YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 14

14
Inkulumo KaJobe Isaqhubeka
1 “Umuntu ozelwe ngowesifazane
imihla yakhe mifushane,
igcwele inkathazo.
2 Uyaqhakaza njengembali,
abuye abune,
ubalekisa okwethunzi,
akami ndawonye.
3 Ngabe ugxilisa amehlo akho konje,
ungiyisa ekwehlulelweni
kanye nawe na?
4 Ngubani ongaveza
okuhlanzekile kokungcolile na?
Akekho noyedwa.
5 Uma imihla yakhe inqunyiwe,
nenani lezinsuku zakhe zikuwe,
uwumisile umkhawulo wakhe,
akasoze aweqa.
6 Bheka kude naye,
uke umyeke,
aze athokoze osukwini lwakhe, njengomqashwa.
7“Ngokuba kukhona ithemba emthini:
uma unqunywa,
uyakubuye uhlume,
nehlumela lawo aliyukuphela.
8Noma impande yawo
iguga emhlabathini,
nesiqu sawo sifela othulini,
9ngephunga lamanzi uyakuhluma,
uveze amagatsha njengesithombo.
10 Kepha umuntu uyafa,
abe buthakathaka,
umuntu obhubhile uphi na?
11 Njengamanzi anyamalele olwandle,
nomfula oshile waze woma,
12 kanjalo umuntu ulala phansi,
angabe esavuka,
lize lingabi bikho izulu abayukuvuka,
abayukuphaphanyiswa ebuthongweni babo.
13 Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo,
ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho,
unginqumele isikhathi, ungikhumbule.
14Uma umuntu efa, uyakubuye aphile yini na?
Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami,
kuze kufike ukuphunyuzwa kwami.
15 Uyakungibiza, ngisabele,
uyakuwulangazelela umsebenzi wezandla zakho,
16 ngalokhu awuyukuzibala izinyathelo zami,
awuyukusinaka isono sami.
17 Isiphambeko besiyakuvalelwa esikhwameni,
bese usibekela ukona kwami.
18“Kepha intaba iyawa, idilike,
nedwala lisuswe endaweni yalo,
19 amanzi ayagudla amatshe,
ukuphuphuma kwawo kukhukhula uthuli lomhlaba,
nethemba lomuntu lishafiswe kanjalo.
20 Uyamehlula kuze kube phakade,
ahambe,
uyabuguqula ubuso bakhe,
umhambise.
21 Amadodana akhe ayahlonishwa,
engazi yena,
ayehliswa,
yena angakuboni lokho.
22Umzimba wakhe kuphela ozwa ubuhlungu,
umphefumulo wakhe
umlilele wona kuphela.”

Currently Selected:

UJobe 14: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in