YouVersion Logo
Search Icon

IGenesisi 19

19
Ukubhujiswa KweSodoma NeGomora
1 Izingelosi ezimbili zafinyelela eSodoma kusihlwa; uLothi wayehlezi esangweni eSodoma. Uthe angazibona, wasukuma, wazihlangabeza, wathi mbo ngobuso emhlabathini. 2 Wathi kuzo: “Makhosi ami, ake niphambukele endlini yenceku yenu ukuze nithole amanzi okugeza izinyawo, nilale okwanamuhla, bese nivuka ekuseni niqhubeke nohambo lwenu.”
Zamphendula zathi: “Qha, sizohlala emgwaqweni.”
3 ULothi wazibelesela ezincenga zaze zaphambuka zangena endlini yakhe. Wabe esezilungisela idili, wazenzela namaqebelengwane angenamvubelo; zadla. 4 Kwathi lapho zingakalali, kwafika bonke abesilisa baseSodoma, abancane nabadala, bazungeza indlu kaLothi. 5Bammemeza uLothi bethi: “Akuphi lawa madoda angenise kuleyo ndlu namuhla na? Akhiphele lapha phandle siwalale.”
6ULothi wayesephumela phandle, wavala umnyango. 7Wathi: “Bakwethu! Musani ukwenza into embi kangaka. 8 Lalelani lapha, nginamadodakazi amabili aseyizintombi; ngivumeleni ngininikeze wona nizibonele. Inqobo nje uma ningezukuwathinta lawa madoda angenise kwami ngokuba kuyisibopho sami ukuwavikela.”
9Bathi: “Suka lapha lesi sifiki! Usuzosishayela imithetho! Sesizohlupha wena-ke kakhulu kunawo.”
Ayesemdudula uLothi aze acishe awufohloza umnyango. 10 Amadoda ayesendlini amdonsela ngaphakathi uLothi, ayesevala umnyango. 11 Abesilisa abasha nabadala ababengaphandle kwendlu kaLothi bashaywa ngobumpumputhe, bawufuna umnyango baze badikibala. 12Amadoda ayesendlini ambuza uLothi athi: “Uhlala nobani kuleli khaya na? Khipha amadodana akho, nabakhwenyana bakwakho, namadodakazi, nabo bonke ohlala nabo niphume kulo muzi. 13 Isikhalo ngalo muzi sesisikhulu phambi kukaSimakade. Ngalokho usithumile ukuba sizowubhubhisa.”
Izingelosi Zisindisa ULothi Nomndeni
14 ULothi waphuma wakhuluma nabakhwenyana bakwakhe, wathi: “Phuthumani niphume niphele kulo muzi, ngokuba uSimakade uzowubhubhisa.”
Kepha bekuzwa lokho bakuthatha njengamancoko nje.
15Entathakusa, izingelosi zamnxusa uLothi zathi: “Lo muzi uzobhujiswa ngenxa yobubi bawo, ngalokho wena phangisa uvuke, uthathe umkakho namadodakazi akho womabili, funa ubhujiswe nawo.”
16 Esabamba eyeka, amadoda amxhakathisa ngesandla, yena, nomkakhe, namadodakazi akhe womabili, abakhiphela ngaphandle komuzi, ngokuba uSimakade ngomusa wakhe wayefuna ukubaphephisa. 17 Anele abakhipha nje, enye yamadoda yathi kuye: “Yithi galo yephuka uphephise impilo yakho. Ungajeqezi emuva futhi ungami ngisho ethafeni. Phikelela ezintabeni, ngokuba ungase uficwe ngamathonsi abanzi.”
18ULothi wathi kuwo: “Yobe, makhosi ami, 19ningenzele uzwelo nangiphatha ngomusa nangiphephisa. Kodwa angikwazi ukubalekela ezintabeni, funa ngehlelwe yinhlekelele, ngibhubhe. 20Nankuya umuzi omncane oseduze, futhi mncane, ngingabalekela kuwo, ngiphephe.”
21Yathi: “Kulungile, ngiyakuzwela kulokho, angisezukuwubhubhisa lo muzi owushoyo. 22 Kepha phangisa ubalekele kuwo, ngoba akukho engingakwenza ungakafiki kuwo.”
Yingakho lowo muzi ubizwa ngokuthi yiZowari. 23Kwathi eqambe efika eZowari uLothi, kwase kuse gelekeqe.
Isibabule Nomlilo Esodoma NaseGomora
24 USimakade wehlisela ikloba lomlilo wesibabule njengemvula phezu kweSodoma neGomora, livela ezulwini. 25 USimakade wayibhubhisa kanjalo-ke leyo mizi nesifunda sonke, nabo bonke ababakhe kuyo, nokumile emhlabathini. 26 Kwathi besabaleka, umkaLothi wajeqeza emuva, wayesephenduka insika kasawoti.
27 U-Abhrahama wavuka kusempondozankomo waphindela endaweni lapho ayekade emi khona phambi kukaSimakade. 28Kwathi lapho ethi uphonsa amehlo ezansi eSodoma naseGomora ebuka lonke izwe lamathafa, wabona isikhatha sentuthu senyuka sifana nentuthu yesithando somlilo.
29 Ngesikhathi uNkulunkulu ebhubhisa imizi eyayisethafeni wamkhumbula u-Abhrahama, wangambhubhisa uLothi naleyo mizi ayekade ehlala kuyo.
Imvelaphi YabakwaMowabi Nabakwa-Amoni
30ULothi wasuka eZowari wakhuphukela entabeni, wahlala khona namadodakazi akhe amabili, ngokuba babesaba ukuhlala eZowari, ngakho-ke wahlala emgedeni namadodakazi akhe amabili. 31Langa limbe indodakazi endala kaLothi yathi kwencane: “Ezweni lonke abantu bayaganana, kodwa lapha akukho ndoda esingayigana kanti nobaba usegugile. 32Woza simgcince ngewayini adakwe, bese silala naye ukuze silondoloze uzalo lwakithi, siluphembe ngaye.”
33Ngalobo busuku amgcinca ngewayini uyise, kwangena endala yalala naye, kodwa uLothi akezwanga lutho; akayizwanga ilala nalapho isivuka. 34Ngakusasa indodakazi endala yathi kwencane: “Ngilalile nobaba izolo. Asimphuzise iwayini nanamhlanje bese wena ungena ulale naye, siphembe uzalo ngaye.”
35Nangalobo busuku abuye amgcinca ngewayini uyise, kwase kungena indodakazi encane yalala naye, nalapho uLothi akezwanga lutho; akayizwanga ilala nalapho isivuka.
36ULothi wawakhulelisa omabili amadodakazi akhe. 37 Indodakazi endala yazala umfana yamqamba yathi nguMowabi. Nguyena ongukhokho wesizwe sakwaMowabi nanamhlanje. 38 Indodakazi encane yazala nayo umfana yamqamba yathi nguBheni-Ami. Ungukhokho wesizwe sabakwa-Amoni nanamhlanje.

Currently Selected:

IGenesisi 19: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in