YouVersion Logo
Search Icon

Abehluleli 5

5
Ihubo LikaDebhora NoBharaki
1 UDebhora noBharaki, indodana ka-Abhinowami, bacula ngalolo lusuku, bathi:
2 “Uma abaholi bakwa-Israyeli
behamba phambili,
nabantu bazinikela ngokukhululeka,
makadunyiswe uSimakade!
3 “Lalelani makhosi,
bekani indlebe zikhulu,
ngizakumhubela uSimakade
ngizakuhlabelela kuSimakade
uNkulunkulu ka-Israyeli.
4 “Simakade lapho uphuma eSeyiri,
uphuma esifundeni kwa-Edomi
umhlaba wazamazama namazulu ayithulula,
amafu athulula amanzi.
5 Izintaba zathuthumela
phambi kukaSimakade waseSinayi,
phambi kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.
6 “Ezinsukwini zikaShamgari,
indodana ka-Anathi,
ezinsukwini zikaJayeli,
abantu bayibalekela imigwaqo emikhulu,
abahamba ngalezo ndlela bahamba
ngezindlela ezimazombezombe.
7 Imizi yakwa-Israyeli yama ingenamuntu,
Debhora, kwaze kwafika wena,
wafika njengonina ku-Israyeli.
8 Bakhetha onkulunkulu abasha,
kwase kuba khona impi emasangweni.
Phakathi kwezinkulungwane
ezingamashumi amane kwa-Israyeli,
ukhona yini owake waphatha
isihlangu nomkhonto, na?
9Inhliziyo yami ikubaholi bakwa-Israyeli
abazinikele phakathi kwabantu.
Dumisani uSimakade!
10 “Khulumani ngakho,
nina enigibela izimbongolo ezimhlophe,
nina enihlala emacansini ezinjinga,
nani enedlula ngendlela.
11 Lalelani umsindo wabaculi besemithonjeni yamanzi,
lapho bephinda ukunqoba kuka-Simakade,
ukunqoba kwezihlupheki kwa-Israyeli.
Abantu bakaSimakade behlela emasangweni.
12 “ ‘Vuka, vuka, we Debhora!
Vuka, vuka uhube ihubo.
Vuka, we Bharaki,
hola abathunjwa bakho,
ndodana ka-Abhinowami.’
13 “Kwase kwehla insali yesikhulu,
abantu bakaSimakade bahamba
behla ukubhekana nonamandla.
14 Kusukela kwa-Efrayimi baphumela esigodini,
kulandela wena Bhenjamini nabafowenu,
kusukela eMakhiri,
bahamba abakhuzi bempi
behla kusukela kwaZebuloni,
kwehla abaphethe induku yomkhuzi wempi.
15 Izikhulu zakwa-Isakhare zeza noDebhora,
no-Isakhare wethembeka kuBharaki;
baphuthuma esigodini besezithendeni zakhe.
Phakathi kwabomndeni kaRubeni
kwaba nokuzihlola okukhulu ezinhliziyweni.
16 Wahlalelani esihulugwini
ukuze uzwe ukukhala kwemihlambi na?
Phakathi kwabomndeni wakwaRubeni
kwakukhona okukhulu ukuzihlola ezinhliziyweni.
17 UGileyadi wahlala phesheya kweJordani;
noDani walibalelani ngasemikhunjini, na?
U-Ashera wahlala akanyakaza ogwini lolwandle,
wahlala ngasethekwini lalo.
18 UZebuloni yisizwe samadelakufa,
noNafethali ngokunjalo,
ezindaweni eziphakemeyo zezwe.
19 “Amakhosi afika, alwa;
alwa namakhosi aseKhanani,
eThahanakhi, ngasemanzini eMegido;
awatholanga mpango yesiliva.
20 Izinkanyezi zalwa ezulwini,
emizileni yazo zalwa noSisera.
21 Umfudlana iKhishoni
wabakhukhula,
umfudlana odla izindwani,
umfudlana iKhishoni.
Nyathela,
mphefumulo wami,
nyathela ngamandla.
22 Kwezwakala umsindo wezinselo zamahhashi
zigabadula, zigabadula izinjomane ezinamandla.
23 ‘Qalekisani iMerozi,’
kusho ingelosi kaSimakade;
‘ziqalekiseni kabi izakhamuzi zalo,
ngoba azizanga ukuzosiza uSimakade,
ukuzosiza uSimakade elwa nesiqhwaga.’
24 “Ungobusisiwe kwabesifazane,
Jayeli mkaHebhere umKheni,
ungobusisiwe kwabesifazane abahlala emathendeni.
25Wacela amanzi,
wamnika ubisi,
wamlethela izangqondo ngomcengezi
ofanele amakhosi.
26Wabeka isandla sakhe esikhonkwaneni sethende
nesokudla sakhe esandweni sezisebenzi;
wamgqema ingozi uSisera
wamfihliza ikhanda,
wamgqobhoza,
wambhoboza esikhaleni sendlebe.
27Wawa, wadindiliza,
wawa ngasezinyaweni zakhe,
wawela lapho, wafa.
28 “Walunguza efasiteleni unina kaSisera,
wakhala ngemuva kwekhethini, ethi:
‘Ilibaleleni inqola yakhe ukubuya, na?
Uphi umsindo wezinqola zakhe, na?’
29Abesifazane bakhe abahlakaniphileyo bayaphendula,
wawuphendula yena uqobo umbuzo:
30 ‘Bayitholile,
futhi ababelani impango, na?
Intombi, yebo,
izintombi ezimbili endodeni;
impango yezinto ezidayiwe kuSisera,
impango yezinto ezidayiwe zahlotshiswa,
iziqephu ezimbili zomsebenzi oyimpango
odayiwe wahlotshiswa,
ongowentamo yami.’
31 “Simakade, sengathi zingabhubha
zonke izitha zakho!
Kodwa abakuthandayo
mabafane nelanga liphuma
ngamandla alo.”
Izwe lalinokuthula iminyaka engama-40.

Currently Selected:

Abehluleli 5: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in