UJoweli 3
3
Ukwehlulelwa Kwezizwe
1“Impela ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,
lapho sengiguqula ukuthunjwa
kukaJuda neJerusalema,
2ngiyakuqoqa zonke izizwe,
ngizehlisele esigodini sikaJehoshafathi,
ngizehlulele lapho ngenxa yabantu bami
nefa lami u-Israyeli,
ezimhlakazele ezizweni,
zabelana ngezwe lami.
3Zenza unkatho ngabantu bami,
zathengisa umfana ukuze zilale nesifebe,
zathengisa ngentombazane ukuze zithole iwayini,
zaliphuza.
4“Ningifunani nje nina Thire neSidoni nazo zonke izifunda eFilistiya na? Kukhona yini enikhokhisa ngakho kimi na? Uma nizikhokhisela kimi, ngiyakusheshe ngibuyisele masinyane phezu kwamakhanda enu ukuzikhokhisela kwenu. 5Phela nina nithathe isiliva negolide lami, nangenisa amagugu ami emathempelini enu, 6nathengisa ngabantu bakwaJuda nabaseJerusalema kubantu bamaGriki kude le, ukuze nibasuse ezweni labo. 7Niyabona-ke, sengizobabuyisa lapho nibathengisele khona, ngiphindisele kini ngesenzo senu. 8Ngiyakuthengisa amadodana namadodakazi enu ngesadla sabantu bakwaJuda, bayakuwathengisa kumaSabhiyani, isizwe esikude.” Impela usekhulumile uSimakade.
9“Memezelani lokhu ezizweni,
zilungiseleni impi,
vivisani amabutho.
Awasondele,
akhuphuke amabutho.
10Cangcathani amageja enu abe zinkemba,
iziphundli zenu zibe yimikhonto,
obuthakathaka makathi ngiyiqhawe.
11Sheshani nize zizwe zonke
ezindaweni zonke,
nihlangane ndawonye.
Simakade, yehlisela amaqhawe akho lapho.
12“Mabazivuse izizwe,
mazikhuphukele esigodini sikaJehoshafathi,
ngokuba ngiyakuhlala lapho
ngehlulele zonke izizwe ezilapho nxazonke.
13Fakani isikela,
ngokuba isivuno sesivuthiwe;
wozani nizogxoba,
ngokuba isikhamo sewayini sigcwele,
nezimbiza zewayini ziyachichima,
impela ububi babo bukhulu.”
14Yizindimbane ngezindimbane esigodini sesinqumo,
ngokuba usuku lukaSimakade
selusondele esigodini sesinqumo.
15Ilanga nenyanga kuyakuba mnyama bhuqe,
izinkanyezi zikugodle ukukhanya kwazo.
USimakade Uyisiphephelo Sabantu Bakhe
16“USimakade uyabhodla eseZiyoni,
azwakalise izwi lakhe eseJerusalema.
Izulu nomhlaba kuyakuzamazama,
kodwa uSimakade uyisiphephelo sabantu bakhe,
nenqaba yabantu bakwa-Israyeli.
17“Niyakukwazi-ke ukuthi Mina
nginguSimakade uNkulunkulu wenu
ohlala eZiyoni, intaba yami engcwele.
IJerusalema liyakuba ngcwele,
abafokazi abasayukudabula futhi kulo.
18“Kuyothi ngalolo lusuku
izintaba ziconse iwayini elimnandi,
amagquma agobhoze ubisi,
imihosha yonke yakwaJuda igeleze amanzi.
Kuyakuqhuma umthombo endlini kaSimakade
oyakunisela isigodi iShithimi.
19IGibhithe liyakuba yincithakalo,
i-Edomi libe yihlane elingenalutho,
ngenxa yobudlova obenziwa
kubantu bakwaJuda,
bachitha igazi elingenacala ezweni labo.
20Kepha uJuda uyakuzinza
kuze kube phakade,
neJerusalema liyakuba khona
izizukulwane ngezizukulwane.
21Angiyukubajezisela icala labo legazi
engingabajeziselanga lona.”
USimakade uhlala eZiyoni.
Currently Selected:
UJoweli 3: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.