YouVersion Logo
Search Icon

KwabaseGalathiya 4

4
NgoKhristu Sithola Ukuba Sibe Ngabantwana BakaNkulunkulu
1Manje ngithi, ngesikhathi indlalifa iseyingane, ayehlukile neze esigqileni nanxa iyinkosi yakho konke. 2Iphansi komqaphi nomphathi, kuze kufike isikhathi esamiswa nguyise phambilini. 3 Nathi ngokunjalo, siseyizingane, sasiyizigqila phansi kwezimfundiso zomhlaba. 4 Kepha lapho sesifikile isikhathi esimisiweyo, uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe, eyazalwa ngowesifazane, izelwe phansi komthetho, 5 ukuze ikhulule labo abaphansi komthetho, samukele ukuba ngamadodana. 6 Lokhu ningamadodana, uNkulunkulu uthumele uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zethu, omemeza ethi: “Abba, Baba!” 7 Ngakho-ke awusesona isigqila, kodwa indodana; kepha uma uyindodana, uyindlalifa ngaye uNkulunkulu.
Ukukhathazeka KukaPawula NgabaseGalathiya
8 Ngesikhathi ningakamazi uNkulunkulu, naniyizigqila zonkulunkulu mbumbulu. 9 Lokhu manje seniyamazi uNkulunkulu noma seniyaziwa nguNkulunkulu, kungani pho seniphindela ezintweni ezingelutho, senifuna futhi ukuba yizigqila zazo na? 10 Senigcina izinsuku, izinyanga nezikhathi, neminyaka. 11 Nginovalo ngani, funa ngikhandlekele ize ngenxa yenu.
12 Ngifuzeni, ngokuba nami nginjengani, ngiyanincenga bazalwane. Aningonanga ngalutho. 13 Niyazi ukuthi ngenxa yokuba buthaka enyameni, ngashumayela ivangeli kini okokuqala, 14 nanxa ubuthaka bami babuyijoka kini, kodwa anizange ningicunukele noma ningenyanye. Nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunkulu, kwangathi nginguKhristu uqobo. 15Pho selushonephi loluya gqozi enaninalo na? Ngiyaqinisa ukuthi naningawakhipha amehlo enu niwanike mina uma kwakunokwenzeka. 16 Ngabe sengiphenduke isitha senu ngokunitshela iqiniso na?
17 Bakhombisa intshisekelo ngani engenabuhle, bafuna ukunahlukanisa nami ukuze nihungeke nilandele bona. 18Kepha kuhle ukuba nentshisekelo ngokuhle, kodwa makungabi nxa ngikhona kini kuphela. 19 Bantwana bami, enginezinseka ngani, uKhristu aze abunjwe kini; 20 ngifisa sengathi ngabe nginani manje, ukuze lishintshe iphimbo lokukhuluma kwami, ngenxa yokuba ngikhathazekile kakhulu ngani.
OSara NoHagari Bayimifanekiso Yezivumelwano Ezimbili
21 Ngitsheleni nina enifuna ukuba phansi komthetho, aniwuzwa yini umthetho na? 22 Ngokuba kulotshiwe ukuthi u-Abhrahama wayenamadodana amabili, enye kungeyesigqilakazi enye kungeyokhululekileyo. 23 Kepha eyesigqilakazi yayizelwe ngokwenyama, kodwa eyokhululekileyo izelwe ngokwesithembiso.
24 Lokhu kungukufanekisa nje, ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili. Esinye ngesasentabeni iSinayi esiletha ubugqila, esinguHagari. 25UHagari manje uyintaba iSinayi ese-Arabhiya, efanayo neJerusalema manje, ngokuba lisebugqileni nabantwana balo. 26 Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lingumama wethu. 27 Ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“Thokoza wena nyumba ongazalanga,
dazuluka wena ongakaze uhelelwe,
ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi
kunabantwana bonendoda.”
28 Kepha nina bazalwane, ningabantwana besithembiso, njengo-Isaka. 29 Njengalokhu owayezelwe ngokwenyama wamhlupha owayezelwe ngokukaMoya, kusenjalo namanje. 30 Kepha uthini umbhalo na? Uthi: “Xosha isigqilakazi nendodana yaso, indodana yesigqilakazi ayinakulidla ifa kanye nendodana yokhululekileyo.”
31 Ngakho-ke bazalwane, asisibo abantwana besigqilakazi, kodwa singabantwana bokhululekileyo.

Currently Selected:

KwabaseGalathiya 4: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in