kwezinsuku ezintathu izakuvuka.”
Isicelo SikaJakobe NoJohane KuJesu
(Mat. 20:20)
35Kwase kusondela kuye uJakobe noJohane, amadodana kaZebedewu, bathi kuye: “Mfundisi, siyathanda ukuba usenzele lokhu esizakukucela kuwe.”
36Wathi kubo: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?”
37Bathi kuye: “Siphe ukuba sihlale, omunye ngakwesokunene sakho, omunye ngakwesokhohlo sakho, enkazimulweni yakho.”
38 Kepha uJesu wathi kubo: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engisiphuzayo, nibhabhadiswe ngombhabhadiso engibhabhadiswa ngawo na?”
39Bathi kuye: “Singakwenza.”
UJesu wathi kubo: “Yebo, isitsha engisiphuzayo niyakusiphuza, nibhabhadiswe ngombhabhadiso engibhabhadiswa ngawo. 40Kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo sami, akusikho okwami ukuba ngiphane ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselelweyo.”
41Kwathi ukuba abalishumi bakuzwe lokho, base bebathukuthelela oJakobe noJohane. 42 UJesu wayesebabiza, wathi kubo: “Niyazi ukuthi abangababusi bezizwe babusa ngesandla esiqinile, nezikhulu zazo zibaphatha ngonya. 43Kepha akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu, makabe yisikhonzi senu, 44nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu, makabe yinceku yabo bonke. 45 Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa, kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”
UJesu Uvula Amehlo KaBharthimewu Impumputhe
(Mat. 20:29)
46Bafika eJerikho. Ngesikhathi uJesu ephuma eJerikho nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, uBharthimewu owayeyimpumputhe eyisinqibi, eyindodana kaThimewu, wayehleli ngasendleleni. 47Kwathi ukuba ezwe ukuthi nguJesu waseNazaretha owayedlula, waqala ukumemeza ethi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
48Abaningi bamkhuza, bathi makathule, kepha kwaba sengathi bayambhebhezela, wamemeza kakhulu ethi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
49UJesu wayesema, wathi: “Mbizeni.”
Bayibiza impumputhe, bathi kuyo: “Yima isibindi, usukume, uyakubiza.”
50Yayisilahla ingubo yayo, yagxuma, yaya kuJesu. 51UJesu wathi kuyo: “Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?”
Impumputhe yathi kuye: “Rabuni, ukuba ngibone.”
52 UJesu wathi kuyo: “Hamba, ukukholwa kwakho kukusindisile.”
Yabona khona lapho, yayisimlandela endleleni.

Currently Selected:

NgokukaMakhu 10: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy