YouVersion Logo
Search Icon

U-Izaya 25

25
Ihubo Lokudumisa USimakade
1Wena Simakade unguNkulunkulu wami;
ngizokuphakamisa ngilidumise igama lakho,
ngokuba wenze izimangaliso ezacetshwa emandulo,
ngokwethembeka nangeqiniso.
2Ngokuba umuzi uwuphendule imvithi,
umuzi obiyelweyo waba yincithakalo;
umuzi wabafokazi awuseyiwo umuzi,
awusoze wakhiwa kabusha nanini.
3Ngakho-ke izizwe ezinamandla ziyokudumisa,
imizi yezizwe ezinonya ikwesabe.
4Ngokuba ube yinqaba kwabampofu,
inqaba kwabantulayo ekuxakekeni kwabo,
umpheme esivunguvungwini
nomthunzi ekushiseni,
lapho umoya wabanonya
unjengesivunguvungu ebusika,
5Umsindo wabafokazi
ufana nokushisa ezweni elomileyo,
uyodambisa ukushisa ngomthunzi wamafu,
uthulise nehubo labanonya.
6Kule ntaba kaSimakade Wamabandla
uyokwenzela zonke izizwe idili
ngokukhulupheleyo nokunomnkantsha,
idili lewayini eliqoqodileyo,
elinenhlese ecwengekileyo.
7Uyobhubhisa kule ntaba
isembozo esemboze bonke abantu,
nomgubuzelo ogubuzele zonke izizwe.
8Ukufa kuyokugwinywa kuze kube phakade.
INkosi uSimakade iyokuzesula izinyembezi
ebusweni bonke,
isuse ihlazo labantu bayo
emhlabeni wonke
ngokuba uSimakade ukhulumile.
9Kuyothiwa ngalolo lusuku:
“Bheka, lo unguNkulunkulu wethu;
simlindele, futhi uyakusisindisa, sisinde.
Masijabule, sithokoze ngensindiso yakhe.”
10Ngokuba isandla sikaSimakade
siyophumula phezu kwale ntaba.
AbakwaMowabi bayodovadovwa endaweni yakubo,
njengenqwaba yotshani bunyathelwa endundumeni yobulongwe.
11Noma bephakamisa izandla zabo,
bephakathi kwayo njengababhukudayo,
bevula izandla zabo bebhukuda,
ukuphakama kwabo kuyothotshiswa
naphezu kokuba begwedla
kangaka ngezandla zabo.
12Izinqaba eziphakemeyo
ezingangeni zakhe ziyobhidlizwa,
ziyakuwiselwa phansi
zidicilelwe emhlabathini,
ngisho othulini imbala.

Currently Selected:

U-Izaya 25: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in