YouVersion Logo
Search Icon

EkaJakobe 5

5
Ukusolwa Kwabacebileyo Abangalungile
1 Wozani manje nina bacebileyo; khalani, nikhihle isililo ngenxa yezinhlupheko ezizakunehlela. 2 Ingcebo yenu ibolile, nezingubo zenu zidliwe yinundu. 3Igolide lenu nesiliva kugqwalile, nokugqwala kwakho kuzakuba ngubufakazi obumelene nani, kuyakudla inyama yenu njengomlilo. Niqongelele ingcebo ngezinsuku zokugcina. 4 Bhekani, umholo wezisebenzi ezivuna emasimini enu, eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwababevuna sekufinyelele ezindlebeni zeNkosi Yamabandla. 5 Nibusile emhlabeni, natamasa, izinhliziyo zenu nazondla ngosuku lokuhlaba. 6 Nilahle ngecala, nambulala olungileyo ongakwazi ukumelana nani.
Ukubekezela
7 Ngakho-ke bazalwane, bekezelani, kuze kufike iNkosi. Bhekani, umlimi uyalindela isithelo somhlabathi esiyigugu. Uyasibekezelela, size sithole imvula yokuqala neyakamuva. 8 Nani-ke bekezelani, niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukubuya kweNkosi sekusondele. 9 Bazalwane, ningakhonondi omunye ngomunye ukuze ningehlulelwa. Nango umehluleli umi ngasemnyango.
10 Bazalwane, thathani njengesibonelo sokuhlupheka okubi nokubekezela, abaphrofethi ababekhuluma egameni leNkosi. 11 Niyazi ukuthi babusisiwe labo ababekezelile. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, futhi nibonile isiphetho esilethwe yiNkosi, ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.
Ukufunga
12 Ngaphezu kwakho konke bazalwane bami, ningafungi ngezulu noma ngomhlaba noma nganoma yini. Kepha uyebo wenu makabe nguyebo, noqhabo abe nguqhabo, ukuze ningehlulelwa.
Ukukhuleka
13 Ukhona ohluphekayo phakathi kwenu na? Makakhuleke. Ukhona onamileyo na? Makahube. 14 Ukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi. 15 Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uyakuthethelelwa zona. 16 Ngakho-ke vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuze niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla kakhulu.
17 U-Eliya wayengumuntu efana nathi; wakhuleka nokukhuleka ukuba lingani; alinanga emhlabeni iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha. 18 Wabuye wakhuleka; izulu lana, nomhlaba wathela izithelo zawo.
Abadukisiweyo
19 Bazalwane bami, uma omunye wenu ephambuka eqinisweni, omunye ambuyise; 20 yazini ukuthi lowo obuyise isoni ekudukeni kwaso endleleni uyakusindisa umphefumulo wakhe ekufeni, asibekele izono eziningi.

Currently Selected:

EkaJakobe 5: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in