YouVersion Logo
Search Icon

UJeremiya 22

22
Izwi LikaSimakade Enkosini YakwaJuda
1USimakade washo kanje, wathi: “Yehlela esigodlweni senkosi yakwaJuda, ukhulume lapho leli lizwi, 2uthi: ‘Yizwa izwi likaSimakade, nkosi yakwaJuda, ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, wena nezinceku zakho, nabantu bakho abangena ngalawa masango. 3Usho kanje uSimakade, uthi: “Yenzani ubulungiswa nokulunga, nisindise ophangiweyo esandleni somcindezeli, ningabahlukumezi abafokazi nezintandane nabafelokazi, futhi ningabaphathi kabi, nangesihluku, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo. 4Impela uma niyokwenza lokhu ngokucophelela, kuyakungena emasangweni ale ndlu amakhosi ahleli esihlalweni sobukhosi sikaDavide egibele ezinqoleni nasemahhashini, wona kanye nezinceku zawo nabantu bawo. 5Kepha uma ningawalaleli lawa mazwi, ngizifunga Mina uqobo,” kusho uSimakade, “ukuthi le ndlu iyophenduka incithakalo.” ’ ”
6Ngokuba usho kanje uSimakade ngesigodlo senkosi yakwaJuda, uthi:
“Ufana neGileyadi kimi,
nanjengesicongo seLebhanoni,
kodwa ngiyokwenza ube yihlane
nemizi okungahlali muntu kuyo.
7Ngizakumisa ababhubhisi abazomelana nawe;
yilowo nalowo nesikhali sakhe;
bayakugawula imisedari yakho yekhethelo,
bayiphonse emlilweni.
8“Izizwe eziningi ziyokwedlula kulo muzi, kube yileso naleso sithi kwesinye: ‘USimakade ukwenzeleni okunje kulo muzi omkhulu na?’ 9Bayophendula ngalokho, bathi: ‘Kungokuba basishiyile isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wabo, bakhuleka kwabanye onkulunkulu, babakhonza.’ ”
Izwi LikaSimakade KuShalumi
10Ningamkhaleli ofileyo, ningamlileli;
kodwa mkhaleleni kalusizi othunjwayo,
ngokuba akasayukubuya;
kasayukuphinde alibone izwe azalelwa kulo.
11Ngokuba usho kanje uSimakade kuShalumi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owaba yinkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, futhi owaphuma kule ndawo, uthi: “Akasayukubuyela lapha, 12kodwa uyofela kuleyo ndawo abamthumbele kuyo; akasayukubuye futhi alibone leli lizwe.”
Izwi LikaSimakade KuJehoyakimu
13“Maye, kowakha indlu yakhe ngokungalungi,
namakamelo akhe aphezulu ngokungenabulungiswa,
osebenzisa owezwe lakubo angamholeli,
angamniki iholo ngomsebenzi wakhe,
14othi: ‘Ngiyakuzakhela indlu enkulu
enamakamelo abanzi aphezulu,’
azibhobozele amafasitela,
bese eyimboza ngemisedari,
ihuqwe ngokubomvu!
15“Ukuncintisana ngemisedari ngabe kukwenza
ube yinkosi yini na?
Angithi uyihlo wadla, waphuza,
wenza ubulungiswa nokulunga,
kwaba kuhle kuye na?
16Walumela udaba lompofu nontulayo,
kwaba kuhle;
lokhu akusikho yini ukwazi Mina na?” kusho uSimakade.
17“Kepha amehlo akho nenhliziyo yakho
kusenzuzweni engalungile kuphela,
ekuchitheni igazi elingenacala,
ekucindezeleni, nasekwenzeni ubudlova.”
18Ngakho-ke usho kanje uSimakade ngoJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi:
“Abayukumlilela bathi:
‘Hawu, mfowethu,’
noma, ‘Hawu, dadewethu!’
futhi abayukumkhalela bathi:
‘Hawu, nkosi,’
noma, ‘Maye, inkazimulo yakhe!’
19Uyakungcwatshiswa okwembongolo,
ahudulwe, alahlwe ngale kwamasango eJerusalema.”
Izwi LikaSimakade NgeJerusalema
20“Khuphukela eLebhanoni, ukhihle isililo;
phakamisa izwi lakho eBhashani,
ukhale use-Abharimi,
ngokuba zonke izithandwa zakho zibulewe.
21Ngakhuluma kuwe kusakuhambela kahle,
kepha wathi: ‘Ngeke ngilalele.’
Lokhu kungumkhuba wakho, kwasebusheni bakho;
ukuba ungalilaleli izwi lami.
22Umoya uyakubelusa bonke abelusi bakho,
nezithandwa zakho ziyakuthunjwa;
impela uyakuba namahloni,
ujabhe ngenxa yabo bonke ububi bakho.
23Wena ohlala eLebhanoni,
osidleke sakho sisemisedarini,
uyobubula kanjani lapho sewuhelelwa,
usunemihelo njengowesifazane obelethayo na?
Izwi LikaSimakade KuKhoniya Indodana KaJehoyakhini
24“Ngifunga ngiyagomela,” kusho uSimakade, “noma ngabe uKhoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ube yindandatho yokusicilela esesandleni sami sokunene, bengiyokukuhluthula khona lapho, 25ngikunikele esandleni sabafuna ukuphila kwakho, nasesandleni salabo obesabayo; esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, nasesandleni samaKhaledi. 26Ngiyakukutshinga kwelinye izwe, wena nonyoko, izwe lapho ningazalelwanga khona; nifele lapho. 27Kepha abayukubuyela ezweni, abalangazelela ukubuyela kulo.”
28Le ndoda, uKhoniya, iyibhodwe elidelelwayo, noma isitsha esingafunwa muntu. Kungani ukuba yena nozalo lwakhe belahliwe, balahlelwa ezweni abangalaziyo na? 29Wena lizwe, lizwe, lizwe, yizwa izwi likaSimakade! 30Usho kanje uSimakade, uthi: “Le ndoda yilobeni ukuthi ayinamntwana, indoda engayukuphumelela ngezinsuku zayo. Ngokuba akukho namunye ozalweni lwayo oyophumelela, ahlale esihlalweni sobukhosi sikaDavide, abuye abuse kwaJuda.”

Currently Selected:

UJeremiya 22: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in