YouVersion Logo
Search Icon

UHezekeli 15

15
Umvini Owomileyo
1Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, kungani ukuba ukhuni lomvini luyedlule yonke eminye imithi, negatsha lomvini phakathi kwezinye izihlahla ehlathini na? 3Kungathathwa yini ukhuni kuwo ukuba kwenziwe ngalo okuthile na? Abantu bangawenza yini amahhuku okuphanyeka okuthile? 4Lapho selufakwe emlilweni ukuba kubaswe izihloko zalo zombili sezidliwe ngumlilo, kanjalo nesiqu salo sesishile, ngabe lusenawo yini umsebenzi na? 5Uma ngesikhathi lusaphelele belungenamsebenzi walutho, kungenziwani ngalo lapho seludliwe ngumlilo, lwasha na?
6“Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘njengokhuni lomvini oluphakathi kwezihlahla zehlathi, engilunikele emlilweni ukuba lushe, kanjalo-ke ngizinikele izakhamuzi zaseJerusalema. 7Ngiyakubhekana nazo ngqo, ngimelane nazo, nakuba ziphumile emlilweni, nokho ziyakuqedwa yiwo umlilo, niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade lapho sengibhekene nazo ngqo. 8Izwe ngiyakulenza libe yincithakalo, ngokuba abethembekanga, kusho iNkosi uSimakade.’ ”

Currently Selected:

UHezekeli 15: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in