YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 3

3
UJobe Uqalekisa Usuku Lwakhe Lokuzalwa; Ufisa Ukufa
1Emveni kwalokho uJobe wakhuluma; waqalekisa usuku lwakhe.
2UJobe wathi:
3 “Malubhubhe usuku engazalwa ngalo,
nobusuku okwathiwa:
‘Ukhulelwe ingane yomfana.’
4Lolo lusuku malube ngubumnyama,
uNkulunkulu ephezulu makangalunaki,
ukukhanya makungakhanyi kulo.
5Ubumnyama nethunzi lokufa makunikwe lona,
kuhlale ifu phezu kwalo,
ubumnyama bosuku bulethuse.
6Lobo busuku mabubanjwe yisigayegaye sobumnyama,
bungathokozi phakathi kwezinsuku zonyaka,
lungabalwa phakathi kwezinsuku zenyanga.
7Yebo, lobo busuku
mabube yinyumba,
kungezwakali msindo wenjabulo kubo.
8Mabaluqalekise labo abaqalekisa usuku,
labo abalungele ukuvusa uLeviyathani.
9Izinkanyezi zokuhwelela kobusuku
maziphenduke ubumnyama,
mabulindele ukukhanya
kodwa kungabi bikho,
mabungakuboni ukuntwela kokusa,
10ngokuba abuzivalanga izivalo zesizalo sikamame,
abuyifihlanga inkathazo emehlweni ami.
11“Kungani ngingafelanga esiswini na?
Angibhubhanga ngani lapho ngiphuma esizalweni na?
12Amadolo angemukelelani,
namabele ukuba ngincele na?
13Ngokuba manje
ngabe ngilele, ngithule,
ngabe ngilele ubuthongo, ngiphumule
14kanye namakhosi nabeluleki bomhlaba,
labo abazakhela kabusha
izindawo ezazicekelwe phansi,
15noma kanye nezikhulu ezinegolide,
ezazigcwalise izindlu zazo ngesiliva;
16noma kungani ngingagcwatshwanga njengokuphuphumileyo
nanjengombungu ongalibonanga ilanga?
17Lapho izikhohlakali zingasakwazi ukuhlupha,
nalapho abakhathele besekuphumuleni.
18Lapho iziboshwa zicanasa khona ndawonye,
nezwi labacindezelayo zingasalizwa.
19Lapho abancane nabakhulu befana;
isigqila sikhululekile kumniniso.
20“Kungani ukukhanya kunikwa ososizini,
nokuphila, kwabanomunyu emphefumulweni,
21 abalangazelela ukufa,
kodwa kungafiki,
abakufuna ukwedlula
ingcebo ethukusiweyo,
22abathokoza, bethabe,
bajabule uma bethola ingcwaba?
23 Kungani ukukhanya kunikwa umuntu
ongayiboni indlela yakhe,
lowo uNkulunkulu ambiyele nxazonke na?
24 Ukugquma kimi sekufana nokudla,
nokububula kwami
kuphophoza njengamanzi.
25Ngehlelwa yilokho engikwesabayo,
nalokho enginovalo ngakho kuyangehlela.
26 Anginakuthula, anginaluxolo, anginakuphumula;
inkathazo ingehlele.”

Currently Selected:

UJobe 3: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in