YouVersion Logo
Search Icon

IGenesisi 17

17
Ukuthenjiswa Kuka-Isaka Nokuguquka Kwegama
1 Kwathi u-Abhrama eseneminyaka engama-99, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu uSomandla. Hamba phambi kwami ungenasici. 2 Ngizosigcina isivumelwano esiphakathi kwami nawe, ngikwandise kakhulu.”
3 U-Abhrama wakhothama wathi mbo ngobuso, uNkulunkulu wathi kuye: 4 “Mina ngiyazibophezela kulesi sivumelwano engisenza nawe: uyakuba nguyise wezizwe eziningi. 5 Igama lakho alisayukuba ngu-Abhrama, kepha selizokuba ngu-Abhrahama, ngokuba ngikwenze uyise wezizwe eziningi. 6 Ngizokwandisa kakhulu, kuvele kuwe izizwe eziningi ngisho namakhosi imbala. 7 Ngiyakumisa isivumelwano esiphakade phakathi kwami nawe, nezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wakho nowazo. 8 Ngikunika lonke iKhanani ongumfokazi kulo njengamanje, libe yifa lakho laphakade nelezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wazo.”
Isivumelwano Sokusoka
9 Wayesethi uNkulunkulu ku-Abhrahama: “Gcina isivumelwano sami, wena nezizukulwane zakho. 10 Yilesi isivumelwano sami nawe nezizukulwane zakho, okufanele nisigcine: wonke umuntu wesilisa phakathi kwenu kufanele asokwe, 11 ukuze lokhu kube wuphawu lwesivumelwano phakathi kwami nani. 12 Ezizukulwaneni zonke umntwana ongumfana phakathi kwenu, osenezinsuku eziyisishiyagalombili ezelwe, kufanele asokwe, ngisho nalabo abazalelwe kwakho abangazalwa nguwe, noma ngabe bathengwe ngemali kowezizwe, 13 noma ngabe bazalelwe kwakho, noma bathengwe ngemali; mabasokwe. Lolu phawu alushaywe emizimbeni yenu lube yisivumelwano sami saphakade. 14Bonke abesilisa abangasokile bayonqunywa, bangahlanganyeli nabantu bakubo, ngokuba basephulile isivumelwano sami.”
USarayi Uba NguSara
15UNkulunkulu wabuye wathi ku-Abhrahama: “USarayi umkakho awusezukumbiza ngoSarayi, igama lakhe sekuzokuba nguSara. 16 Ngizombusisa akuzalele indodana, abe ngunina wezizwe eziningi okuyovela kuzo amakhosi ayobusa izizwe.”
17 U-Abhrahama wakhothama wathi mbo ngobuso wahleka, wakhuluma yedwa wathi: “Indoda ingayizala kanjani ingane isinekhulu leminyaka na? USara angabe esakwazi ukuzala ingane esehlanganise iminyaka engama-90, na?”
18Wathi u-Abhrahama kuNkulunkulu: “Sengathi u-Ishmayeli angaphila phambi kwakho.”
19 UNkulunkulu wathi: “Akunjalo; ngumkakho uSara ozokuzalela indodana; uyiqambe igama uthi ngu-Isaka. Ngiyosigcina isivumelwano sami nakuye, sibe yisivumelwano saphakade ngisho nasesizukulwaneni sakhe. 20 Mayelana no-Ishmayeli ngisizwile isicelo sakho, naye ngizombusisa ngimuphe inzalo eningi, nezizukulwane eziningi. Uyakuba nguyise wamakhosi ayi-12, ngimenze abe yisizwe esikhulu. 21 Kepha isivumelwano sami ngiyosimisa no-Isaka, ozomzalelwa nguSara ngalesi sikhathi, ngonyaka ozayo.”
22 UNkulunkulu eseqedile ukukhuluma no-Abhrahama, wenyuka, wamshiya.
Ukusokwa Kwabantu Baka-Abhrahama
23 Ngalolo lusuku u-Abhrahama wabiza u-Ishmayeli nazo zonke izinceku ezazizalelwe kwakhe, nazo zonke izigqila ayezithengile, wabasoka, njengalokhu uNkulunkulu ayemyalile. 24 U-Abhrahama wayesehlanganise iminyaka engama-99 mhla esokwa. 25 U-Ishmayeli wayeseqede iminyaka eyi-13 mhla esokwa. 26Ngalelo langa kwasokwa u-Abhrahama no-Ishmayeli indodana yakhe, 27nabo bonke abendlu yakhe, labo ababezalelwe kwakhe, nezigqila ezazithengwe kwabezizwe.

Currently Selected:

IGenesisi 17: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in