YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMakhu 1

1
Ukushumayela KukaJohane UMbhabhadisi
(Mat. 3:1; Luk. 3:1; Joh. 1:6,19)
1Isiqalo sevangeli elimayelana noJesu Khristu, iNdodana kaNkulunkulu. 2 Kunjengalokhu kulotshiwe encwadini kamphrofethi u-Izaya, ukuthi:
“Bheka, ngithuma isithunywa sami phambi kwakho,
esiyakulungisa indlela yakho;
3 izwi lomemezayo ehlane, lithi:
‘Lungisani indlela yeNkosi,
nenze imikhondo yayo iqonde.’ ”
4Kwavela uJohane ebhabhadisa ehlane, eshumayela umbhabhadiso wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono. 5Kwaphuma, kweza kuye lonke iJudiya, nazo zonke izakhamuzi zaseJerusalema, babhabhadiswa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo. 6 UJohane wayegqoke ingubo yoboya bekameli, ebophe umchilo woqhotho lwesikhumba okhalo lwakhe, edla izinkumbi noju lwasendle. 7 Wayeshumayela ethi: “Emva kwami kuza onamandla kunami, engingafanele nokuba ngikhothame ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe. 8 Mina nginibhabhadisa ngamanzi, kepha Yena uzakunibhabhadisa ngoMoya oNgcwele.”
Ukubhabhadiswa Nokulingwa KukaJesu
(Mat. 3:13; Luk. 3:21; Mat. 4:1; Luk. 4:1)
9Ngalezo zinsuku kwafika uJesu evela eNazaretha eGalile, wabhabhadiswa nguJohane eJordani. 10 Kwathi nje ukuba aphume emanzini, wabona izulu livuleka, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba. 11 Kwezwakala izwi livela ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”
12Masinyane uMoya wamkhiphela ehlane elilugwadule. 13Wahlala khona izinsuku ezingama-40 elingwa nguSathane, wayephakathi kwezilwane zasendle, kodwa izingelosi zazimkhonza.
Ukubizwa Kwabafundi
(Mat. 4:12; Luk. 5:1)
14Emva kokuboshwa kukaJohane, uJesu wafika eGalile; washumayela ivangeli likaNkulunkulu, 15ethi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”
16Kwathi uJesu edlula ngasolwandle iGalile, wabona uSimoni no-Andreya, umfowabo, bephonsa inetha olwandle, kwazise phela babengabadobi. 17UJesu wathi kubo: “Ngilandeleni. Ngizakunenza abadobi babantu.”
18Masinyane bashiya phansi amanetha abo, bamlandela.
19Esehambe ibangana elifishane, wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besesikebheni, belungisa amanetha abo. 20Wababiza, masinyane base bemshiya esikebheni uyise uZebedewu nezisebenzi eziqashiweyo, bamlandela. 21 Base bengena eKhaphernawume; kwathi ngosuku lwesabatha, uJesu wangena esinagogeni, wafundisa. 22 Abantu bamangaliswa ngukufundisa kwakhe, ngokuba wayebafundisa njengonegunya, hhayi njengezazimthetho.
UJesu Uphilisa Umuntu Onomoya Ongcolileyo
(Mat. 8:14; Luk. 4:31)
23Khona manjalo esinagogeni labo kwakukhona umuntu onomoya ongcolileyo, wamemeza, 24 wathi: “Ufunani kithi Wena Jesu waseNazaretha na? Uze ukuba uzosibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuthi ungubani – ungoNgcwele kaNkulunkulu.”
25UJesu wawukhuza umoya ongcolileyo, wathi: “Thula uthi du, uphume kuye!”
26Umoya ongcolileyo wamhlukumeza, wakhala ngezwi elikhulu; waphuma kuye.
27Bonke bethuka, babuzana bodwa, bathi: “Kuyini lokhu na? Yisifundiso esisha, esinegunya; uyala ngisho nomoya abangcolileyo, bamlalele.”
28Udumo lwakhe lwasabalala ngokushesha kuso sonke isifunda eGalile.
UJesu Uphilisa Umkhwekazi KaPhethro Nabanye Abaningi
29 Sebephumile esinagogeni, baya masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane. 30Umkhwekazi kaSimoni wayelele, ephethwe ngumkhuhlane; baphangisa bambikela uJesu ngaye. 31Esesondele kuye, wambamba ngesandla, wamsukumisa; umkhuhlane waphela; wabakhonza.
32Kwathi ngokuhlwa, ilanga selizilahle kunina, baletha kuye bonke abagulayo nabanamadimoni. 33Wonke umuzi wabuthana ngasemnyango waleyo ndlu. 34 Waphilisa abaningi ababephethwe yizifo ezinhlobonhlobo, wakhipha amadimoni amaningi; akawavumelanga amadimoni ukuba akhulume, ngokuba ayemazi.
35Kwathi ekuseni ngovivi, wavuka, waphuma, waya endaweni eyihlane, wayokhuleka khona. 36USimoni nababenaye bamfuna. 37Kwathi ukuba bamfumane, bathi kuye: “Bonke bayakufuna.”
38Wathi kubo: “Masihambe siye nakwezinye izindawo, emizaneni eseduze, ukuze ngishumayele nakhona, ngokuba ngeza ngenxa yaleso sizathu.”
39 Wahamba eshumayela emasinagogeni abo kulo lonke iGalile, futhi ekhipha namadimoni.
UJesu Uhlambulula Umuntu Onochoko
(Mat. 8:1; Luk. 5:12)
40 Kwase kufika kuye onochoko, wamncenga eguqe ngamadolo, ethi kuye: “Uma uthanda ungangihlambulula.”
41UJesu egcwele isihawu, welula isandla sakhe, wamthinta, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.”
42Masinyane lwaphela uchoko kuye, wahlambuluka.
43 Esemdonsile ngendlebe, wammukisa ngokushesha, 44 wathi kuye: “Uyabona-ke, ungathi vu kumuntu, kodwa hamba uzibonakalise kumphristi, unikele ngenxa yokuhlanjululwa kwakho, njengalokhu kwayala uMose, kube ngubufakazi kubo.”
45Kepha owayenochoko esephumile, waqala ukuyisabalalisa le ndaba, kangangokuthi uJesu akabange esakwazi ukungena emzini bembona; wahlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane. Nokho abantu beza kuye bevela nxazonke.

Currently Selected:

NgokukaMakhu 1: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in