YouVersion Logo
Search Icon

UJeremiya 47

47
Isiphrofetho SikaJeremiya NgamaFilisti
1Izwi likaSimakade elafika kuJeremiya, umphrofethi, mayelana namaFilisti, ngaphambi kokuba uFaro alinqobe iGaza, lathi: 2Usho kanje uSimakade, uthi:
“Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho,
azakuba ngumfula okhukhulayo,
azokhukhula izwe nokukulo,
umuzi nabakhe kuwo.
Abantu bayakukhala;
bonke abakhe ezweni
bayakukhala, bakhihle isililo.
3Ngomsindo wokugabadula
kwezinselo zamahhashi akhe anamandla,
ngobukhehlekhehle bezinqola zakhe,
nangomsindo wamasondo akhe;
oyise ababheki emuva kubantwana,
ngenxa yobuntekenteke bezandla zabo,
4nangenxa yosuku oluzayo
ukuzobhubhisa wonke amaFilisti,
nokuqeda iThire neSidoni,
bonke abasizi abasalayo;
ngokuba uSimakade uyakuwabhubhisa amaFilisti,
insali yesiqhingi iKhafithori.
5IGaza iyakuba nempandla,
i-Ashikeloni lishabalele,
wena nsali yensali yesigodi sabo,
uyakuzisika kuze kube nini na?
6“Awu wena nkemba kaSimakade,
kuyoze kube nini ungathuli na?
Buyela emgodleni wakho,
uthule, uzole.
7Kepha ingaphumula kanjani,
ngokuba uSimakade uyalezile na?
Uyijubile e-Ashikeloni, nasogwini lolwandle.”

Currently Selected:

UJeremiya 47: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in