YouVersion Logo
Search Icon

IGenesisi 36

36
Izizukulwane Zika-Esawu
(1 IZik. 1:34-36)
1 Nanku umlando wezizukulwane zika-Esawu obuye abizwe ngo-Edomi. 2U-Esawu wathatha abafazi emadodakazini amaKhanani: u-Ada, indodakazi ka-Eloni, umHithi, no-Oholibhama, indodakazi ka-Ana, indodakazi kaZibhiyoni, umHivi. 3Wabuye waganwa nguBhasematha indodakazi ka-Ishmayeli, udadewabo kaNebhayothi. 4U-Ada wamzalela u-Esawu u-Elifazi, uBhasematha wamzalela uRuweli, 5 u-Oholibhama wamzalela uJewushi, uJalamu noKhora. Yilawo-ke amadodana ka-Esawu awazalelwa eseseKhanani.
6U-Esawu wathatha abafazi bakhe, amadodana akhe, amadodakazi akhe, nabo bonke ayenabo, izinkomo zakhe, yonke imfuyo yakhe, nempahla yonke ayeyithole eKhanani, wathuthela ezweni elaliqhelelene nomfowabo uJakobe. 7 Impahla yabo yayisiningi kakhulu ukuthi babengakwazi ukuqhubeka bahlale ndawonye. Izwe ababehlezi kulo lalingasabeneli bobabili ngenxa yemfuyo ababenayo. 8 U-Esawu owayaziwa ngokuthi ngu-Edomi wazinza kwelezintaba eSeyiri.
9Nantu uhla lwezizukulwane zika-Esawu, ukhokho wabakwa-Edomi, ababehlala kwelezintaba eSeyiri. 10Nanka amagama amadodana akhe: u-Elifazi owayezalwa ngu-Ada, noRuweli owayezalwa nguBhasematha. 11Amadodana ka-Elifazi kwakunguThemane, u-Omari, uZefo, uGathamu noKhenazi. 12UThimna owayeyisancinza sika-Elifazi, wamzalela indodana okuthiwa ngu-Amaleki. Laba babeyisizukulwane sika-Ada, umka-Esawu. 13Amadodana kaRuweli, kwakunguNahathi, uZera, uShama, noMiza. Laba babeyisizukulwane sikaBhasemathi. 14Lawa kwakungamadodana ka-Oholibhama indodakazi ka-Ana, engumzukulu kaZibhiyoni, umka-Esawu, kwakunguJewushi, uJalamu, noKhora.
15 Nazi izikhulu ezavela emadodaneni ka-Esawu: amadodana ka-Elifazi, izibulo lika-Esawu, kwakunguThemani, u-Omari, uZefo, uKhenazi, 16uKhora, uGathamu, no-Amaleki. Yilezi-ke izikhulu ezavela ku-Elifazi kwa-Edomi zingamadodana ka-Ada. 17Lawa ngamadodana kaRuweli, indodana ka-Esawu, isikhulu uNahathi, uZera, uShama, nesikhulu uMiza. Yilezo-ke izikhulu ezazalwa nguRuweli kwa-Edomi. Zaziyizizukulwane zika-Bhasematha. 18Lawa ngamadodana ka-Oholibhama, umka-Esawu: kwakuyizikhulu uJewushi, uJalamu, noKhora. Yilazo-ke izikhulu ezazizalwa ngu-Oholibhama, indodakazi ka-Ana, umka-Esawu.
19Yilolo-ke uhla lwamadodana nezikhulu ababezalwa ngu-Esawu ongu-Edomi.
Izizukulwane ZikaSeyiri
20 Lawa ngamadodana kaSeyiri umHori ayehlala eSeyiri: kwakunguLothani, uShobhali, uZibhiyoni, u-Ana, 21uDishoni, u-Ezeri, noDishani. Laba babengamadodana kaSeyiri ayebusa amaHori kwa-Edomi. 22Amadodana kaLothani kwakunguHori noHomamu, udadewabo kaLothani kwakunguThimna. 23Amadodana kaShobhali kwakungu-Alvani, uManahathi, u-Ebhali, uShefo, no-Onamu. 24Amadodana kaZibhiyoni kwakungu-Ayiya no-Ana. U-Ana nguye owathola iziphethu zamanzi ashisayo ehlane, mhla eluse izimbongolo zikayise, u-Zibhiyoni. 25Laba ngabantwana baka-Ana: uDishoni, no-Oholibhama owayeyintombazana. 26Amadodana kaDishoni kwakunguHemidani, u-Eshibhani, u-Ithirani noKherani. 27Amadodana ka-Ezeri, kwakunguBhilihani, uZavani, no-Akhani. 28Amadodana kaDishani kwakungu-Uzi no-Arani.
29Izikhulu zamaHori, kwakunguLothani, uShobhali, uZibhiyoni, u-Ana, 30uDishoni, u-Ezeri, noDishani. Babebusa amaHori ngokwezigaba zabo eSeyiri.
Amakhosi Akwa-Edomi
(1 IZik. 1:43-54)
31 Lawa ngamakhosi ayebusa kwa-Edomi kungakabi bikho nkosi kwa-Israyeli: 32uBhela, indodana kaBheyori, wabusa kwa-Edomi, emzini owawubizwa ngokuthi yiDinihabha. 33Kuthe ukuba akhothame uBhela, ubukhosi bathathwa uJobhabhu, indodana kaZera waseBhozira. 34Wakhothama uJobhabhu, ubukhosi bathathwa uHushama waseThemane. 35Wakhothama uHushama, ubukhosi bedlulela kuHadada, indodana kaBhedada owanqoba abakwaMidiyani esifundeni kwaMowabi. Igama lomuzi ayebusa kuwo kwakuthiwa yi-Avithi. 36Wakhothama uHadada, kwabusa uSamila waseMasireka. 37Wakhothama uSamila, kwathatha uShawuli waseRehobhothi ngasemfuleni. 38Wakhothama noShawuli, kwabusa uBhali Hanana, indodana ka-Akhibhori. 39Wakhothama noBhali Hanana, indodana ka-Akhibhori, kwase kubusa uHadari. Igama lomuzi ayebusa kuwo kwakuthiwa yiPhawu; igama lendlovukazi kunguMehethabheli, indodakazi kaMathiredi, owayeyindodakazi kaMezahabhi.
Amakhosi Akwa-Edomi Adabuka Ku-Esawu
40 Lawa ngamagama ezkhulu ezadabuka ku-Esawu ngemindeni nangezifunda zawo: nguThimna, u-Alva, uJethethi, 41u-Oholibhama, u-Ela, uPhinoni, 42uKhenazi, uThemane, uMibhizari, 43uMagidiyeli no-Iramu. Laba babeyizikhulu kwa-Edomi ezifundeni ababakhe kuzo, ezweni elaliyifa lazo. U-Esawu ngukhokho wabakwa-Edomi.

Currently Selected:

IGenesisi 36: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in