YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 10

10
UJobe Ukhononda KuNkulunkulu
1 “Ngiyakuzonda ukuphila kwami,
ngizokhononda ngokukhululeka,
ngizokhuluma ebumunywini bomphefumulo wami.
2 Ngiyakuthi kuNkulunkulu:
‘Ungangilahli njengonecala, kodwa ngazise;
kuyini ongiphikisa ngakho na?
3 Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele,
ulahle umsebenzi wezandla zakho,
uphumelelise icebo lezikhohlakali na?
4 Unawo yini amehlo enyama na?
Uyabona yini njengabantu na?
5 Imihla yakho injengemihla yomuntu na?
Neminyaka yakho injengezinsuku zabantu na?
6 Kungani ungiphenya, ufunisisa ngesono sami,
7 noma wazi kahle ukuthi anginacala,
futhi akekho ongangihlenga esandleni sakho na?
8 Izandla zakho zingibumbile,
zangenza ngokupheleleyo nxazonke,
nokho uyangibhubhisa.
9 Ake ukhumbule ukuthi nguwe
owangibumba njengobumba,
pho uyakungibuyisela othulini na?
10Awungithululanga yini njengobisi,
wangijiyisa njengoshizi na?
11Awungembathisanga yini isikhumba nenyama,
wangiphica ngamathambo nangemisipha na?
12 Ungiphe impilo, wangenzela umusa,
ukunginakekela kwakho kuwulondile umoya wami.
13 Kepha lokhu ukufihlile enhliziyweni yakho,
ngiyazi ukuthi lokhu ubukusophile:
14 uma ngona, uyangiqaphela,
awuyukungithethelela isono sami.
15 Uma ngenzile okubi, maye kimi!
Uma bengilungile,
bengingayukuliphakamisa ikhanda lami,
lokhu ngisuthi ihlazo,
ngibona ukuhlupheka kwami.
16 Nokuba bengiziphakamisa,
ubuyakungizingela njengengonyama,
ubuye uzenze omangalisayo kimi.
17 Ubuyakuletha kimi ofakazi abasha,
wandise intukuthelo yakho kimi,
amaviyo ngamaviyo angithelekele.
18 “ ‘Wangivumelelani ukuba ngizalwe,
ngiphume esibelethweni na?
Ngangingafi ngani ngingakabonwa nangelilodwa iso na?
19Kwakuyoba sengathi angikaze ngibe khona,
ngiphume esibelethweni,
ngiyiswe ethuneni.
20 Izinsuku zokuphila kwami aziyingcosana yini na?
Ake ungiyeke,
kengithole ukuthokoza kancane nje,
21 ngaphambi kokuba ngihambe,
ngingaphinde ngibuye,
ngiye ezweni lobumnyama nesigayegaye,
22izwe lobumnyama nesiphithiphithi sobumnyama,
lapho ukukhanya kufana nobumnyama.’ ”

Currently Selected:

UJobe 10: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in