YouVersion Logo
Search Icon

UJeremiya 25

25
Isiphrofetho Ngokukhonza UNebukhadinezari Iminyaka Engama-70
1Kwathi ngonyaka wesine wokubusa kukaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, okwakungunyaka wokuqala wokubusa kukaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, kwafika izwi kuJeremiya maqondana nabo bonke abantu bakwaJuda. 2UJeremiya, umphrofethi, wakhuluma kubo bonke abantu bakwaJuda nakuzo zonke izakhamuzi zaseJerusalema, wathi: 3“Kusukela onyakeni we-13 wokubusa kukaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube yilolu suku, le minyaka engama-23 izwi likaSimakade lifikile kimi, ngalikhuluma kini ngiphindelela, kodwa anilalelanga.”
4USimakade uthumele kini zonke izinceku zakhe, abaphrofethi, ebathumela njalonjalo, kodwa anilalelanga futhi aniyibekanga indlebe ukuba nizwe 5lapho kuthiwa kini: “Ake niphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nasezenzweni zenu ezimbi, bese nihlala ezweni uSimakade alinika okhokho benu, kusukela phakade kuze kube phakade. 6Ningabalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze, nikhuleke kubo, ningangicunuli ngemisebenzi yezandla zenu, khona ngingayukunilimaza.
7“Kepha aningilalelanga, ningicunulile ngemisebenzi yezandla zenu, nazigwaza ngowenu,” kusho uSimakade.
8Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ngenxa yokuba aniwalalelanga amazwi ami; 9bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade. 10Futhi ngiyakuqeda nya kubo umsindo wokujabula nomsindo wentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, nomsindo wamatshe okusila nokukhanya kwesibani. 11Izwe lonke leli liyakuba yincithakalo, lezi zizwe ziyakuyikhonza inkosi yaseBhabhele iminyaka engama-70.
12“Kuyakuthi lapho iminyaka engama-70 isiphelile, ngiyijezise inkosi yaseBhabhele naleso sizwe, ngenxa yobubi babo, bese kuthi izwe lamaKhaledi, ngilenze libe yincithakalo yaphakade, kusho uSimakade. 13Ngiyakwehlisela phezu kwalelo lizwe wonke amazwi ami engiwakhulume kulo, konke okulotshwe kule ncwadi, uJeremiya akuphrofethile ngazo zonke izizwe. 14Ngokuba bayakugqilazwa nabo yizizwe eziningi nangamakhosi amakhulu, ngiyakuphindisela kubo ngokwezenzo zabo nangokwemisebenzi yezandla zabo.”
Indebe Yewayini Lentukuthelo KaSimakade
15Ngokuba washo kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli kimi, wathi: “Thatha le ndebe yewayini lentukuthelo esandleni sami, uphuzise kuyo zonke izizwe engikuthuma kuzo. 16Ziyakuphuza, zidiyazele, zibe njengezinhlanya ngenxa yenkemba engiyakuyithumela kuzo.”
17Ngase ngiyithatha indebe esandleni sikaSimakade, ngaziphuzisa zonke izizwe uSimakade angithume kuzo: 18iJerusalema, imizi yakwaJuda, namakhosi alo, nezikhulu zalo, ukuba ngikubhubhise kube yincithakalo, into enximfelwayo neqalekisiweyo, njengoba kunjalo namuhla. 19UFaro inkosi yaseGibhithe, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nabo bonke abantu bakhe, 20nabo bonke abantu bezinye izizwe, wonke amakhosi ase-Uzi, wonke amakhosi asezweni lamaFilisti, e-Ashikeloni, eGaza, e-Ekhroni nensali ese-Ashidodi 21nabakwa-Edomi, nabakwaMowabi, nabakwa-Amoni, 22wonke amakhosi aseThire, wonke amakhosi aseSidoni, amakhosi aseziqhingini ezingaphesheya kolwandle; 23iDedani, iThema, iBhuzi, nabo bonke abagunde badilinga amakhanda abo emaceleni, 24nawo wonke amakhosi ase-Arabhiya, wonke amakhosi ezinye izizwe ahlala ehlane, 25wonke amakhosi aseZimri, wonke amakhosi ase-Elamu, wonke amakhosi aseMediya, 26wonke amakhosi asenyakatho, akude naseduze, yileyo naleyo, nayo yonke imibuso yezwe esebusweni bomhlaba; emva kwabo bonke, kuyophuza inkosi yaseSheshakhi.
27“Uyakubatshela, uthi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: phuzani, nidakwe, nihlanze, niwe, ningabe nisavuka, ngenxa yenkemba engiyakuyithumela kini.’ 28Kuyakuthi uma benqaba ukuyithatha indebe esandleni sakho ukuba baphuze, uthi, kubo: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla: impela niyakuyiphuza. 29Bheka, ngizoqala ukwehlisa inhlekelele phezu komuzi obizwa ngegama lami, pho nina niyakukugwema kanjani ukujeziswa na? Aniyukuyekwa ningajeziswa, ngokuba ngibiza inkemba kubo bonke abakhileyo emhlabeni,’ kusho uSimakade Wamabandla.
30“Manje wena, phrofetha kubo wonke lawa mazwi, uthi:
“ ‘USimakade uyaduma kweliphezulu,
uzwakalisa izwi lakhe
esendaweni yakhe engcwele.
Uyakuduma ngamandla phezu kwekhaya lakhe,
amemeze njengabanyathela amagilebhisi
kubo bonke abakhileyo emhlabeni.
31Ukukhamuluka kufinyelele emikhawulweni yomhlaba,
ngokuba uSimakade uyaphikisana nezizwe;
uzakwehlulela abantu bonke,
kodwa ababi uyakubanikela enkembeni,’ ” kusho uSimakade.
32Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi:
“Bheka, kuzakuphuma inhlekelele esizweni,
yedlulele nakwesinye;
kuvuswe isivunguvungu esikhulu
emikhawulweni yomhlaba.”
33Ngalolo lusuku ababuleweyo bakaSimakade bayakusukela komunye umkhawulo womhlaba, baze bafike komunye; abayukukhalelwa, abayukubuthwa, abayukungcwatshwa, bayakuba njengendle ebusweni bomhlaba.
34Hhewulani, nina belusi,
nikhihle isililo,
nizibhuqabhuqe emlotheni
nina zikhulu zomhlambi,
ngokuba sezifikile izinsuku zokuhlatshwa
nokuhlakazwa kwenu,
nizakuwa njengesitsha esihle.
35Iyakushabalala indawo yokucasha kubelusi,
izikhulu zomhlambi aziyukuphunyula.
36Bheka, izwi lokukhala kwabelusi,
nokuhhewula kwezikhulu zomhlambi
ngokuba uSimakade ubhubhisa idlelo labo.
37Izibaya ezinokuthula ziqediwe,
ngenxa yolaka oluvuthayo lukaSimakade.
38Uwushiyile umphandu wakhe,
njengebhongo lengonyama;
ngokuba izwe labo seliyincithakalo,
ngenxa yolaka lomcindezeli
nangenxa yentukuthelo yakhe evuthayo.

Currently Selected:

UJeremiya 25: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in