UHezekeli 35
35
Isiphrofetho Ngentaba ISeyiri
1Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngasentabeni iSeyiri uphrofethe umelane nayo, 3uthi kuyo, ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngimelene nawe ntaba iSeyiri; ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikushaye, ngikwenze ube yincithakalo neze. 4Imizi yakini ngiyakuyenza ibe yihlane, wena ube yincithakalo; uyakukwazi ukuthi nginguSimakade.
5“ ‘ “Ngenxa yokuba unobutha obungapheliyo, futhi unikele abakwa-Israyeli ukuba badliwe yinkemba lapho behlelwa yisigemegeme, ngesikhathi bethola isijeziso sabo sokugcina, 6ngakho-ke ngifunga ngiyagomela,” ’ ” kusho iNkosi uNkulunkulu, “ ‘ “ngiyakukunikela ekuchithekeni kwegazi, ukuchitheka kwegazi kube yinsakavukela kuwe, ngokuba awukuzondi ukuchitha igazi. 7Intaba iSeyiri ngiyakuyenza ibe yincithakalo neze, ngimbulale odlula kuyo nobuya kuyo. 8Ngiyakugcwalisa izintaba zayo ngababuleweyo bayo, abagwazwe ngenkemba bayakuwela emagqumeni akho, ezigodini zakho, nakuyo yonke imifula yakho. 9Ngiyakukwenza incithakalo yaphakade, imizi yakini ingabe isahlala muntu, ukuze nazi ukuthi nginguSimakade.
10“ ‘ “Ngokuba wathi: ‘Lezi zizwe ezimbili nalawa mazwe amabili kuyakuba ngokwami, ngidle ifa lakho,’ nakuba uSimakade ebelapho, 11ngakho-ke ngifunga ngiyagomela,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade, “ ‘ “ngiyakwenza njengolaka lwakho nanjengomhawu wakho obafele wona ngokubazonda kwakho, ngizazise kubo, lapho sengikwehlulela. 12Kulapho-ke uyokwazi khona ukuthi nginguSimakade. Ngiyizwile yonke inhlamba yakho oyithuke usezintabeni zakwa-Israyeli, uthi: Yincithakalo; siphiwe zona ukuba sizidle.
13“ ‘ “Nizikhukhumezile kimi ngomlomo wenu, naphindaphinda amazwi enu. Mina ngizwile.” ’ ”
14Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Kuyakuthi lapho umhlaba wonke uthokoza, wena ngikwenze ube yincithakalo. 15Njengoba nawe wathokoza ngefa lendlu yakwa-Israyeli, lapho iba yincithakalo, ngiyakwenza kanjalo nakuwe. Wena ntaba iSeyiri uyakuba yincithakalo, naye wonke u-Edomi, yebo, wonke jikelele, bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.”
Currently Selected:
UHezekeli 35: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.