ISililo 3
3
Ukuhlupheka Nethemba
1Ngingumuntu ohlupheke kakhulu,
uNkulunkulu ungijezisile ngentukuthelo yakhe.
2 Ungixoshele ebumnyameni obukhulu.
3 Ungishaye ephindelela ubusuku nemini,
engenqabela ukuba ngisondele kuye.
4 Ugugise inyama yami nesikhumba sami;
wephula amathambo ami.
5 Wakhe udonga,
wangibiyela ngobuthi nobunzima.
6 Ungihlalise ebumnyameni obunzulu,
njengalabo abafa kudala.
7 Ungihaqe nxazonke, angikwazi ukuphunyuka,
wangibopha ngamaketanga asindayo.
8 Nalapho ngikhala ngicela usizo,
akawunakanga umkhuleko wami.
9 Izindlela zami uzibiyele ngomthangala wamatshe,
indlela yami wayigwegwisa.
10 Ufane kimi nebhele elicuthileyo,
nanjengengonyama icuthe endaweni esithekileyo.
11 Ungichezukise endleleni yami,
wanginikiza ngaba yizicutshana,
wangishiya ngimantwenguntwengu.
12 Wakhokha umnsalo wakhe,
wangimisa ngaba yinkololo yemicibisholo yakhe.
13 Wangihlaba ezinsweni ngemicibisholo yomgodla wakhe.
14 Sengiyinhlekisa kubo bonke abantu bakithi,
bahaya ngami izingoma nsuku zonke.
15Ungisuthise ngomunyu,
wangiphuzisa inyongo.
16 Ungiqumbe othulini,
amazinyo ami ephulwa ngumgubane.
17 Ungemuke ukuthula,
angisakwazi ukujabula,
nezinto ezinhle azisekho.
18 Ngase ngithi:
“Angisakwazi ukubekezela;
nethemba lami kuSimakade alisekho.”
19 Uma ngikhumbula ukuhlupheka kwami
nokuba ngumhambuma,
kufana nenhlaba nenyongo.
20 Lapho ngicabanga ngalezi zinto, ngiyadideka.
21 Noma kunjalo ngisazoqhubeka ngibe nethemba,
uma ngicabanga ngoSimakade.
22 Uthando lwakhe lungunakaphakade,
ububele bakhe abunamukhawulo.
23 Kusha nsuku zonke,
ukwethembeka kwakhe kukhulu.
24 Ngathi: “USimakade uyisabelo sami,
ngakho-ke ngizokwethembela kuye.”
25 USimakade muhle kulowo omlindelayo,
kulowo omfunayo.
26Kuhle ukulindela ngokuthula
ukusindisa kukaSimakade.
27 Kuhle ukuba umuntu
athwale ijoka esemusha.
28Makahlale yedwa, athule,
ngokuba nguSimakade omethwese lona.
29 Makabeke umlomo wakhe othulini,
hleze lingakhona ithemba.
30 Makamnike isihlathi ommukulayo,
asuthe inhlamba.
31 Ngokuba iNkosi ayinakusilahla
kuze kube phakade.
32 Noma ikudabukisile,
iyokuhawukela ngobukhulu bobubele bayo.
33Ngokuba akuveli enhliziyweni yayo ukuhlupha,
nokudabukisa abantwana babantu.
34Lapho zonke iziboshwa
emhlabeni zidovadovwa ngezinyawo;
35 nalapho ubulungiswa buphanjaniswa
phambi koPhezukonke;
36 lapho icala lomangalelwe lihlanekezelwa,
ngabe iNkosi ayikuboni lokho na?
37 Kukhona yini ongahlela
bese enza akuhlelile,
uma iNkosi ingakuvumelanga na?
38 Ngabe okuhle nokubi akwenzeki yini
ngokuyala koPhezukonke na?
39 Kungani ukuba umuntu
akhononde ngempilo yakhe na?
Makakhononde ngezono zakhe.
40 Masibheke, sihlolisise izenzo zethu,
sibuyele eNkosini.
41 Masiphakamise izinhliziyo zethu nezandla zethu
sikuphakamisele kuNkulunkulu ezulwini, sithi:
42 “Sonile, sakuhlubuka,
Wena Nkosi awuzithalaliselanga izono zethu.
43“Uzembese ngolaka, wasixosha,
wabulala, awaze waba naluzwelo.
44 Uzifihle efwini,
ukuze imikhuleko yethu
ingafinyeleli kuwe.
45Usenze saba yizibi nemfucumfucu
phakathi kwezizwe.
46 “Zonke izitha zethu ziyasiklolodela.
47 Sehlelwe wuvalo,
sizungezwe yimigodi;
ukubhujiswa nencithakalo kuphezu kwethu.”
48 Kugobhoza imifula yezinyembezi
emehlweni ami,
ngenxa yokubhujiswa kwendodakazi yabantu bami.
49 Amehlo ami agobhoza izinyembezi,
azinqamuki, azinamkhawulo;
50 aze abheke uSimakade,
abone esezulwini.
51Lokho okubonwa ngamehlo ami,
kuyayihlubula inhliziyo yami,
ngenxa yalokho okwenziwe kwabesifazane
bomuzi wakithi.
52 Abangizondela ize,
bangizingelisisa okwenyoni.
53 Bangiphonse emgodini,
bawugcika ngamatshe.
54 Amanzi angigubuzela ikhanda.
Ngathi: “Kuphelile ngami!”
55 Ngakhuleka kuwe, Simakade,
ngisemgodini phansi.
56 Walizwa izwi lami lapho ngithi:
“Ungayisithezi indlebe yakho
ekunxuseni kwami, ngicela usizo.”
57 Lapho ngikubiza, ngicela usizo,
weza kimi, wathi:
“Ungesabi.”
58 Nkosi, uyimele indaba yami,
wayihlenga impilo yami.
59 Simakade, ukubonile okubi okwenziwe kimi;
yehlulela, ungimelele.
60Ukubonile ukulangazelela kwabo
ukuba baphindisele,
nawo wonke amacebo abo ngami.
61 Uyizwile yonke inhlamba
abangethuke ngayo, Simakade,
nozungu abangakhele lona.
62 Bakhuluma futhi bacabange nto yinye nje:
ukuthi bangangilimaza kanjani.
63 Noma behleli noma bemile,
ngiyihubo labo lokukloloda.
64 Simakade, uyaphindisela kumuntu
ngokwemisebenzi yakhe;
ngiphindiselele kubo ngabakwenze kimi!
65 Bashaye ngobumpumputhe,
udide imiqondo yabo,
beka isiqalekiso sakho phezu kwabo!
66Baxoshe ngentukuthelo yakho, ubabhubhise,
kungasali namunye phansi kwezulu likaSimakade.
Currently Selected:
ISililo 3: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.