YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 5

5
Inkulumo Yokuqala Ka-Elifazi Isaqhubeka
Ukubhubha Koyisiwula; Ukuphakanyiswa Kolungileyo
1 “Ake umemeze:
ukhona yini okuphendulayo na?
Yimuphi kwabangcwele oyakuphendukela kuye na?
2 Ngokuba isiwula sibulawa ngukukhathazeka,
nesiduphunga sibhujiswa ngumhawu.
3 Ngisibonile isiwula sisimama
siba nezimpande,
ngase ngiqalekisa indlu yaso
ngokuphazima kweso.
4 Abantwana baso abavikelekile impela,
bayagandaywa esangweni,
abanaye umhlengi.
5 Isivuno sabo sidliwa ngabalambileyo,
basikhipha ngisho emeveni,
nabanxaniwe balangazelela ingcebo yabo.
6 Usizi aluveli othulini,
nenhlupheko ayiphumi emhlabathini.
7 Wonke umuntu uzalelwe ukuhlupheka,
njengoba nezinhlansi
ziqhasha zibheke phezulu.
8 “Kepha mina bengiyakumfuna uNkulunkulu,
kuNkulunkulu bengiyakuyibeka indaba yami,
9 Yena owenza izinto ezinkulu,
ezingaphenyekiyo,
izimangaliso ezingenakubalwa,
10 Yena onisa imvula emhlabeni,
athumele amanzi ebusweni bomhlaba,
11 ukuze aphakamise abaphansi,
aphakamisele phezulu,
endaweni ephephileyo, abakhalayo.
12 Ubhuntshisa amacebo abanobuqili,
ukuze izandla zabo zingabi nampumelelo.
13 Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo,
achithe ngokushesha iseluleko soyisigwegwe.
14 Bahlangabezana nobumnyama emini kwabha,
baphuphutheke emini,
kube sengathi kusebusuku.
15 Kepha abantulayo
uyabasindisa enkembeni yemilomo yabo,
nasesandleni sonamandla.
16 Ngakho-ke ompofu
unethemba;
ububi buvale umlomo wabo.
17 “Uyadela lowo muntu
uNkulunkulu amsolayo,
ngakho-ke ungakwedeleli
ukuqondisa kukaSomandla.
18 Ngokuba uyalimaza,
abuye abophe,
uyashaya, kodwa izandla zakhe
zibuye ziphilise.
19 Uyokuhlenga ezinhluphekweni
eziyisithupha,
yebo, nakweziyisikhombisa
awuyukuthintwa wububi.
20 Endlaleni uyakukuhlenga, ungafi,
akukhulule nasemandleni enkemba empini.
21 Uyakukufihla olimini oluhlabayo,
awuyukwesaba ukubhubha lapho kufika.
22 Ukubhubha nendlala uyokuhleka usulu,
ungazesabi nezilo zomhlaba.
23 Ngokuba unesivumelwano namatshe asendle,
izilo zasendle zihlalisana ngokuthula nawe.
24 Uyokwazi ukuthi ithende lakho liphephile,
lapho uhlola indlu yakho,
uyothola ukuthi awulahlekelwe yilutho.
25 Uyokwazi ukuthi
izizukulwane zakho ziyakuba ziningi,
nabozalo lwakho babe njengotshani emhlabeni.
26 Uyokufa usumdala impela,
njengesixha samabele esibhulweni,
ngesikhathi sawo.
27Bheka lokhu, sikuphenyisisile,
kunjalo, kulalele,
ukwazi wena luqobo.”

Currently Selected:

UJobe 5: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in