YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 20

20
Inkulumo Yesibili KaZofari
1UZofari, umNahama, waphendula, wathi:
2“Imicabango yami engihluphayo ingenza
ngishe amashushu ngokukuphendula,
ngenxa yokuba ngikhathazeke kakhulu.
3 Sengizizwile izinsolo zakho ezingithunazayo,
kodwa manje umoya wami
wokuqonda ungenza ngiphendule.
4 “Awazi yini lokhu
ukuthi kusukela emandulo,
lapho kubekwa abantu emhlabeni,
5 ukuthi ukujabula kwezikhohlakali kufushane,
nokuthokoza kwabangenankulunkulu kungokomzuzwana nje na?
6 Noma ukuphakama kwakhe kungakhuphukela ezulwini,
nekhanda lakhe lifinyelele emafini,
7 uyakubhubha kuze kube phakade,
njengendle yakhe;
abambonayo bayakuthi:
‘Ukuphi na?’
8 Uyakundiza njengephupho, angafunyanwa,
axoshwe njengombono wasebusuku.
9 Iso elimbonile alisayukuphinde limbone,
nendawo yakhe ayisayukumbona.
10 Abantwana bakhe bayonxephezela abampofu,
izandla zabo ziwubuyisele kubo
umcebo wakhe.
11 Amathambo akhe ayogcwala ugqozi lobusha,
kodwa ayolala othulini kanye naye.
12 “Noma ububi bumnandi emlonyeni wakhe,
ebufihla phansi kolimi lwakhe,
13 noma ebugodla engabushiyi,
ebugcina emlonyeni wakhe,
14nokho ukudla kwakhe kuyomphendukela esiswini,
kube ngubuthi bezimfezi ezibilini zakhe.
15 Umcebo awugwinyile, uyobuye awuhlanze,
nguNkulunkulu oyakuwukhipha esiswini sakhe.
16 Uncela isihlungu sezimfezi,
abulawe wulimi lwenyoka.
17 Akayukuyibuka imifula nemifudlana
egeleza uju nezaqheqhe.
18 Ubuyisa konke akukhandlekelayo, engakakugwinyi,
akayukujabula ngempahla ayitholileyo.
19 Ngokuba ubacindezele,
wabalahla abampofu,
udle indlu angazange ayakhe.
20 “Ngokuba akakwazi ukuthula ngaphakathi kwakhe,
kulokho akufisayo akuphumeleli lutho.
21 Akusalanga lutho angaludlanga,
ngakho-ke impumelelo yakhe ayinakuma.
22 Kuyothi kusamhambela kahle,
ehlelwe yizinhlupheko;
izandla zabo bonke abahluphekayo ziyakuza kuye.
23 UNkulunkulu uyakugcwalisa isisu sakhe ngezinhlupheko,
anise ukuvutha kwentukuthelo yakhe
phezu kwakhe.
24Uyakubalekela isikhali sensimbi,
kodwa agwazwe ngumnsalo wethusi.
25 Uwubhoncula uphume ngasemhlane,
awubone ubengezela igazi lakhe,
maqede akhungathwe yingebhe.
26 Ubumnyama obupheleleyo buyakuba phezu komcebo
wakhe wonke,
umlilo ongavuthelwanga muntu uyakumqothula,
okuseleyo ethendeni lakhe
kushe kungqongqe.
27 Izulu liyoveza obala isiphambeko sakhe,
umhlaba umelane naye.
28 Ifa lendlu yakhe liyoshabalala, linyamalale
ngosuku lwentukuthelo kaNkulunkulu.
29 Lesi yisabelo somuntu okhohlakele,
esivela kuNkulunkulu,
nefa alimiselwe nguNkulunkulu.”

Currently Selected:

UJobe 20: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in