YouVersion Logo
Search Icon

UJeremiya 1

1
Izwi LikaSimakade Elafika KuJeremiya
1Amazwi kaJeremiya, indodana kaHilikiya, omunye wabaphristi ababese-Anathothi ezweni lakwaBhenjamini. 2Izwi likaSimakade lafika kuye ezinsukwini zikaJosiya, indodana ka-Amoni inkosi yakwaJuda, ngonyaka we-13 wokubusa kwakhe. 3Labuye lafika nangesikhathi sokubusa kukaJehoyakimu, indodana kaJosiya inkosi yakwaJuda, kwaze kwaba sekupheleni konyaka we-11 wokubusa kukaZedekiya, indodana kaJosiya kwaJuda, kwaze kwaba ngukuthunjwa kweJerusalema ngenyanga yesihlanu.
Ukubizwa KukaJeremiya
4Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:
5“Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi,
ungakaphumi esibelethweni ngakungcwelisa,
ngakuqoka ukuba ube ngumphrofethi ezizweni.”
6Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Simakade! Mina angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngisengumfanyana nje.”
7Kepha uSimakade wathi kimi: “Ungathi kimi ungumfanyana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, futhi uyakukhuluma konke engikuyala ngakho. 8Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” kusho uSimakade.
9USimakade wayeselula isandla sakhe, wathinta umlomo wami; uSimakade wathi kimi: “Ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho. 10Bheka, ngiyakujuba namuhla phezu kwezizwe nemibuso, ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala.”
UJeremiya Ubona Imibono Emibili
11Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Jeremiya, ubonani na?”
Ngathi: “Ngibona igatsha lomu-alimondi.”
12USimakade wayesethi kimi: “Ubone kahle, ngokuba ngiyakuqikelela ukuba izwi lami ngilifeze.”
13Izwi likaSimakade labuye lafika kimi ngokwesibili, lathi: “Ubonani na?”
Ngathi: “Ngibona ibhodwe elibilayo, lifulathele inyakatho.”
14USimakade wayesethi kimi: “Kuzovela inhlekelele ngasenyakatho, ezokwehlela bonke abakhileyo ezweni. 15Ngokuba ngiyakubiza yonke imindeni yemibuso yasenyakatho,” kusho uSimakade.
“Iyakufika, kube yilowo nalowo
ubeke isihlalo sawo sobukhosi
ezikhaleni zamasango eJerusalema,
nakuzo zonke izingange ezilizungezile,
nasemizini yonke yakwaJuda.
16Ngiyakubagweba ngenxa yabo bonke ububi babo,
ngokuba bangihlubukile,
bashisela abanye onkulunkulu impepho,
bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo.
17“Ngalokho-ke wena, bopha ukhalo lwakho, usuke uyokhuluma kubo konke engiyakukuyala ngakho. Ungapheli amandla ngenxa yabo, funa ngikuqede amandla phambi kwabo. 18Ngokuba namuhla ngikubekile ukuba ube ngumuzi obiyelweyo, insika yensimbi, izingange zethusi kulo lonke izwe, emakhosini akwaJuda nezikhulu zakhona, abaphristi bakhona nakubantu bezwe. 19Bayokulwa nawe, kodwa abasoze bakwehlula, ngokuba nginawe,” kusho uSimakade, “ukuba ngikophule.”

Currently Selected:

UJeremiya 1: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in