YouVersion Logo
Search Icon

UJeremiya 13

13
Indwangu Yelineni Yasokhalo
1USimakade washo kanje kimi, wathi: “Hamba uzithengele indwangu yelineni yasokhalo, uyibhince okhalo lwakho, ungayihlanzi ngamanzi.”
2Ngayithenga indwangu yasokhalo njengokusho kwezwi likaSimakade, ngayibhinca okhalo lwami.
3Izwi likaSimakade lafika kimi ngokwesibili, lathi: 4“Thatha indwangu yasokhalo oyithengile, esokhalo lwakho, usuke uhambe, uye ePheratha, uyifihle lapho emfantwini wedwala.”
5Ngahamba, ngayifihla ePheratha njengalokhu uSimakade ayengiyalile.
6Kwathi ngasekupheleni kwezinsuku eziningi, uSimakade wathi kimi: “Suka uye ePheratha, uthathe lapho indwangu yasokhalo engakuyala ukuba uyifihle lapho.”
7Ngaya ePheratha, ngemba, ngayithatha indwangu yasokhalo lapho ngangiyifihle khona, bheka, indwangu yasokhalo yayonakele, ingasenamsebenzi walutho.
8Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 9“Usho kanje uSimakade: ‘Ngiyakukubhubhisa kanjalo ukuziqhenya kukaJuda, nokuzigqaja kweJerusalema. 10Laba bantu ababi bayenqaba ukulalela amazwi ami, bahamba ngobulukhuni benhliziyo yabo, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, nokuba bakhuleke kubo, bazofana nale ndwangu yasokhalo, engasenamsebenzi walutho. 11Njengalokhu indwangu yasokhalo inamathela okhalo lomuntu, kanjalo ngiyenze indlu yonke yakwa-Israyeli, nayo yonke indlu yakwaJuda ukuba zinamathele kimi,’ kusho uSimakade, ‘ukuba babe ngabantu bami, ngizenzele ngabo igama, nodumo, nendumiso, kodwa kabalalelanga.’
Izimvaba Ezigcwaliswe Ngewayini
12“Uyakubatshela leli lizwi, uthi: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Zonke izimvaba ziyakugcwaliswa ngewayini.’ Bayakuthi kuwe: ‘Impela asazi yini ukuthi kungani zonke izimvaba zigcwaliswe ngewayini na?’ 13Uyokuthi kubo: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: Bheka, ngizakuzigcwalisa ngokudakwa, zonke izakhamuzi zakuleli lizwe; amakhosi ahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, abaphristi, abaphrofethi, nabo bonke abakhileyo eJerusalema. 14Ngiyobaphahlaza; omunye kumfowabo, oyise nezingane kanyekanye,’ ” kusho uSimakade.
“Angiyukubahawukela, angiyukuba nasisa, angiyukuba nasihe kubo, ukuba ngingababhubhisi.”
UJeremiya Wexwayisa Ngokuziqhenya Kwabantu
15Yizwani, nibeke indlebe,
ningaziqhenyi, ngokuba uSimakade ukhulumile.
16Mnikeni uSimakade uNkulunkulu wenu udumo,
engakabulethi ubumnyama,
zingakakhubeki izinyawo zenu
ezintabeni zokuhwalala,
niyokuthi nisabheke ukukhanya
akuphendule ithunzi lokufa,
akwenze kube yisigayegaye sobumnyama.
17Kepha uma ningalaleli;
umphefumulo wami uyakukhala ngasese,
ngenxa yokuzigqaja kwenu;
iso lami liyakukhala kalusizi,
liphophoze izinyembezi;
ngokuba umhlambi kaSimakade uthunjiwe.
18Yisho enkosini nasendlovukazini eyizalayo, uthi:
“Yehlani ezihlalweni zenu zobukhosi,
ngokuba umqhele wenu
wodumo ekhanda uwile.”
19Imizi eNegevu ivaliwe,
akekho oyivulayo.
UJuda wonkana uthunjiwe,
uthunjwe ngokupheleleyo.
20Phakamisani amehlo enu,
nibone abavela enyakatho;
uphi umhlambi enaphiwa wona,
izimvu zakho ezinhle na?
21Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho
labo okade ubafundisile
ukuba babe ngabangani bakho,
babe ngumholi na?
Awuyukukhungathwa yini yimihelo
njengowesifazane obelethayo na?
22Uyakuthi enhliziyweni yakho:
“Zingehleleleni lezi zinto na?”
Ngobukhulu bokona kwakho,
isidwaba sakho siphenyiwe,
nomzimba wakho wahlukunyezwa.
23UmKhushe angasiguqula yini isikhumba sakhe,
nengwe amabala ayo na?
Nani-ke ningekwenze okuhle,
nina eniqeqeshelwe ukwenza okubi.
24“Ngakho-ke ngiyakubasakaza njengamakhoba
epheshulwa ngumoya wasehlane.
25Lokhu kuyisabelo sakho,
isabelo engikulinganisele sona,” kusho uSimakade,
“ngokuba wangikhohlwa wethembela emangeni.
26Ngizakuphenya isidwaba
sibe sebusweni bakho,
bubonakale ubunqunu bakho.
27Ukuphinga kwakho,
nomsindo wokushabashabeka kwakho
ukhanukela ukufeba,
nezinengiso zakho;
ngikubonile emagqumeni asendle.
Maye, kuwe Jerusalema!
Awuhlambulukile.
Kuyoze kube nini na?”

Currently Selected:

UJeremiya 13: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in