YouVersion Logo
Search Icon

U-Izaya 62

62
Ukusindiswa KweZiyoni Ekuthunjweni
1Ngenxa yeZiyoni angiyukuthula,
nangenxa yeJerusalema angiyukuphumula,
kuze ukulunga kwalo kuphume njengokukhanya,
nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo.
2Izizwe ziyokubona ukulunga kwakho,
namakhosi wonke inkazimulo yakho;
uyobizwa ngegama elisha
eliyonqunywa ngumlomo kaSimakade.
3Uyokuba ngumqhele wodumo esandleni sikaSimakade,
nomshuqulu wobukhosi esandleni sikaNkulunkulu wakho.
4Akusayukuthiwa ngawe uNgoshiyiweyo,
nezwe lakini alisayukuthiwa yiNcithakalo;
kodwa uyobizwa ngokuthi
Ontokozo yami ikuye,
nezwe lakini ngokuthi Oganileyo;
ngokuba uSimakade uyathokoza ngawe,
nezwe lakini lendile.
5Njengensizwa iganwa yintombi,
kanjalo amadodana akho
ayakuganwa nguwe,
nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe,
uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.
6Ezingangeni zakho Jerusalema, ngimisile abalindi.
Abayukuthula nakanye imini nobusuku.
Nina enibakhumbuza ngoSimakade,
maningaphumuli,
7futhi ningamniki ukuphumula
aze alakhe iJerusalema,
alibeke libe yindumiso emhlabeni.
8USimakade ufunge ngesandla sakhe sokunene
nangengalo yamandla akhe, wathi:
“Impela angisayukuphinde
nginike izitha zakho okusanhlamvu kwakho,
kube ngukudla kwazo.
Abezizwe abayukuliphuza iwayini lakho elisha olikhandlekeleyo,
9kodwa bayokudla abakuqoqileyo,
badumise uSimakade,
nabaliqoqileyo bayoliphuzela emagcekeni endlu yami engcwele.”
10Phumani, niphume ngamasango,
niyilungise indlela yabantu;
yakhani, niwakhe umendo,
nikhiphe amatshe;
niphakamisele izizwe ibhanela.
11USimakade uyezwakala
kuze kube sekugcineni komhlaba, uthi:
“Yishoni kuyo indodakazi yaseZiyoni, nithi:
‘Bheka, insindiso yakho iyeza.
Bheka, umvuzo wakhe uza nawo,
nenkokhelo yakhe iphambi kobuso bakhe.’ ”
12Bayobizwa ngokuthi ngabantu abangcwele,
abahlengiweyo bakaSimakade.
Wena uyothiwa Ofuniweyo,
uMuzi Ongashiywanga.

Currently Selected:

U-Izaya 62: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in