UHezekeli 3
3
1Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, yidla lokhu okutholayo, wudle lo mqulu, uhambe uyokhuluma nendlu yakwa-Israyeli.”
2Ngawuvula umlomo wami, wangidlisa lo mqulu.
3Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, sidlise isisu sakho, izibilini zakho uzigcwalise ngalo mqulu engikunika wona.”
Ngawudla, waba mnandi njengoju emlonyeni wami.
4Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, hamba uye endlini yakwa-Israyeli, ukhulume amazwi ami kuyo. 5Ngokuba awuthunywa kubantu abalulimi lwabo lulukhuni, lungaqondakali, kodwa uthunywa endlini yakwa-Israyeli, 6futhi akuyibo abantu abaningi abakukhuluma kwabo kungezwakali nolimi lwabo lungaqondakali, ongaqondi namazwi abawashoyo. Impela ukuba bengikuthume kubantu abanjalo, bebeyakukulalela. 7Kepha indlu yakwa-Israyeli ayiyukukulalela futhi ayizimisele ukungilalela nami, ngokuba yonke indlu yakwa-Israyeli inebunzi elilukhuni nenhliziyo eqinile. 8Ngenza ubuso bakho bube lukhuni njengobuso babo, nebunzi lakho libe lukhuni njengamabunzi abo. 9Ngilenze ibunzi lakho lalukhuni njengedayimani, lalukhuni ukwedlula insengetsha. Ungabesabi, ungapheli amandla ngenxa yabo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.”
10Wabuye wathi kimi: “Ndodana yomuntu, wonke amazwi ami engiyakuwakhuluma kuwe, afake enhliziyweni yakho, uwezwe ngezindlebe zakho. 11Hamba uye kubathunjwa, kubantwana babantu bakini, ukhulume kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade,’ noma ngabe bayalalela noma abakulaleli.”
12UMoya wayesengiphakamisa, ngezwa izwi lokuduma okukhulu emva kwami, lithi: “Mayibusiswe inkazimulo kaSimakade endaweni yakhe.”
13Ngezwa nomsindo wokuthintana kwamaphiko ezidalwa, nowamasondo ayeseceleni kwazo, umsindo wokuduma okukhulu. 14Umoya wawusungiphakamisa, wangisusa. Ngahamba nginomunyu nokuthukuthela emoyeni wami, isandla sikaSimakade sasinzima phezu kwami.
Umphrofethi Ungumlindi
15Ngafika ngaseTheli Avivi, kubathunjwa ababehlala ngasemfuleni iKhebhari. Ngahlala phakathi kwabo, ngahlala izinsuku eziyisikhombisa ngimangele. 16Kwathi ekupheleni kwezinsuku eziyisikhombisa, kwafika kimi izwi likaSimakade, lathi: 17“Ndodana yomuntu, ngikuqoke ukuba ngumlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli, ngakho-ke uyakuzwa izwi eliphuma emlonyeni wami, ungixwayisele bona. 18Uma ngithi komubi: ‘Uyakufa nokufa,’ bese ungamxwayisi; ungakhulumi umxwayise omubi endleleni yakhe embi, ukuba omubi umsindise, uyakufa ngenxa yezono zakhe, kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho. 19Kepha wena, uma umxwayisile omubi, kodwa akaze abuyeka ububi bakhe nendlela yakhe embi, uyakufa ngenxa yesono sakhe, kodwa wena uwusindisile umphefumulo wakho.
20“Lapho olungileyo eguquka ekulungeni kwakhe, enze okubi, bese ngibeka isikhubekiso phambi kwakhe, uyakufa. Uma ungamxwayisanga ngenxa yesono sakhe, uyakufa, kuthi izenzo zakhe ezilungileyo azenzile zingabe zisakhunjulwa, kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho. 21Kepha uma umxwayisa olungileyo ukuze angoni, bese ngempela angoni, uyakuphila nokuphila, ngokuba exwayile, nawe-ke uyobe uwusindisile umphefumulo wakho.”
22Isandla sikaSimakade saba phezu kwami, wayesethi kimi: “Sukuma, hamba uye ethafeni, ngiyakukhuluma nawe lapho.”
23Ngasukuma, ngahamba ngaya ethafeni; inkazimulo kaSimakade yayimi khona, injengenkazimulo engayibona ngasemfuleni iKhebhari, ngase ngikhothama, ngathi mbo ngobuso.
24UMoya wawusungena kimi, wangimisa ngezinyawo. Wakhuluma kimi, wathi: “Hamba uzivalele endlini yakho. 25Kepha wena ndodana yomuntu, bayakubeka izintambo kuwe, bakubophe ngazo ukuze ungaphumi uhambe phakathi kwabo. 26Ngiyakwenza ulimi lwakho lunamathele olwangeni lwakho, ube yisimungulu, ukuze ungabi ngumuntu obayalayo, ngokuba bayindlu ehlubukayo. 27Kuyothi lapho ngikhuluma nawe, ngivule umlomo wakho, bese uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade.’ Ozwayo makezwe, onganaki makanganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo.”
Currently Selected:
UHezekeli 3: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.