YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 41

41
USimakade Uyaqhubeka Uphendula UJobe
Inkanyamba
1 “Ungayidoba yini inkanyamba ngodobo,
noma ubophe ulimi lwayo ngentambo na?
2 Ungayifaka yini umkhala ekhaleni layo,
ubhoboze umhlathi wayo ngehhuku na?
3Iyokwenza imikhuleko eminingi yini kuwe,
ikhulume amazwi athobekileyo na?
4Iyosenza yini nawe isivumelwano
sokuba uyithathe,
ibe yinceku, kuze kube phakade na?
5Ungadlala yini nayo njengenyoni,
uyibophe ngomchilo
ukuze amantombazane akho adlale nayo na?
6Abathengi bangathengiselana yini ngayo,
abahwebi behlukaniselane ngayo na?
7Isikhumba sayo ungasigwaza yini ngezinhlendla,
nekhanda layo ngemikhonto yokubamba izinhlanzi na?
8Beka isandla sakho kuyo,
uzokhumbula impi ezosuka;
awusayukukuphinda lokho.
9Ithemba lakho lokuyibamba liyimbude,
bonke baqumbeka phansi
uma beyibona.
10 Akekho onesibindi sokuba angayivusa.
Pho ngubani ongema phambi kwayo na?
11 Ngubani ongayisukela,
qede aphephe na?
Konke okuphansi kwezulu kungokwami.
12“Angiyukuthula ngezitho zayo,
nangendaba yamandla ayo,
nangesimo sayo esihle.
13Ngubani ongayihlubula
isembatho sayo esingaphandle na?
Ngubani ongangena phakathi
kwemihlathi yayo emibili na?
14Ngubani ongavula izicabha zomlomo wayo na?
Amazinyo ayo ayesabeka nxazonke.
15Umhlane wayo uyizinhla zezihlangu,
zinamatheliswe njengophawu.
16Zisondelene,
akungeni moya phakathi kwazo.
17Zihlanganiswe ndawonye, zinamathelene, azinakwehlukaniswa.
18 Ukuthimula kwayo kuveza ukukhanya,
amehlo ayo afana nemisebe yokusa.
19Emlonyeni wayo kuphuma izihlonti,
kuqhashe izinhlansi zomlilo.
20Kuphuma intuthu emakhaleni ayo,
sengathi kubila ibhodwe
noma kusha imihlanga.
21Ukuphefumula kwayo kokhela amalahle,
kuphuma ilangabi emlonyeni wayo.
22Entanyeni yayo kuhlala amandla,
ingebhe isine phambi kwayo.
23Izicubu zayo zinamathelene,
ziphicelwe kuyo azinakwehlukaniswa.
24Inhliziyo yayo iqine njengetshe,
yebo, iqinile njengetshe lokusila elingaphansi.
25Uma ivuka,
abanamandla bangenwa yitwetwe
ngenxa yevuso,
baphela amandla.
26Noma inkemba, umkhonto, umcibisholo
nengcula kufinyelela kuyo,
akunamthelela kuyo.
27Insimbi iyithatha njengotshani,
nethusi njengebunga.
28Umcibisholo awunakuyixosha,
namatshe endwayimane aphenduka amabibi kuyo.
29Izagila zifana namakhoba kuyo,
iyakuhleka ukukhenceza kwengcula.
30Ingaphansi layo linjengezindengezi ezibukhali,
yenaba njengesibhulo odakeni.
31Yenza izinzulu zibile njengebhodwe,
ulwandle ilwenze lufane nomfuma wamafutha.
32Ishiya umgudu ocwebezelayo emva kwayo,
utwa kube sengathi lungwevu.
33Emhlabeni akukho okufana nayo,
yenziwe yangaba nakwesaba.
34 Ikubona konke okuziphakamisayo,
iyinkosi phezu kwabo bonke
abantwana abazikhukhumezayo.”

Currently Selected:

UJobe 41: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in