YouVersion Logo
Search Icon

U-Izaya 35

35
Kuyakubakhona Indlela Yobungcwele Yabantu Bakhe
1Kuyakuthokoza ihlane
nendawo eyomileyo,
kujabule ugwadule
luqhakaze njengentebe.
2Luzokhahlela kakhulu luthokoze,
lujabule, lugide.
Inkazimulo yeLebhanoni
izobuyiselwa kulo
nobukhosi beKharimeli nobeSharoni.
Bayakubona inkazimulo kaSimakade,
ubukhosi bukaNkulunkulu wethu.
3Qinisani izandla eziyethileyo,
niqinise amadolo axegayo.
4Yishoni kwabanhliziyo enokwesaba, nithi:
“Yimani isibindi, ningesabi,
bhekani, uNkulunkulu wenu
uyeza ngempindiselo,
impindiselo kaNkulunkulu, nguye oza ukunisindisa.”
5Amehlo ezimpumputhe ayakuvuleka,
izindlebe zezithulu zivuleke,
6izinyonga ziyakutshekula njengendluzele,
nolimi lwesimungulu luhlabelele ngentokozo.
Ngokuba kuyoqubuka amanzi ehlane,
nemifudlana ogwadule.
7Isihlabathi esishisayo siyophenduka ichibi,
umhlabathi owomileyo ube yimithombo yamanzi;
ikhaya lezimpungushe liyophenduka ixhaphozi,
utshani bube ngumhlanga nekhwani.
8Kuyakuba khona umendo
nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele;
ongcolileyo akayukuhamba ngayo,
kepha iyakuba ngeyabantu bakhe;
abahamba ngayo, noma beyiziwula,
abayukuduka kuyo.
9Akuyukuba khona lapho ingonyama,
nesilwane esihahayo
asiyukukhuphukela khona;
lokho akuyukufunyanwa khona,
kepha abakhululiweyo bayakuhamba ngayo.
10Abahlengiweyo bakaSimakade bayakubuya
baye eZiyoni ngokwethaba,
intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo;
bayakuthola ukujabula nokuthokoza,
kubaleke usizi nokububula.

Currently Selected:

U-Izaya 35: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in