YouVersion Logo
Search Icon

UJeremiya 49

49
Isiphrofetho SikaJeremiya Ngabakwa-Amoni
1Kubantu bakwa-Amoni. Usho kanje uSimakade, uthi:
“Kanti u-Israyeli akanamadodana, akanandlalifa na?
Kungani inkosi yabo idle elakwaGadi,
nabantu bayo bahlala emizini yakhona na?
2Ngakho-ke bheka,
izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade,
“lapho ngiyakwenza ukuba
kuhlatshwe umkhosi wempi
eRabha labakwa-Amoni.
Liyophenduka indunduma yencithakalo,
imizana yalo ishiswe ngomlilo;
u-Israyeli uyokwephuca
labo ababedle ifa lakhe,” kusho uSimakade.
3“Khihla isililo, Heshibhoni,
ngokuba i-Ayi ibhujisiwe,
khalani, madodakazi aseRabha,
nibhince indwangu eyisaka;
nilile, nigijime phakathi kwezingange,
ngokuba inkosi yalo izothunjwa,
nabaphristi balo nezikhulu zalo, kanyekanye.
4Uzigqajelani ngezigodi,
ngesigodi sakho esivundileyo,
wena ndodakazi ehlubukayo,
othembele engcebeni yakho, uthi:
‘Ngubani ongangihlasela na?’
5Bheka, ngizokwehlisela ukwesaba phezu kwakho,”
kusho iNkosi uSimakade Wamabandla,
“kuvela kubo bonke abakuzungezileyo;
niyakuxoshwa;
kube yilowo nalowo abambe eyakhe indlela,
kungabi bikho oqoqa ababalekileyo.
6“Kepha emveni kwalokho
ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabakwa-Amoni,” kusho uSimakade.
Isiphrofetho SikaJeremiya Ngo-Edomi
7Mayelana no-Edomi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi:
“Akusekho yini ukuhlakanipha eThemani na?
Sekuphelile yini ukweluleka kwabanokuqonda na?
Ngabe ukuhlakanipha kwabo sekushabalele na?
8Phendukani, nibaleke,
nibhace emigedeni ejulileyo;
nina zakhamuzi zaseDedani,
ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe inhlekelele ka-Esawu,
ngesikhathi engiyomjezisa ngaso.
9Uma kufika kuwe abavuni bamagilebhisi,
abayukushiya mkhothozo yini na?
Uma kutheleka amasela ebusuku,
awayukuntshontsha yini lokho akudingayo na?
10Kepha Mina, ngizomhlubula u-Esawu,
ngambule izindawo zakhe ezifihlekile
akayukukwazi ukucasha;
izizukulwane zakhe,
izihlobo zakhe,
nomakhelwane bakhe bayakubhujiswa,
baphele nya.
11Zishiye izintandane zakho,
Mina ngizozigcina ziphilile;
abafelokazi bakho mabethembele kimi.”
12Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Uma labo okungafanele baphuze endebeni, bephuzile kuyo, pho kungani wena ungenakujeziswa na? Ngeke uyekwe ungajeziswa, impela nawe uyophuza kuyo. 13Ngizifunge Mina uqobo, kusho uSimakade, ukuthi iBhozira liyakuba yincithakalo, ihlazo, into esabekayo, nesiqalekiso, nayo yonke imizi yalo iyakuba yincithakalo yaphakade,” kusho uSimakade.
14Ngiwuzwile umbiko ovela kuSimakade,
kuthunywe isithunywa ezizweni sayokuthi:
“Qoqanani, nimelane nalo;
sukumani, nilungele ukulwa.”
15“Ngokuba bheka,
ngizakukwenza ube mncane phakathi kwezizwe,
udelelwe phakathi kwabantu.
16Ukwesabeka kwakho
nokuziqhenya kwenhliziyo yakho kukudukisile,
wena ohleli emifantwini yamadwala,
esicongweni segquma.
Noma isidleke sakho
ungasakha phezulu njengokhozi;
ngiyakwehlisa khona lapho,” kusho uSimakade.
17“U-Edomi uyakuba yinto esabekayo,
kuthi bonke abedlulayo bamangale, banximfe
ngenxa yezinhlupheko zakhe.
18Njengokuchithwa kweSodoma neGomora,
nemizi eyakhe ngakhona;
akuyukuhlala muntu lapho,
nendodana yomuntu ayiyukugogobala khona,” kusho uSimakade.
19“Bheka, njengengonyama iphuma ehlozini eJordani,
iya emadlelweni aluhlaza,
ngiyakubazuma kanjalo abakwa-Edomi,
ngibaxoshe ezweni labo.
