YouVersion Logo
Search Icon

IGenesisi 39

39
UJosefa UseGibhithe
1 UJosefa bamthatha baya naye eGibhithe, uPotifari, esinye sezikhulu zikaFaro, umphathi wabaqaphi, wamthenga kwabakwa-Ishmayeli ababefike naye. 2 USimakade wayenaye uJosefa, wamphumelelisa kukho konke. UJosefa wahlala endlini yenkosi yakhe yaseGibhithe. 3 Inkosi yakhe yabona ukuthi uNkulunkulu unaye, nokuthi uNkulunkulu uyakuphumelelisa konke akwenzayo, 4 ngakho-ke uJosefa wafumana umusa phambi kwayo, waba yinceku yayo; yamenza waba ngumphathi wendlu yayo, wengamela konke eyayinakho. 5 Kusukela ngaleso sikhathi eyambeka ngaso, waba ngumphathi wendlu yayo, nakho konke eyayinakho; uSimakade wawubusisa umuzi walowo mGibhithe, nakho konke ayenakho. Isibusiso sikaSimakade sasiphezu kwakho konke uPotifari ayenakho endlini nasemasimini. 6 Ngakho-ke uPotifari wakubeka konke ayenakho esandleni sikaJosefa, akabe esazihlupha ngalutho, ngaphandle kokudla okwakufanele akudle.
UJosefa Ulingwa NgumkaPotifari
UJosefa wayeyigeza, enesiqu, ebukeka kahle.
7 Emveni kwesikhathi umkaPotifari wamkhanuka, wathi kuye: “Lala nami.”
8 Kepha uJosefa wenqaba, wathi enkosikazini yomphathi wakhe: “Umphathi wami akakhathazeke ngalutho endlini yakhe, futhi ukunikele konke ezandleni zami. 9 Akamkhulu kule ndlu kunami, futhi akukho angigodlele khona ngaphandle kwakho, ngenxa yokuba ungumkakhe. Ngingakwenza kanjani-ke okubi kangaka, ngone kuNkulunkulu na?”
10Nakuba umkaPotifari wayembelesela uJosefa imihla ngemihla, kodwa akavumanga ukulala naye, noma abe ndawonye naye.
11Langa limbe lapho uJosefa engena endlini ezosebenza, kungekho muntu omunye endlini, 12umkaPotifari wamdumela, wabamba ingubo yakhe, wathi: “Lala nami,” kodwa uJosefa waphulukundlela, washiya isembatho sakhe ezandleni zakhe, wabaleka, waphumela phandle. 13Kwathi ukuba abone ukuthi ushiye ingubo esandleni sakhe, wabaleka, 14wamemeza abendlu yakhe, wathi: “Ake nibheke, umyeni wami usilethele lo mHebheru ukuba azohlekisa ngathi. Uze kimi, wafuna ukulala nami, ngamemeza kakhulu; 15unele wezwa ngiphakamisa izwi lami ngimemeza, washiya ingubo yakhe eduze kwami, wabaleka, waphumela phandle.”
16Wayigcina leyo ngubo eduze kwakhe, waze wabuya umyeni wakhe. 17Wamtshela le ndaba, wathi: “Le nceku yomHebheru owasilethela yona, ize kimi ifuna ukulala nami; 18kuthe ukuba ngiphakamise izwi ngimemeza, yashiya ingubo yayo eduze kwami, yabaleka, yaphumela phandle.”
UJosefa Uvalelwa Ejele
19Esewezwile amazwi akhulunywe ngumkakhe, ethi: “Ingiphathe kanjalo inceku yakho,” wathukuthela wagana unwabu. 20 Umphathi wamthatha uJosefa, wamgquma ejele, lapho kwakuvalelwa khona iziboshwa zenkosi.
21 USimakade wayenaye uJosefa, wamenzela umusa, waba nogazi kumphathijele. 22 Umphathijele wambeka uJosefa waba yinduna yabo bonke ayevalelwe nabo, kubuzwa kuye konke okwakwenzeka lapho. 23Umphathijele akabange esazikhathaza ngalutho, ngokuba konke kwakusesandleni sikaJosefa, futhi uSimakade wayemphumelelisa kukho konke akwenzayo.

Currently Selected:

IGenesisi 39: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in