YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaLuka 2

2
Ukuzalwa KukaJesu
(Mat. 1:18)
1Kwathi ngalezo zinsuku, uKhesari Awugustu wakhipha isimemezelo sokuba kubalwe abantu ezweni lonke. 2Lokhu kubalwa kwabantu kokuqala kwenzeka lapho uKhwiriniyu engumbusi waseSiriya. 3Abantu bonke bahamba kwaba yilowo nalowo ukuyobalwa emzini wakubo.
4 UJosefa naye wakhuphukela eGalile, emzini iNazaretha, waya eJudiya, umuzi kaDavide, okuthiwa yiBhethlehema, ngokuba wayengowendlu nowolibo lukaDavide, 5ukuze ayobalwa kanye noMariya owayemethembise ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe. 6Kwathi beselapho, safika isikhathi sokuba uMariya abelethe. 7Wazibula ngendodana, wayisonga ngendwangu, wayilalisa emkhombeni, ngokuba beswela indawo endlini yezihambi.
Ukubonakala Kwengelosi Kubelusi
8Kwakukhona abelusi kulelo lizwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. 9Ingelosi yeNkosi yabonakala kubo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; bagcwala ukwesaba okukhulu. 10Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi, ngokuba nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke, 11ukuthi namuhla nizalelwe uMsindisi, onguKhristu iNkosi, emzini kaDavide. 12Lokhu kuyisibonakaliso kini: Niyakufumana umntwana esongiwe, elele emkhombeni.”
13Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi:
14“Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu,
nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”
15Kwathi ukuba zihambe izingelosi, zibuyela ezulwini, abelusi bathi omunye komunye: “Masihambe manje siye eBhethlehema, sibone le nto eyenzekileyo, iNkosi esazise ngayo.”
16Baphuthuma baya khona, bafica uMariya, noJosefa, nomntwana elele emkhombeni. 17Sebebonile, balanda ngalelo lizwi ababelitsheliwe ngalo mntwana. 18Bonke abezwayo bamangala ngokukhulunywe kubo ngabelusi. 19Kepha uMariya wawalonda wonke lawo mazwi, ezindla ngawo enhliziyweni yakhe. 20Abelusi baphindela emuva bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke ababekuzwile nababekubonile, njengokuba kwakukhulunyiwe kubo.
Ukusokwa KukaJesu Nokuqanjwa Kwakhe Igama
21 Kwathi seziphelile izinsuku eziyisishiyagalombili, umntwana wasokwa, wayeseqanjwa igama kwathiwa nguJesu, igama elalishiwo yingelosi unina engakakhulelwa.
USimeyoni No-Ana
22 Kwathi ukuba ziphelele izinsuku zokuhlanjululwa kwabo ngokomthetho kaMose, benyukela naye eJerusalema ukuba bayomethula eNkosini, 23 njengalokhu kulotshiwe emthethweni weNkosi ukuthi: “Konke okwesilisa okuyizibulo kuyakuthiwa okwehlukaniselwe iNkosi, 24 nokuba banikele ngomhlatshelo njengokushiwo emthethweni weNkosi, amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.”
USimeyoni Wemukela UJesu
25Kwakukhona umuntu eJerusalema, ogama lakhe kunguSimeyoni. Lo muntu wayelungile, futhi emesaba uNkulunkulu, elindele induduzo ka-Israyeli, uMoya oNgcwele wayephezu kwakhe. 26Wembulelwa nguMoya oNgcwele ukuthi akayukufa engakamboni uKhristu, iNkosi. 27Wafika ngoMoya ethempelini. Kwathi ukuba abazali balethe umntwana uJesu ethempelini ukuba bamenzele lokho okuyisiko lomthetho, 28wamemukela ngokumgona, wambonga uNkulunkulu, wathi:
29“Nkosi, sale usumukisa inceku yakho ngokuthula,
njengezwi lakho,
30ngokuba amehlo ami ayibonile insindiso yakho
31oyilungisele ebusweni babantu bonke;
32 ukukhanya kokwambulela abezizwe
nenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.”
33Uyise nonina bamangala ngalokho okukhulunywa ngaye. 34 USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya, unina: “Lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nokuba yisibonakaliso esiphikwayo – 35 yebo, inkemba iyakudabula nowakho umphefumulo – ukuba kwambulwe izizindlo zezinhliziyo eziningi.”
U-Ana Utusa UNkulunkulu
36Kwakukhona nomphrofethikazi, u-Ana, owayeyindodakazi kaFanuweli, wesizwe sika-Aseri; wayesekhule kakhulu. Wayehlale nendoda yakhe iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe. 37Wayengumfelokazi waze waba neminyaka engama-84, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini. 38Naye-ke wafika ngaleso sikhathi, wamtusa uNkulunkulu, wabatshela ngaye bonke ababebheke ukukhululwa kweJerusalema.
39 Kwathi sebekufeze konke okungokomthetho weNkosi babuyela eGalile, emzini wakubo, iNazaretha. 40Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; umusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.
Umntwana UJesu Ethempelini Eneminyaka Elishumi Nambili
41 Kwakuthi minyaka yonke abazali bakaJesu baye eJerusalema ngoMkhosi wePhasika. 42UJesu eseneminyaka eli-12 bakhuphuka njengokomthetho womkhosi. 43Seziphelile izinsuku, sebebuyela emuva, umntwana uJesu wasala eJerusalema, abazali bakhe bengazi. 44Becabanga ukuthi uphakathi kwababehambisana nabo, bahamba ibanga losuku bamfuna phakathi kwezihlobo nabazana nabo. 45Kwathi lapho bengamtholi babuyela eJerusalema, beyomfuna. 46Kuthe sekwedlule izinsuku ezintathu, bamfumana ethempelini, ehleli phakathi kwabafundisi, ebalalele, futhi ebabuza. 47Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe. 48Abazali bakhe bathi bengambona bamangala, unina wathi kuye: “Mntanami, ukwenzeleni lokhu kithi na? Uyihlo nami besikufuna, sikhathazekile.”
49Wabaphendula wathi: “Kade ningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumele ukuba ngibe kokukaBaba na?”
50Kepha abaliqondanga izwi alikhuluma kubo.
51Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawalonda wonke lawo mazwi enhliziyweni yakhe. 52 UJesu wakhula ekuhlakanipheni nasemzimbeni, ethokozelwa nguNkulunkulu nangabantu.

Currently Selected:

NgokukaLuka 2: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in