YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaLuka 17

17
Izikhubekiso
Ukuthethelelana
1Wayesethi kubafundi bakhe: “Akunakwenzeka ukuba zingabi bikho izikhubekiso, kodwa maye, kulowo eziza ngaye! 2Kungangcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe olwandle, kunokuba akhubekise abe munye kulaba abancinyane.”
Ukubuyisana Nomfowenu
3 “Qaphelani nina. Uma umfowenu ona, mkhuze, uma ephenduka, mthethelele. 4Uma ekona kuze kube kasikhombisa ngosuku, elokhu ebuyela kuwe kasikhombisa, athi: ‘Ngiyaphenduka,’ womthethelela.”
Ukukholwa
5Abaphostoli base bethi eNkosini: “Yandisa ukukholwa kwethu.”
6 INkosi yayisithi: “Uma beninokukholwa okungangohlamvu lwesinaphi, beningathi kulesi sihlahla somthombe: ‘Zimbuka, utshaleke olwandle,’ sinilalele.
Umsebezi Wenceku
7“Ngubani kini ongathi enenceku elimayo noma eyelusayo, bese kuthi isanda kubuya nje endle, athi kuyo: ‘Sondela ngokushesha, uhlale phansi, udle’ na? 8Kunalokho akayukusho yini kuyo, athi: ‘Faka iphinifa lakho, ungilungisele engizokudla, ngidle, ngiphuze, andukuba wena udle, uphuze’ na? 9Uyayibonga yini inceku, ngokuba ikwenzile lokho ekuyalelweyo na? 10Kanjalo nani, uma senikwenzile konke enikuyalelweyo, anothi: ‘Asizinceku zalutho, ngokuba sikwenzile lokho obekufanele ukuba sikwenze.’ ”
Ukuphulukiswa Kwabanochoko Abalishumi
11 Kwathi uJesu esahamba elibangise eJerusalema, wadabula eSamariya naseGalile. 12Esangena emzaneni othile, wahlangana namadoda alishumi anochoko, ema buqamama, 13ayesememeza ethi: “Jesu Nkosi, sihawukele!”
14 Lapho esewabonile, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubaphristi.”
Kwathi esahamba, ahlanjululwa.
15Enye yawo ibona ukuthi iphilisiwe, yabuyela emuva imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu. 16Yakhothama, yathi mbo ngobuso ngasezinyaweni zikaJesu, imbonga; yayingumSamariya.
17Kepha uJesu wakhuluma, wathi: “Akuhlanjululwanga yini abalishumi na? Pho baphi abayisishiyagalolunye? 18Abatholakalanga yini abazobuya bamnike udumo uNkulunkulu, ngaphandle kwalo wabezizwe na?”
19UJesu wayesethi kuye: “Sukuma uhambe; ukukholwa kwakho kukusindisile.”
Umbuso KaNkulunkulu; Ukubuya KweNdodana Yomuntu
20 AbaFarisi bambuza uJesu ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini. Wabaphendula wathi: “Umbuso kaNkulunkulu awufiki nje ubonwa ngamehlo. 21Futhi abayukusho, bathi: ‘Bhekani, nanku,’ noma ‘nankuya,’ ngokuba phela umbuso kaNkulunkulu ukini.”
22Wayesethi kubafundi: “Izinsuku ziyeza, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kodwa aniyukulubona. 23 Bayakuthi kini: ‘Bhekani, nansiya; bhekani, nansi.’ Ningayi lapho, futhi ningabalandeli. 24Ngokuba njengonyazi, nxa lunyazima kusukela ngapha kwesibhakabhaka kuya ngale, iyakuba njalo-ke iNdodana yomuntu ngosuku lwayo. 25Kepha kuqala, kufanele ihlupheke ngokuningi, ilahlwe yilesi sizukulwane.
26 “Njengokuba kwakunjalo emihleni kaNowa, kuyakuba kanjalo nasemihleni yeNdodana yomuntu. 27 Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwaba wusuku uNowa angena ngalo emkhunjini; kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke.
28 “Kanjalo njengalokhu kwenzeka ngezinsuku zikaLothi, babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala futhi bakha. 29Kepha kwathi ngosuku uLothi aphuma ngalo eSodoma, lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke. 30Kuyakuba njalo-ke ngosuku eyakubonakaliswa ngalo iNdodana yomuntu. 31 Ngalolo lusuku oyakube ephezu kophahla lwendlu, impahla yakhe isendlini, makangehli ukuyoyithatha; kanjalo nosensimini, makangabuyeli emuva. 32 Khumbulani umkaLothi. 33 Ofuna ukulondoloza ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa yikho, uyakukulondoloza. 34Ngithi kini: ngalobo busuku, kuyakuba khona ababili embhedeni munye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe. 35Kuyakuba khona ababili begaya ndawonye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe. 36Kuyakuba khona ababili ensimini; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.”
37Base bephendula, bethi kuye: “Nkosi, lokho kuyokwenzeka kuphi na?”
Wathi kubo: “Lapho kunesidumbu khona, kulapho-ke namanqe ebuthana khona.”

Currently Selected:

NgokukaLuka 17: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in