YouVersion Logo
Search Icon

IGenesisi 45

45
UJosefa Uziveza Kubafowabo
1 UJosefa wayengasakwazi ukuzibamba phambi kwabo bonke ababemi naye, wakhala, wathi: “Khiphani bonke abanye abalapha phambi kwami.”
Kwakungasekho muntu ngesikhathi uJosefa eziveza kubafowabo. 2 Wakhala kakhulu baze bezwa nabaseGibhithe, leso sililo saze safinyelela nasendlini kaFaro. 3 UJosefa wathi kubafowabo: “NginguJosefa. Ubaba usaphila na?”
Abafowabo abakwazanga ukumphendula, ngoba babethuke kakhulu.
4 UJosefa wathi kubafowabo: “Sondelani kimi.”
Basondela, wayesethi kubo:
“NginguJosefa umfowenu, enathengisa ngaye eGibhithe. 5 Manje ningabe nisakhathazeka, futhi ningazisoli ngokuthi nangidayisa, ngokuba nguNkulunkulu owangithumela ukuba nginandulele ukuze ngilonde impilo. 6 Niyayibona le ndlala ekhona ezweni isathathe iminyaka emibili, isazoqhubeka eminye emihlanu kungalinywa, kungavunwa. 7 UNkulunkulu wangithuma ukunandulela ukuze nibe yinsali emhlabeni, nisindiswe, kukhululwe abaningi. 8Ngakho-ke akunina enangithuma lapha, kodwa nguNkulunkulu ongenze uyise kaFaro, nombusi ophethe endlini yakhe, naphezu kwezwe lonke iGibhithe.
9 “Ningabe nisapholisa maseko, yanini kubaba nifike nithi kuye: ‘UJosefa indodana yakho, ithi: uNkulunkulu ungibeke ngaba ngumbusi walo lonke iGibhithe, ungabe usalibala, yehla uze kimi. 10 Uyohlala eGosheni ukuze ube seduze kwami, wena nabantwana bakho, nabazukulu bakho, nemihlambi yakho yonke yezimvu nezinkomo, nakho konke onakho. 11 Ngizonondla nikuleyo ndawo, wena nabendlu yakho, nabo bonke abangabakho, ngokuba kusazokuba yiminyaka emihlanu indlala isalokhu idlangile.’ ”
12“Nani niyazibonela, ngisho nomnawami uBhenjamini uyazibonela ukuthi yimina mathupha uJosefa osho lawa mazwi kini. 13Nimbikele ubaba ngakho konke ukuhlonipheka kwami eGibhithe, nangakho konke enikubonileyo, bese nisheshe nimehlisa eze lapha.”
14 Wazilahlela entanyeni yomfowabo uBhenjamini, wakhala; noBhenjamini wakhalela entanyeni yakhe. 15Wabanga bonke abafowabo ngamunye, ekhala. Emveni kwalokho abafowabo baxoxa naye.
Abafowabo BakaJosefa Babuyela EKhanani
16 Kwafika umbiko endlini kaFaro, othi: “Abafowabo bakaJosefa bafikile.”
Kwaba kuhle lokho kuFaro nasezincekwini zakhe. 17UFaro wathi kuJosefa: “Yisho kubafowenu uthi: ‘Yethwesani izimbongolo zenu, nihambe niye eKhanani, 18 nithathe uyihlo nemindeni yenu nize kimi, ukuze ngininike eyekhethelo eGibhithe, nitamuze okuhle kwalo.’
19 “Ngiyakuyala, batshele ukuthi ngithi: ‘Zithatheleni nina nomkenu nabantwana benu izinqola lapha eGibhithe, nigibelise uyihlo nize naye lapha. 20Ningakhathazeki ngempahla yenu, ngokuba konke okuhle kwezwe eGibhithe kungokwenu.’ ”
21 Amadodana ka-Israyeli enza njengalokhu eyaliwe. UJosefa wawanika izinqola nomphako njengokusho kukaFaro. 22 Wabanika kwaba yilowo nalowo ingubo yokushintsha, kodwa uBhenjamini wamnika izinhlamvu zesiliva ezingama-300, nezingubo zakwanokusho ezinhlanu. 23Wayesethumelela uyise lokhu: izimbongolo eziyishumi zithwele amagugu aseGibhithe, nezimbongolo eziyishumi zezinsikazi zithwele okusanhlamvu, nezinkwa nokunye okungumphako kayise.
24Wayesebakhipha abafowabo, bangena indlela. Wathi kubo: “Ningaxabani endleleni.”
25Base bephuma, bakhuphuka eGibhithe baze bayofinyelela kuyise uJakobe eKhanani. 26 Bambikela bathi: “UJosefa usaphila, ungumbusi walo lonke iGibhithe.”
UJakobe waphela amandla, wakhungatheka, akaze abakholwa. 27 Bamlandisa konke okwakukhulunywe nguJosefa kubo, futhi wabona nezinqola ayezikhiphile ukuba zizomlanda. Waqala uJakobe ukuvuseleleka emoyeni. 28 U-Israyeli wathi: “Kwanele; uJosefa indodana yami usaphila. Ngizohamba ngiyombona ngingakafi.”

Currently Selected:

IGenesisi 45: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in