YouVersion Logo
Search Icon

IGenesisi 5

5
Uzalo Luka-Adamu
1 Nantu uhla lozalo luka-Adamu. Ngesikhathi uNkulunkulu edala umuntu wamenza wanjengaye. 2 Wadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, wababiza ngokuthi ngabantu ngosuku abadala ngalo. 3Kuthe lapho u-Adamu eseqede iminyaka eyi-130, wazala indodana eyayifana naye, wayiqamba igama wathi nguSethi. 4Esezelwe uSethi, u-Adamu waphila iminyaka engama-800, waphinde wazala amadodana namadodakazi. 5Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Adamu yaba ngama-930, wayesefa.
6Kwathi uSethi eseneminyaka eyi-105, wazala u-Enoshe. 7Esezelwe u-Enoshe, uSethi waphila iminyaka engama-807 emva kokuzalwa kuka-Enoshe, waphinde wazala amadodana namadodakazi. 8Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguSethi yaba ngama-912, wayesefa.
9Kwathi u-Enoshe eseneminyaka engama-90, wazala uKhenani. 10Esezelwe uKhenani, u-Enoshe waphila iminyaka engama-815, waphinde wazala amadodana namadodakazi. 11Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Enoshe yaba ngama-905, wayesefa.
12Kwathi uKhenani eseneminyaka engama-70, wazala uMahalaleli. 13Esezelwe uMahalaleli, uKhenani waphila iminyaka engama-840, waphinde wazala amadodana namadodakazi. 14Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguKhenani yaba ngama-910, wayesefa.
15Kwathi uMahalaleli eseneminyaka engama-65, wazala uJaredi. 16Esezelwe uJaredi, uMahalaleli waphila iminyaka engama-830, waphinde wazala amadodana namadodakazi. 17Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguMahalaleli yaba ngama-895, wayesefa.
18Kwathi uJaredi eseneminyaka eyi-162, wazala u-Enokhi. 19Esezelwe u-Enokhi, uJaredi waphila iminyaka engama-800, waphinde wazala amadodana namadodakazi. 20Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguJaredi yaba ngama-962, wayesefa.
21Kwathi u-Enokhi eseneminyaka engama-65, wazala uMethusela. 22 Esezelwe uMethusela, u-Enokhi waphila iminyaka engama-300 ehamba noNkulunkulu, waphinde wazala amadodana namadodakazi. 23Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Enokhi yaba ngama-365. 24 U-Enokhi wayehamba noNkulunkulu. Wanyamalala, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.
25Kwathi uMethusela eseneminyaka eyi-187, wazala uLameki. 26Esezelwe uLameki, uMethusela waphila iminyaka engama-782, waphinde wazala amadodana namadodakazi. 27Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguMethusela yaba ngama-969, wayesefa.
28Kwathi uLameki eseneminyaka eyi-182, wazala indodana. 29 Wayiqamba igama wathi nguNowa, ethi: “Lo nguyena ozosiphumuza emsebenzini wethu nasemshikashikeni wezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uSimakade.”
30Esezelwe uNowa, uLameki waphila iminyaka engama-595, waphinde wazala amadodana namadodakazi. 31Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguLameki yaba ngama-777, wayesefa.
32 Kwathi uNowa eseneminyaka engama-500, wazala uShemu, uHamu, noJafethi.

Currently Selected:

IGenesisi 5: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in