Noma ngubani okhethiweyo ngiyombeka ababuse.
Ngokuba ngubani onjengami na?
Ngubani ongangiphosela inselelo na?
Yimuphi umelusi ongama phambi kwami na?”
20Ngakho-ke yizwani ngecebo likaSimakade;
ngo-Edomi nalokho akuhlosile ngabakhileyo eThemani:
impela abancinyane emhlanjini bayohudulwa basuswe,
abhubhise amadlelo abo ngenxa yabo.
21Umhlaba uyakuzamazama ngomsindo wokuwa kwabo;
umsindo wokukhala kwabo kalusizi,
uzwakale oLwandle Lomhlanga.
22Bheka, uyakukhuphuka ashwize njengokhozi,
ehle, elulele amaphiko akhe phezu kweBhozira.
Izinhliziyo zamaqhawe akwa-Edomi
ziyakufana nenhliziyo yowesifazane ohelelwayo.
Isiphrofetho SikaJeremiya NgeDamaseku
23Mayelana neDamaseku.
“IHamathi ne-Ariphadi kujabhile,
kwaphela amandla,
ngokuba kuzwe izindaba ezimbi,
kukhathazekile njengolwandle, olungenakuthula.
24IDamaseku lidikibele,
laphenduka labaleka;
ingebhe ilibambile,
ukudabuka nobuhlungu kulikhungethe
njengowesifazane obelethayo.
25Yeka ukushiywa komuzi odumileyo,
umuzi wokuthokoza kwami!
26Ngakho-ke izinsizwa zakhona
ziyakuwa ezindaweni ezivulekileyo,
nawo wonke amaqhawe empi
abulawe ngalolo lusuku,” kusho uSimakade Wamabandla.
27“Ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseDamaseku,
ungqongqise izinqaba zikaBheni Hadadi.”
Isiphrofetho SikaJeremiya NgeKhedari NeHazori
28Mayelana neKhedari, nangemibuso yaseHazori, eyayinqotshwe nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele. Usho kanje uSimakade, uthi:
“Khuphukelani eKhedari,
nibhubhise abantu basempumalanga.
29Niyothatha, nithwale amathende abo,
imihlambi yabo, amakhethini abo,
nazo zonke izimpahla zabo,
amakameli abo,
nimemeze kubo nithi:
‘Kugcwele ukwesabeka nxazonke.’
30“Bhembulukani nibaleke,
nizulazule kude,
nicashe emigedeni,
nina zakhamuzi zaseHazori, kusho uSimakade;
ngokuba uNebukhadinezari,
inkosi yaseBhabhele,
wenze icebo ngani;
unakhele uzungu,
waceba icebo,” kusho uSimakade.
31“Sukani, nikhuphukele esizweni esizinzileyo,
esihlala ngokuvikeleka,
esingenamasango namigoqo,
esakhe sodwa,” kusho uSimakade.
32“Amakamela aso ayakuba yimpango,
nemfuyo yaso eningi iyakuphangwa.
Ngiyakubahlakazela ezindaweni zonke,
bonke abadilingwe emaceleni amakhanda abo,
ngehlisele phezu kwabo
inhlekelele evela nxazonke,” kusho uSimakade.
33“IHazori liyakuba yindawo
ehlala amakhanka nencithakalo,
kuze kube phakade.
Akuyukuhlala muntu khona,
nendodana yomuntu ayiyukugogobala khona.”
Isiphrofetho SikaJeremiya Nge-Elamu
34Izwi elafika kuJeremiya, umphrofethi, mayelana ne-Elami ekuqaleni kokubusa kukaZedekiya, inkosi yakwaJuda, lathi: 35usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi:
“Bheka, ngiyakuwephula umnsalo we-Elamu,
isiqalo samandla abo.
36Ngiyakwehlisela phezu kwe-Elamu
imimoya emine evela
emkhawulweni yomine yezulu,
ngibahlakazele kuyo yonke leyo mimoya,
akuyukuba bikho sizwe
lapho abaxoshiweyo base-Elamu
bengayikufika khona.
37Ngiyakuyivithiza i-Elamu phambi kwezitha zalo,
naphambi kwalabo abafuna ukuphila kwabo;
ngibehlisele inhlekelele,
nentukuthelo yami evuthayo,” kusho uSimakade.
“Ngiyothumela emva kwabo inkemba,
ngize ngibaqothule baphele nya.
38Ngiyakubeka isihlalo sami sobukhosi e-Elamu,
ngibhubhise lapho inkosi nezikhulu,” kusho uSimakade.
39“Kepha kuyakuthi ngezinsuku zokugcina
ngikuguqule ukuthunjwa kwe-Elamu,” kusho uSimakade.

Currently Selected:

UJeremiya 49: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in