KumaHebheru 13
13
Iziyalo Ezehlukahlukene
1 Uthando lobuzalwane maluqhubeke njalo. 2 Ningakhohlwa wukuphatha kahle izihambi, ngokuba abanye benu ngokwenza kanjalo baphatha kahle izingelosi bengazi. 3 Khumbulani ababoshiweyo kube sengathi nani luqobo niboshwe kanye nabo, nibakhumbule nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisesemzimbeni.
4 Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede mawungangcoliswa, ngokuba uNkulunkulu uyakuzehlulela izifebe nabaphingayo. 5 Maningaphili ngokuthanda imali, yaneliswani ngeninakho, ngokuba Yena ushilo wathi: “Angisoze ngakulahla, futhi angisoze ngakushiya,” 6 ukuze sisho ngesibindi, sithi:
“INkosi ingumsizi wami, angiyukwesaba;
umuntu angangenzani na?”
7 Khumbulani ababenihola, bekhuluma izwi likaNkulunkulu; nazi umphumela wokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo. 8 UJesu Khristu nguYena izolo, nanamuhla, yebo, naphakade.
9 Ningadukiswa yizimfundiso ezehlukahlukeneyo nezingaziwayo, ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla okungabasizanga nalabo abaphila ngakho. 10 Thina sine-althare, abangenalungelo lokudla kulo labo abakhonza ethabanakelini.
11 Izidumbu zezilwane igazi lazo elingeniswa ngumphristi omkhulu endaweni engcwele, zikhishelwa ngaphandle kwenkambu ngenxa yezono. 12 Ngakho-ke naye uJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango. 13 Ngakho-ke masiphumele kuye ngaphandle kwenkambu, sithwale ihlazo lakhe. 14 Asinawo lapha umuzi omiyo, kodwa sifuna umuzi ozayo.
15 Ngakho-ke ngaye, masinikele umhlatshelo wokudumisa kuNkulunkulu, okuyisona sithelo sezindebe zomlomo wethu, sivume igama lakhe. 16 Ningakhohlwa ukwenza okuhle nokwabelana, ngokuba uNkulunkulu uyathokoza ngeminikelo enjalo.
17 Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu, futhi bayakuphendula ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula bengakhonondi, ngokuba lokhu akunakunisiza.
Umkhuleko Wokuvalelisa
18 Sikhulekeleni, ngokuba siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle, sithanda ukuhamba kahle ezintweni zonke. 19 Ngiyanincenga kakhulu ukuba nenze lokho, ukuze ngibuyiselwe kinina masinyane.
20 Kepha uNkulunkulu wokuthula, owakhuphula kwabafileyo umelusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano saphakade, iNkosi yethu uJesu, 21 makanihlomise ngakho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, enza kithina lokho okuthandekayo kuye ngoJesu Khristu; makube kuye inkazimulo, kuze kube phakade naphakade. Amen.
Isiphetho
22 Ngiyanincenga bazalwane, lamukeleni kahle izwi lokuyala, ngokuba nginilobele lona ngamazwi amafuphi.
23 Yazini ukuthi umfowethu uThimothewu usekhululiwe. Uma efika masinyane ngizakunibona kanye naye.
24 Khonzani kubo bonke abaniholayo, nakubo bonke abangcwele. Abase-Ithaliya bayakhonza kini.
25 Umusa mawube nani nonke. Amen.
Currently Selected:
KumaHebheru 13: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.